Basize Babuye Ngaphandle Kokulibala!
“Ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.”—JOH. 6:68.
1. UPetru wathini lapho abafundi abaningi beshiya uJesu?
UJESU KRISTU wake washiywa abafundi bakhe abaningi ngoba bekhutshwe ngenye yezimfundiso zakhe. Wabe esebuza abaphostoli bakhe: “Nifuna ukuhamba yini nani?” UPetru waphendula: “Nkosi, ubani esizoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade.” (Joh. 6:51-69) Yayingekho enye indawo ababengaya kuyo. UbuJuda babungenawo “amazwi okuphila okuphakade,” futhi ngokuqinisekile amazwi anjalo awanakutholakala eBhabhiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Ngakho-ke, “sekuyihora lokuba” noma ibaphi abalahlekelene nomhlambi kaNkulunkulu kodwa abafuna ukujabulisa uJehova ‘baphaphame ebuthongweni’ futhi babuyele emhlambini.—Roma 13:11.
2. Yini okufanele ikhunjulwe njalo ngokuphathelene nezindaba eziyimfihlo noma ezidinga ikomiti yokwahlulela?
2 UJehova wayezikhathalela izimvu ezilahlekile zakwa-Israyeli. (Funda uHezekeli 34:15, 16.) Ngokufanayo, abadala banesifiso nesibopho sokusiza imvu eye yalahlekelana nomhlambi. Uma babela ummemezeli ukuba afunde nomuntu osepholile ofisa ukuthola usizo, yini okufanele yenziwe uma oqhuba isifundo ethola ukuthi lowo muntu uye wenza isono esingathí sina? Kunokuba amnikeze iseluleko nganoma iyiphi indaba edinga ikomiti yokwahlulela noma eyimfihlo, ummemezeli kufanele asikisele ukuba akhulume nabadala. Uma engakwenzi lokho, ummemezeli nguyena okufanele azise abadala.—Lev. 5:1; Gal. 6:1.
3. Umuntu owayenezimvu eziyikhulu wazizwa kanjani lapho ethola eyayilahlekile?
3 Esihlokweni esandulele, kukhulunywe ngomfanekiso kaJesu womuntu owayenezimvu eziyikhulu. Lapho kulahleka eyodwa, washiya ezingu-99 wayoyifuna. Yeka indlela ajabula ngayo lapho eyithola! (Luka 15:4-7) Nathi sijabula ngendlela efanayo lapho kubuya imvu kaNkulunkulu ebilahlekile. Beshukunyiswe uthando, abadala namanye amalungu ebandla cishe baye bamvakashela umuntu opholile. Nabo bafuna ukumbona ebuyela emhlambini futhi athole isivikelo, isibusiso nokusekelwa uNkulunkulu. (Dut. 33:27; IHu. 91:14; IzAga 10:22) Uma kuvela ithuba lokusiza kule ndaba, yini abangayenza?
4. Iliphi iphuzu elikweyabaseGalathiya 6:2, 5?
4 Mhlawumbe bangakhuthaza lo muntu ukuba abuyele ebandleni ngokumbonisa ngomusa ukuthi uJehova uyazithanda izimvu zakhe nokuthi izinto azifunayo kithi azikho ngaphezu kwamandla ethu. Lezi zinto zihlanganisa ukutadisha imiBhalo, ukuba khona emihlanganweni yobuKristu nokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Kungase kufaneleke ukufunda eyabaseGalathiya 6:2, 5 bese sichaza ukuthi amaKristu angasiza ekusithwaliseni imithwalo, kodwa “yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo” wemfanelo ongokomoya. Akekho ongasithwalela umthwalo wokwethembeka kuNkulunkulu.
Ingabe Bacindezelwe ‘Izinkathazo Zokuphila’?
5, 6. (a) Kungani kubalulekile ukuba sikulalelisise okushiwo esikholwa nabo asebepholile? (b) Ungabasiza kanjani abapholile ukuba babone ukuthi ukungahlanganyeli nabantu bakaNkulunkulu kubalimazile?
5 Ukuze bazi ukuthi bangabasiza kanjani abakholwa nabo abapholile, abadala nabanye abamemezeli abavuthiwe kudingeka balalelisise lapho laba bantu beveza imizwa yabo. Ake sithi ungumdala futhi uhambele umbhangqwana oshadile ongasezi emihlanganweni ngoba ucindezelwe ‘izinkathazo zokuphila.’ (Luka 21:34) Kungenzeka ukuthi yizinkinga ezingokwezimali noma ukwanda kwemithwalo yemfanelo yomkhaya okwagcina kuwenze waphola ngokomoya. Mhlawumbe unomuzwa wokuthi udinga ukuthatha ikhefu, kodwa ungase uwubonise ukuthi ukuzihlukanisa akulona ikhambi. (Funda izAga 18:1.) Ungase uwubuze ngokuhlakanipha: “Selokhu nayeka ukuya esifundweni, ingabe niyajabula? Ingabe ukuphila komkhaya wenu kuye kwaba ngcono? Ingabe injabulo kaJehova iseyinqaba yenu?”—Neh. 8:10.
6 Ukuzindla ngemibuzo enjalo kungasiza abapholile ukuba babone ukuthi ukungahlanganyeli kwabo nebandla kuye kwehlisa ingokomoya nenjabulo yabo. (Math. 5:3; Heb. 10:24, 25) Singase sikwazi ukubasiza ukuba baqaphele ukuthi ukuyeka ukushumayela izindaba ezinhle kuye kwabaqedela injabulo. (Math. 28:19, 20) Ngakho-ke, isiphi isinyathelo okungaba ukuhlakanipha ngabo ukusithatha?
7. Singabakhuthaza ukuba benzeni labo abaye balahlekelana nomhlambi?
7 UJesu wathi: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu nezinkathazo zokuphila . . . Khona-ke, hlalani niphapheme, ngaso sonke isikhathi ninxusa ukuba niphumelele ekuphunyukeni kuzo zonke lezi zinto ezimiselwe ukwenzeka.” (Luka 21:34-36) Labo abaye baduka kodwa asebefuna ukuthola injabulo abake baba nayo, bangakhuthazwa ukuba bathandazele umoya ongcwele nosizo lukaNkulunkulu futhi benze ngokuvumelana nemithandazo yabo.—Luka 11:13.
Ingabe Bakhubeka?
8, 9. Umdala angase abonisane kanjani nomuntu owakhubeka?
8 Ngenxa yokuthi abantu abaphelele, kuba khona izingxabano, futhi lokhu kungase kubakhube abanye. Abanye baye bakhubeka lapho umuntu abamhloniphayo ebandleni enza okuphambene nemiBhalo. Uma opholile eye walinyazwa yilokho, umdala omhambele angase ambonise ukuthi uJehova akakhubekisi muntu. Pho umuntu angabunqamulelani ubuhlobo bakhe noNkulunkulu kanye nabantu baKhe? Akufanele yini aqhubeke ekhonza uNkulunkulu, eqiniseka ukuthi “uMahluleli womhlaba wonke” uyakwazi okwenzeka futhi uyozisingatha izindaba ngendlela efanele? (Gen. 18:25; Kol. 3:23-25) Uma umuntu ekhubeka ngokoqobo futhi awe, uye avuke azithathe.
9 Lapho umdala ezama ukusiza ngokomoya, angase athi njengoba isikhathi sihamba, abanye baye bathola ukuthi lokho okwabakhuba akusabonakali kubaluleke kangako. Empeleni, kungenzeka ayisekho naleyo nto eyabakhubekisa. Uma umuntu akhubeka ngoba athola isiyalo, ukuzindla ngosizo lomthandazo kungase kumenze aphethe ngokuthi naye wayenze iphutha futhi kwakungafanele avumele ukukhutshekiswa yileso siyalo.—IHu. 119:165; Heb. 12:5-13.
Ingabe Bakhutshwa Imfundiso Ethile?
10, 11. Ukukhuluma ngani okungase kusize lapho sizama ukusiza othile owayeyiqonda ngenye indlela imfundiso ethile yeBhayibheli?
10 Kungenzeka ukuthi abanye baye bashiya umhlambi kaNkulunkulu ngenxa yokuthi babengavumelani nemfundiso ethile engokomBhalo. Ama-Israyeli akhululwa ebugqilini eGibhithe “ayikhohlwa imisebenzi” uNkulunkulu ayewenzele yona futhi ‘awazange alinde iseluleko sakhe.’ (IHu. 106:13) Kungasiza ukukhumbuza opholile ukuthi “inceku ethembekileyo neqondayo” isinikeza ukudla okungokomoya okuhle kakhulu. (Math. 24:45) Yileyo ndlela lowo muntu alifunda ngayo iqiniso ekuqaleni. Pho kungani engenakuzimisela ukuphinde ahambe eqinisweni?—2 Joh. 4.
11 Lapho ezama ukusiza labo abaye balahlekelana nomhlambi kaNkulunkulu, umdala angase akhulume ngabafundi abashiya uJesu ngoba bekhutshwe enye yezimfundiso zakhe. (Joh. 6:53, 66) Ngokuzihlukanisa noKristu nabalandeli bakhe abaqotho, abazange besazazisa izinto ezingokomoya futhi injabulo yabo yaphela. Ingabe labo abaye bayeka ukuhlanganyela nebandla lobuKristu baye bathola enye indawo ebanikeza ukudla okungokomoya okucebile? Cha, bangayitholaphi ngoba ayikho enye!
Ingabe Benza Isono Esingathí Sina?
12, 13. Uma othile oye walahlekelana nomhlambi evuma ukuthi wenze isono esingathí sina, angasizwa kanjani?
12 Abanye abantu bayayeka ukushumayela nokuya emihlanganweni yebandla ngoba benze isono esingathí sina. Bangase bacabange ukuthi uma besivuma kubadala, bazosuswa ekuhlanganyeleni. Kodwa ngeke baxoshwe ebandleni uma sebewuyekile umkhuba ongqubuzana nemiBhalo futhi bephenduka ngempela. (2 Kor. 7:10, 11) Kunalokho, bayokwamukelwa futhi abadala bayobanikeza usizo olungokomoya abaludingayo.
13 Uma ungummemezeli ovuthiwe owabelwe ukuba usize osepholile, kufanele wenzeni lapho ekutshela ukuthi uye wenza isono esingathí sina? Njengoba kuphawuliwe ngenhla, kunokuba uzihilele kakhulu kuleso simo, sikisela ukuba akhulume nabadala. Uma engafuni ukwenza kanjalo, wena uyobe ubonisa ukuthi uyalikhathalela igama likaJehova kanye nenhlalakahle engokomoya yebandla ngokwenza ngokuvumelana neziqondiso zikaNkulunkulu ezindabeni ezinjalo. (Funda uLevitikusi 5:1.) Abadala bayazi ukuthi bangamsiza kanjani umuntu ofisa ukubuya futhi aphile ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Kungase kudingeke ayalwe ngothando. (Heb. 12:7-11) Uma umuntu evuma ukuthi uye wona kuNkulunkulu, eseyekile ukwenza okubi, futhi ephenduke ngempela, abadala bayomsiza futhi angathola intethelelo kaJehova.—Isaya 1:18; 55:7; Jak. 5:13-16.
Ukubuya Kwendodana Kuletha Injabulo
14. Ngamazwi akho, landisa umfanekiso kaJesu wendodana yolahleko.
14 Lapho ezama ukusiza imvu edukile, lowo owabelwe ukusiza angase akhulume ngomfanekiso kaJesu okuLuka 15:11-24. Kulo mfanekiso, insizwa ethile isaphaza ifa layo ngokuphila ukuphila okuxekethile. Ekugcineni iyakwenyanya lokho kuphila ngamanyala. Ilambile, ikhumbule ekhaya futhi seyenze isinqumo—ibuyela ekhaya! Lapho isekude, uyise uyayibona, agijimele kuyo futhi awele entanyeni yayo ayange ngesisa echichima injabulo. Ukuzindla ngalo mfanekiso kungashukumisa umuntu obesedukile ukuba abuyele emhlambini. Njengoba lesi simiso sezinto sizobhujiswa maduzane, kufanele ‘abuye ekhaya’ ngaphandle kokulibala.
15. Kungani abathile begcina belishiyile ibandla?
15 Iningi lalabo abagcina beshiye ibandla alifani ncamashi nendodana yolahleko. Abanye bakhukhuleka kancane kancane, njengesikebhe esikhukhuleka kancane kancane sisuka ogwini size singene olwandle. Abanye basindwa kakhulu izinkathazo baze balahlekelwe umbono wezinto ezingokomoya. Kanti abanye bavuma ukuba bakhutshekiswe othile abahlanganyela naye ebandleni, noma balishiya ngoba bengavumelani nemfundiso ethile engokomBhalo. Abambalwa bahileleka ekuziphatheni okungqubuzana nemiBhalo. Nokho, amaphuzu okukhulunywe ngawo aphathelene nalezi zindaba angase anisize ukuba nisize labo abaye bashiya umhlambi ngalezi zizathu noma ngezinye ukuba babuyele kungakephuzi kakhulu.
“Siyakwamukela Ekhaya, Ndodana!”
16-18. (a) Omunye umdala wamsiza kanjani umzalwane owayesephole iminyaka? (b) Yini eyayenze ukuba lo mzalwane aphole, kodwa wasizwa kanjani, futhi ibandla lamamukela kanjani?
16 Umdala othile uthi: “Indikimba yabadala yebandla lethu inesithakazelo esikhulu ekuhambeleni abapholile. Ngacabanga ngomzalwane engamfundela futhi ngamsiza ukuba azi iqiniso. Wayesephole iminyaka engu-25 futhi ebhekene nesimo esinzima kakhulu, ngakho ngamchazela ukuthi ukusebenzisa izimiso ezitholakala eBhayibhelini kungamsiza. Ngemva kwesikhathi esithile, waqala ukuza eHholo LoMbuso futhi wavuma ukuba nesifundo seBhayibheli esasizosiza ekuqiniseni ukuzimisela kwakhe ukubuyela emhlambini.”
17 Yini eyenza ukuba lo mzalwane aphole? Uyavuma: “Ngaqala ukunaka kakhulu izinto zezwe kunezinto ezingokomoya. Ngabe sengiyeka ukutadisha, ukuya ensimini nasemihlanganweni yebandla. Ngazithola sengingaphandle kwebandla lobuKristu. Kodwa isithakazelo esiqotho umdala othile angibonisa sona sangisiza ukuba ngibuyele ebandleni.” Izinkinga zalo mzalwane zaqala ukuncipha ngemva kokwamukela isifundo seBhayibheli. Uthi, “Ngaqaphela ukuthi ekuphileni kwami ngangidinga uthando nesiqondiso sikaJehova nesenhlangano yakhe.”
18 Ibandla lamamukela kanjani lo mzalwane? Uthi: “Ngizizwa njengendodana yolahleko uJesu Kristu akhuluma ngayo. Empeleni, omunye wodadewethu osekhulile owayekulelo bandla eminyakeni engu-30 edlule futhi osakhonza uJehova ngokwethembeka wathi kimi, ‘Siyakwamukela ekhaya, ndodana!’ Lokho kwangithinta inhliziyo ngempela. Ngempela ngase ngisekhaya. Ngifisa ukuzwakalisa ukwazisa kwami okuqotho ngothando, imfudumalo, isineke nesithakazelo esaboniswa yilowo mdala nayilo lonke ibandla. Uthando lwabo ngoJehova nangomakhelwane lwangisiza ngempela ukuba ngibuyele emhlambini.”
Bakhuthaze Bathathe Isinyathelo Manje!
19, 20. Ungabakhuthaza kanjani abapholile ukuba babuyele emhlambini ngaphandle kokulibala, futhi ungababonisa kanjani ukuthi uNkulunkulu akalindele okungaphezu kwalokho esingakwenza?
19 Siphila ezinsukwini zokugcina, futhi ukuphela kwalesi simiso sezinto sekuseduze. Ngakho, khuthaza abapholile ukuba babe khona emihlanganweni yobuKristu futhi baqale ngokushesha. Bakhumbuze ukuthi uSathane uzama ukulimaza ubuhlobo babo noNkulunkulu futhi abenze bacabange ukuthi bangathola impumuzo ezinkathazweni zokuphila ngokushiya ukukhulekela kweqiniso. Ungabaqinisekisa ngokuthi ukuphela kwento engabenza bathole ukuqabuleka kweqiniso ukuba abalandeli bakaJesu.—Funda uMathewu 11:28-30.
20 Khumbuza abapholile ukuthi lokho uNkulunkulu akulindele kithi yilokho esingakwenza. Lapho abanye begxeka uMariya, udadewabo kaLazaru, ngokugcoba uJesu ngamafutha abizayo anamakha ngaphambi nje kokufa kwakhe, wathi: “Myekeni. . . . Wenze abengakwenza.” (Marku 14:6-8) UJesu watusa umfelokazi ompofu owanikela ngomnikelo omncane kakhulu ethempelini. Naye wenza lokho ayengakwenza. (Luka 21:1-4) Iningi lethu lingakwazi ukuba khona emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Ngosizo lukaJehova, abaningi abapholile manje bayokwazi ukwenza okufanayo.
21, 22. Ungabaqinisekisa ngani labo ababuyela kuJehova?
21 Uma umuntu oyimvu eye walahlekelana nomhlambi futhi esenamahloni okuphinde ahlangane nabafowabo, ungase umkhumbuze ngenjabulo eyaba khona lapho indodana yolahleko ibuya ekhaya. Labo ababuyela ebandleni bajatshulelwa ngenjabulo efanayo. Bakhuthaze ukuba bathathe isinyathelo manje sokumelana noDeveli futhi basondele kuNkulunkulu.—Jak. 4:7, 8.
22 Labo ababuyela kuJehova balindelwe ukwamukelwa ngenjabulo. (IsiL. 3:40) Akungabazeki ukuthi okuhlangenwe nakho kwangesikhathi esidlule enkonzweni kaNkulunkulu kwakubalethela injabulo. Labo ababuyela emhlambini ngaphandle kokulibala balindelwe izibusiso eziningi esikhathini esizayo!
Ungaphendula Kanjani?
• Ungamsiza kanjani umKristu owakhubeka wabe esephola?
• Imaphi amaphuzu ongawasebenzisa ukuze usize umuntu owashiya umhlambi kaNkulunkulu ngenxa yombono wakhe ngemfundiso ethile?
• Singamsiza kanjani umuntu omanqikanqika ukubuyela ebandleni?
[Isithombe ekhasini 13]
Lalelisisa lapho esikholwa naye owaphola eveza imizwa yakhe
[Isithombe ekhasini 15]
Ukuzindla ngomfanekiso kaJesu wendodana yolahleko kungashukumisa abathile ukuba babuyele emhlambini