Ingabe ‘Ungumphathi Womusa Ongafanelwe KaNkulunkulu’?
“Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.”—ROMA 12:10.
1. IZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngani?
IZWI LIKANKULUNKULU lisiqinisekisa ngokuphindaphindiwe ngokuthi uJehova uyosisiza lapho sidangele noma sisosizini. Ngokwesibonelo, phawula la mazwi aduduzayo: “UJehova usekela bonke abawayo, futhi uvusa bonke abakhotheme.” “Uphulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.” (IHu. 145:14; 147:3) Ngaphezu kwalokho, uBaba wethu osezulwini ngokwakhe uthi: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’”—Isaya 41:13.
2. UJehova uzisekela kanjani izinceku zakhe?
2 Nokho, njengoba uJehova ehlala emazulwini angabonakali, ‘usibamba kanjani isandla sethu’? ‘Usivusa kanjani lapho sikhothanyiswe’ ubuhlungu benhliziyo? UJehova uNkulunkulu usisekela ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, ngomoya wakhe ongcwele, unikeza abantu bakhe “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Kor. 4:7; Joh. 14:16, 17) Izinceku zikaNkulunkulu zithola amandla aqinisayo nangesigijimi esiseZwini lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli. (Heb. 4:12) Ikhona yini enye indlela uJehova asiqinisa ngayo? Impendulo siyithola encwadini yokuQala kaPetru.
‘Umusa Ongafanelwe KaNkulunkulu Ubonakaliswa Ngezindlela Ezihlukahlukene’
3. (a) Umphostoli uPetru uthini ngezilingo? (b) Kuxoxwa ngani engxenyeni yokugcina yencwadi kaPetru yokuqala?
3 Ebhalela amakholwa agcotshwe ngomoya, umphostoli uPetru uthi anesizathu esizwakalayo sokujabula ngoba alindelwe umvuzo ocebile. Ube esenezela: “Nakuba manje, uma kumelwe kube njalo, niye nenziwa lusizi yizilingo ezihlukahlukene okwesikhashana.” (1 Pet. 1:1-6) Phawula igama elithi “ezihlukahlukene.” Lisikisela ukuthi izilingo ziyoba nhlobonhlobo. Nokho, uPetru akagcini lapho, ashiye abafowabo bezibuza ukuthi kazi bayokwazi yini ukubhekana nalezo zilingo ezihlukahlukene. Kunalokho, ubonisa ukuthi amaKristu angaqiniseka ngokuthi uJehova uzowasiza ukuba abhekane ngokuphumelelayo nesilingo ngasinye ahlangabezana naso, kungakhathaliseki ukuthi esaluphi uhlobo. Leso siqinisekiso sinikezwa engxenyeni yokugcina yencwadi kaPetru, lapho lo mphostoli edingida khona izindaba eziphathelene ‘nokuphela kwazo zonke izinto.’—1 Pet. 4:7.
4. Kungani amazwi akweyoku-1 Petru 4:10 esiduduza?
4 UPetru uthi: “Ngokwesilinganiso ngamunye amukele ngaso isipho, sisebenziseni ekukhonzaneni njengabaphathi abahle bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu obonakaliswe ngezindlela ezihlukahlukene.” (1 Pet. 4:10) Nalapha, uPetru usebenzisa igama elithi “ezihlukahlukene.” Empeleni uthi, ‘Izilingo ziyahlukahluka, kodwa noNkulunkulu ubonakalisa umusa wakhe ongafanelwe ngezindlela ezihlukahlukene.’ Kungani la mazwi eduduza? Asikisela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi isilingo esihlangabezana naso singesaluphi uhlobo, ngaso sonke isikhathi kuyoba nokubonakaliswa komusa wakhe ongafanelwe okuyosisiza sisikhuthazelele. Nokho, emazwini kaPetru, uyiqaphelile yini indlela uJehova asibonisa ngayo umusa wakhe ongafanelwe? Ngokusebenzisa amanye amaKristu.
‘Ukukhonzana’
5. (a) Yini umKristu ngamunye okufanele ayenze? (b) Imiphi imibuzo ephakamayo?
5 Ekhuluma nawo wonke amalungu ebandla lobuKristu, uPetru uthi: “Ngaphezu kwakho konke, yibani nothando olukhulu ngomunye nomunye.” Ube esenezela: “Ngokwesilinganiso ngamunye amukele ngaso isipho, sisebenziseni ekukhonzaneni.” (1 Pet. 4:8, 10) Ngakho, ngamunye ebandleni kufanele abambe iqhaza ekwakheni amaKristu akanye nawo. UJehova usiphathise into yakhe eyigugu, futhi sinomthwalo wemfanelo wokuyidlulisela kwabanye. Yini lena esiphathiswe yona? UPetru uthi “isipho.” Siyini leso sipho? ‘Sisisebenzisa kanjani ekukhonzaneni’?
6. Iziphi ezinye zezipho amaKristu aphathiswe zona?
6 IZwi likaNkulunkulu lithi: “Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu.” (Jak. 1:17) Ngempela, zonke izipho uJehova azipha abantu bakhe ziwukubonakaliswa komusa wakhe ongafanelwe. Esinye isipho esivelele uJehova asipha sona siwumoya ongcwele. Lesi sipho sisenza sikwazi ukuhlakulela izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu ezinjengothando, ubuhle nobumnene. Izimfanelo ezinjalo zisishukumisela ukuba sibabonise uthando esikholwa nabo futhi sibasekele ngokuzithandela. Ukuhlakanipha nolwazi lweqiniso nakho kuphakathi kwezipho ezinhle esizithola ngosizo lomoya ongcwele. (1 Kor. 2:10-16; Gal. 5:22, 23) Empeleni, wonke amandla, amakhono namathalenta esinawo singawabheka njengezipho okufanele zisetshenziselwe ukudumisa uBaba wethu osezulwini. Sinomthwalo wemfanelo esiwunikwe uNkulunkulu wokusebenzisa amakhono nezimfanelo zethu njengendlela yokudlulisela umusa ongafanelwe kaNkulunkulu kwesikholwa nabo.
“Sisebenziseni Ekukhonzaneni”—Kanjani?
7. (a) Igama elithi “ngokwesilinganiso” libonisani? (b) Imiphi imibuzo okufanele sizibuze yona, futhi ngani?
7 Ngokuphathelene nezipho esiye sazithola, uPetru ubuye athi: “Ngokwesilinganiso ngamunye amukele ngaso isipho, sisebenziseni.” Isiphawulo esithi “ngokwesilinganiso” sibonisa ukuthi izimfanelo namakhono kungase kuhluke, hhayi nje kuphela ngohlobo kodwa nangezinga. Noma kunjalo, ngamunye ukhuthazwa ukuba ‘asebenzise’ noma isiphi isipho asiphiwe ‘ekukhonzeni abanye.’ Ngaphezu kwalokho, inkulumo ethi “sisebenziseni . . . njengabaphathi abahle” iwumyalo. Ngakho, kufanele sizibuze: ‘Ingabe ngempela izipho engiphathiswe zona ngizisebenzisela ukuqinisa amanye amakholwa?’ (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:9, 10.) ‘Noma ingabe amakhono engiwaphiwe uJehova ngiwasebenzisela ukuzizuzisa mina ngokuyinhloko—mhlawumbe ukuze ngithole ingcebo noma isikhundla esithile emphakathini?’ (1 Kor. 4:7) Uma sisebenzisa izipho zethu “ekukhonzaneni,” siyobe sijabulisa uJehova.—IzAga 19:17; funda amaHebheru 13:16.
8, 9. (a) Iziphi ezinye izindlela amaKristu emhlabeni wonke akhonza ngazo abafowabo? (b) Abazalwane nodade ebandleni lakini basizana kanjani?
8 IZwi likaNkulunkulu likhuluma ngezindlela ezihlukahlukene amaKristu ekhulu lokuqala ayekhonzana ngazo. (Funda amaRoma 15:25, 26; 2 Thimothewu 1:16-18.) Nanamuhla, amaKristu eqiniso awulalela ngenhliziyo yonke umyalo wokusebenzisa izipho zawo ekukhonzaneni. Cabanga ngezinye izindlela akwenza ngazo lokhu.
9 Abazalwane abaningi bachitha amahora amaningi inyanga ngayinye belungiselela izabelo zemihlangano. Lapho sebesemihlanganweni bedlulisela ukwaziswa okuyigugu abakuthole ngesikhathi betadisha iBhayibheli, amazwi abo anokuqondisisa asiza bonke ebandleni ukuba bakhuthazele. (1 Thim. 5:17) Abazalwane nodade abaningi baziwa ngokubonisa uthando nobubele kwamanye amakholwa. (Roma 12:15) Abanye babavakashela njalo labo abacindezelekile futhi bathandaze nabo. (1 Thes. 5:14) Abanye babhalela amanye amaKristu abhekene nobunzima obuthile izincwadi ezinamazwi acatshangelwe kahle athinta inhliziyo. Kanti abanye babasiza ngomusa labo ababuthakathaka emzimbeni ukuba baye emihlanganweni yebandla. Izinkulungwane zoFakazi zihlanganyela emsebenzini wokusiza lapho kuvele izinhlekelele, zisize amanye amakholwa ukuvusa imizi ecekeleke phansi. Uthando lwesisa nosizo olungokoqobo olunikezwa yilaba bazalwane nodade abakhathalelayo kuwukubonakaliswa ‘komusa ongafanelwe kaNkulunkulu obonakaliswa ngezindlela ezihlukahlukene.’—Funda eyoku-1 Petru 4:11.
Ikuphi Okubaluleke Kakhulu?
10. (a) Iziphi izici ezimbili zenkonzo yakhe kuNkulunkulu uPawulu ayekhathazeke ngazo? (b) Singamlingisa kanjani uPawulu namuhla?
10 Izinceku zikaNkulunkulu aziphathiswanga kuphela isipho okufanele zisisebenzise ekukhonzeni amanye amakholwa, kodwa ziphathiswe nesigijimi okufanele zisitshele abanye abantu. Umphostoli uPawulu waziqaphela lezi zici ezimbili zenkonzo yakhe kuJehova. Wabhalela ibandla lase-Efesu “ngobuphathi bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu” ayebunikiwe obabuzozuzisa lona. (Efe. 3:2) Kodwa wabuye wathi: “Siye satholwa nguNkulunkulu singabakufanelekelayo ukuphathiswa izindaba ezinhle.” (1 Thes. 2:4) NjengoPawulu, nathi siyaqaphela ukuthi siphathiswe umsebenzi wokuba abashumayeli boMbuso kaNkulunkulu. Ngokuhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela, silwela ukulingisa isibonelo sikaPawulu sokuba abashumayeli abangakhathali bezindaba ezinhle. (IzE. 20:20, 21; 1 Kor. 11:1) Siyazi ukuthi ukushumayela isigijimi soMbuso kungasindisa ukuphila, kodwa ngesikhathi esifanayo silwela ukulingisa uPawulu ngokufuna amathuba ‘okudlulisela isipho esithile esingokomoya’ kwesikholwa nabo.—Funda amaRoma 1:11, 12; 10:13-15.
11. Kufanele sizibheke kanjani izabelo zethu zokushumayela nokwakha abafowethu?
11 Imuphi kule misebenzi yobuKristu emibili obaluleke kakhulu? Ukubuza umbuzo onjengalo kungacishe kufane nokubuza lokhu ngenyoni, Iliphi iphiko elibaluleke kakhulu? Impendulo isobala. Inyoni iwadinga womabili amaphiko ukuze ikwazi ukundiza kahle. Ngokufanayo, kudingeka sihlanganyele kuzo zombili lezi zici zenkonzo yethu kuNkulunkulu ukuze sibe amaKristu aphelele. Ngakho, kunokubheka izabelo zethu zokushumayela izindaba ezinhle nokwakha esikholwa nabo njengezingahlobene, sizibheka ngendlela abaphostoli uPetru noPawulu abazibheka ngayo—njengemithwalo yemfanelo ephelelisanayo. Ngayiphi indlela?
12. Siba kanjani amathuluzi asetshenziswa uJehova?
12 Njengabashumayeli bezindaba ezinhle, sisebenzisa noma imaphi amakhono okufundisa okungenzeka sinawo ukuze sizame ukufinyelela izinhliziyo zomakhelwane bethu ngesigijimi esikhuthazayo soMbuso kaNkulunkulu. Ngokwenza lokhu, sethemba ukuthi siyokwazi ukubasiza ukuba babe abafundi bakaKristu. Nokho, sisebenzisa nanoma imaphi amakhono nezinye izipho okungenzeka sinazo ukuze sizame ukukhuthaza esikholwa nabo ngamazwi akhayo nangezenzo eziwusizo—okuwukubonakaliswa komusa ongafanelwe kaNkulunkulu. (IzAga 3:27; 12:25) Ngaleyo ndlela, sizama ukubasiza ukuba baqhubeke bengabafundi bakaKristu. Yomibili le misebenzi—ukushumayela obala ‘nokukhonzana’—isinika ilungelo elimangalisayo lokuba amathuluzi asetshenziswa uJehova.—Gal. 6:10.
“Thandanani Omunye Nomunye”
13. Kungenzekani uma sizigodla ‘singakhonzani’?
13 UPawulu wanxusa akholwa kanye nabo: “Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Ngempela, ukuthanda abafowethu kusishukumisela ukuba sikhonze ngenhliziyo yethu yonke njengabaphathi bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu. Siyaqaphela ukuthi uma uSathane engaphumelela ukusenza sizigodle ‘singakhonzani,’ uyokwenza ubunye bethu bube buthaka. (Kol. 3:14) Ukungabi nobunye kona kungaqeda intshiseko emsebenzini wokushumayela. USathane wazi kahle ukuthi kudingeka nje akhubaze elinye lamaphiko ethu angokomfanekiso ukuze asiwise.
14. ‘Ukukhonzana’ kwethu kuzuzisa obani? Nikeza isibonelo.
14 ‘Ukukhonzana’ akugcini nje ngokuzuzisa labo abathola umusa ongafanelwe kaNkulunkulu, kodwa nalabo abawudluliselayo. (IzAga 11:25) Ngokwesibonelo, cabanga ngoRyan noRoni, umbhangqwana wase-Illinois, e-U.S.A. Lapho bezwa ukuthi iSiphepho uKatrina sasicekele phansi amakhulu emizi yabanye oFakazi, uthando lobuzalwane lwabashukumisela ukuba bayeke imisebenzi yabo, badele ifulethi labo, bathenge umahamba-nendlwana oyisekeni bawulungise, base beya eLouisiana, indawo eqhele ngamakhilomitha angu-1 400. Bahlala lapho isikhathi esingaphezu konyaka basebenzisa isikhathi, amandla nemali yabo ekusizeni abafowabo. URyan, oneminyaka engu-29 uthi: “Ukuba nengxenye emsebenzini wokusiza abavelelwe yinhlekelele kwangisondeza kakhulu kuNkulunkulu. Ngabona indlela uJehova anakekela ngayo abantu bakhe.” Uyanezela: “Ukusebenza nabazalwane abadala kunami kwangifundisa okuningi ngendlela yokunakekela abafowethu. Ngafunda nokuthi kuningi thina esisebasha esingakwenza enhlanganweni kaJehova.” URoni, oneminyaka engu-25, uyaphawula: “Ngiyabonga ngokuthi ngibé nengxenye ekusizeni abanye. Ngizizwa ngijabule ngokwengeziwe kunanini ngaphambili. Ngiyazi ukuthi eminyakeni ezayo, ngizoqhubeka ngizuza kokuhlangenwe nakho esibe nakho lapha.”
15. Iziphi izizathu ezinhle esinazo zokuqhubeka sikhonza njengabaphathi bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu?
15 Ngempela, ukulalela umyalo kaNkulunkulu wokushumayela izindaba ezinhle nowokwakha esikholwa nabo kuletha izibusiso kithi sonke. Labo esibasizayo bayaqina ngokomoya, kanti thina sithola injabulo ejulile etholakala kuphela ngokupha. (IzE. 20:35) Ibandla lilonke liyasondelana njengoba wonke amalungu alo ekhathalelana ngothando. Ngaphezu kwalokho, uthando esilubonisa komunye nomunye lusibonakalisa ngokucacile ukuthi singamaKristu eqiniso. UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:35) Ngaphezu kwakho konke, udumo luya kuBaba wethu okhathalelayo, uJehova, lapho izinceku zakhe zasemhlabeni nazo zibonisa isifiso sakhe sokuqinisa abadinga ukuqiniswa. Khona-ke, yeka ukuthi sinezizathu ezinhle kanjani zokusebenzisa isipho sethu “ekukhonzaneni njengabaphathi abahle bomusa ongafanelwe kaNkulunkulu”! Ingabe uyoqhubeka wenza kanjalo?—Funda amaHebheru 6:10.
Uyakhumbula?
• UJehova uziqinisa ngaziphi izindlela izinceku zakhe?
• Yini esiphathiswe yona?
• Iziphi ezinye izindlela esingakhonza ngazo esikholwa nabo?
• Yini eyosishukumisela ukuba siqhubeke sisebenzisa isipho sethu ‘ekukhonzaneni’?
[Izithombe ekhasini 13]
Ingabe “isipho” sakho usisebenzisela ukukhonza abanye noma ukuzijabulisa wena?
[Izithombe ekhasini 15]
Sishumayela izindaba ezinhle kwabanye futhi sisekele amanye amaKristu
[Isithombe ekhasini 16]
Izisebenzi ezisiza ezikhathini zezinhlekelele ziyakufanelekela ukunconywa ngomoya wazo wokuzidela