Ezentsha Yethu
UJesu Umelana Nokulingwa
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abasemqoka abazizwa ngayo.
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UMATHEWU 4:1-11.
Chaza ihlane uJesu achitha kulo izinsuku ezingu-40.
․․․․․
Ulizwa linjani izwi loMlingi, elikaJesu lona?
․․․․․
ZINDLA NGOKUJULILE.
USathane wabonisa kanjani ukuthi usebenzisa noma imaphi amathuba avelayo? (Phinda ufunde ivesi 2.)
․․․․․
Kungani uDeveli engagcinanga ngokuthembisa uJesu yonke imibuso yomhlaba, kodwa amthembisa “nenkazimulo yayo”? (Phinda ufunde ivesi 8.)
․․․․․
Siyini isizathu okungenzeka sabangela ukuba uSathane akhethe ukulinga uJesu ngokumthembisa ukubusa?
․․․․․
(a) Isilingo sikaSathane ngasinye sembulani ngendlela yakhe yokucabanga? ․․․․․
(b) Ngokungafani noSathane, yembulani indlela uJesu asabela ngayo? ․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nesikhathi isilingo esingase sifike ngaso.
․․․․․
Nezindlela ezihlukahlukene uSathane angase azisebenzise ukuze asilinge.
․․․․․
Nendlela yokubhekana nesilingo.
․․․․․
YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․