Lokho Esikufunda KuJesu
Mayelana ‘Nokuphela’
Yini ezophela?
Abafundi bakaJesu bambuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) Lapho ephendula lowo mbuzo, uJesu akazange athi umhlaba ongokoqobo ozophela. Ngaphambidlana, wayekhulume ‘ngesimiso sezinto’ futhi esebenzise igama elibhekisela kuso sonke isimiso sezwe nesenkolo esilawulwa uSathane. (Mathewu 13:22, 40, 49) Wayekhuluma ngaleso simiso-ke lapho ethi: “Ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.
UJesu wakuchaza kanjani ukuphela?
Ukuphela kwalesi simiso esingenabulungisa ‘kuyizindaba ezinhle.’ UJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” Wakuchaza ngale ndlela ukuphela kwalesi simiso sezinto: “Kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona. Eqinisweni, ukube lezo zinsuku azifinyezwanga, akukho nyama ebiyosinda.”—Mathewu 24:14, 21, 22.
Obani abayobhujiswa?
Kuyobhujiswa kuphela labo abangamthandi futhi abangamkhonzi uJehova nabangahloniphi uJesu. Abantu abanjalo bamshaya indiva uNkulunkulu. UJesu wathi: “Njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu. Ngoba njengoba babenjalo ngalezo zinsuku zangaphambi kukazamcolo, . . . [abanakanga] kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke.” (Mathewu 24:36-39) UJesu wathi baningi abasendleleni eholela ekubhujisweni. Nokho, wanikeza isiqinisekiso sokuthi ‘kunendlela enyinyekile eholela ekuphileni.’—Mathewu 7:13, 14.
Siyophela nini lesi simiso sezinto?
Lapho uJesu ebuzwa ngesibonakaliso sokuba khona kwakhe “nesesiphelo sesimiso sezinto,” waphendula: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba . . . ngenxa yokwanda kokwephulwa komthetho uthando lwabaningi luyophola.” (Mathewu 24:3-12) Ngakho-ke, zonke izindaba ezibuhlungu esizizwa namuhla zisho okuthile okukhuthazayo—maduze uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu uzolethela isintu esilalelayo ukuthula. UJesu wathi: “Lapho nibona lezi zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:31.
Yini okufanele uyenze?
UJesu wathi uNkulunkulu “wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Ukuze ukwazi ukubonisa ukholo kuNkulunkulu naseNdodaneni yakhe, kudingeka ubazi kahle. Yingakho uJesu athi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Qaphela ukuba izinkathazo nezinkinga zingakuvimbeli ukuba ufunde indlela yokubonisa uthando onalo ngoNkulunkulu. UJesu wathi: “Qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe . . . izinkathazo zokuphila, ngokungazelelwe lolo suku lunifice ngaso leso sikhathi, njengogibe. Ngoba [luyofika].” Uma ulalela isixwayiso sikaJesu, ‘uyophumelela ekuphunyukeni kuzo zonke lezi zinto ezimiselwe ukwenzeka.’—Luka 21:34-36.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 9, esithi “Ingabe Siphila ‘Ezinsukwini Zokugcina’?” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?a
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.