Ukujabula Naphezu Kwezinsizi—Indlela IBhayibheli Elangisiza Ngayo
Ilandiswa U-Enrique Caravaca Acosta
Ngo-April 15, 1971, ngahamba ngayovakashela abasekhaya epulazini. Njengoba kwase kuyisikhashana ngagcina ukuvakasha, ngangibheke phambili ekubaboneni bonke. Ngangizibuza ukuthi kazi ngiyobathola bekhona bonke yini nokuthi ngangizobona bani kuqala. Lapho ngifika, kwaphela nasozwaneni lapho ngithola ukuthi kwakubulewe abantu abane—nomama engomunye wabo!
NGATHUKA kwaxhaphazela amathumbu. Kwakwenzekeni? Ngangizokwenzenjani? Kwakungenamuntu futhi ngavele ngangazi ukuthi ngithatheni ngihlanganise nani. Ngaphambi kokuba ngiqhubeke nendaba, ake ngikuthi fahla fahla ngemvelaphi yami. Lokho kuzokwenza uqonde ukuthi ngazizwa kanjani ngalokhu nangobunye ubunzima engiye ngabhekana nabo ekuphileni.
Sithola Iqiniso
Ngazalelwa eQuirimán, eduze kwaseNicoya, eCosta Rica. Nakuba sakhuliswa njengamaKatolika, kunezimfundiso zakhona esasingazizwa kahle futhi sinemibuzo eminingi eyayidinga ukuphendulwa.
Ngo-1953, ngesikhathi ngineminyaka engu-37 ubudala, futhi ngihlala nabazali bami epulazini lasekhaya, kwafika ekhaya indoda egama layo lingu-Anatolio Alfaro ngolunye usuku ekuseni, yasikhuthaza ukuba sitadishe iBhayibheli. Yasifundela imiBhalo eminingi saxoxa nangezimfundiso zeBhayibheli ezithile. Mina nobaba nomama nomfowethu nodadewethu nomngane wakhe owayehlala ekhaya sahlala sayilalela. Saxoxa usuku lonke kwaze kwaba sebusuku impela ngoba sasinemibuzo eminingi.
U-Anatolio walala ekhaya ngalobo busuku futhi wahlala nathi nangakusasa. Sazithanda izinto asitshela zona futhi sajabula nakakhulu lapho ephendula imibuzo yethu ngeBhayibheli. Leyo ngxoxo yasithinta ngokujulile. Sacabanga ngalokho esasikufundile, futhi savele sabona ukuthi sasithole iqiniso. U-Anatolio wasishiyela omagazini abathile nezincwadi zeBhayibheli. Ebusuku sasifunda lezo zincwadi ndawonye njengomndeni. Kodwa lokhu kwakungelula ngoba phela wawungekho ugesi. Ngaphambi kokuhlala phansi sifunde, ngamunye wayethatha isaka elikhulu lamazambane amboze ngalo imilenze nezinyawo ukuze singalunywa umiyane.
Ezinyangeni eziyisithupha kamuva, kwabhapathizwa mina nabazali bami kanye namalungu amabili omkhaya wakithi. Sigcwele injabulo, saqala ukushumayela endlini ngendlu ukuze sihlanganyele nabanye esasikufundile. Sasihamba cishe amahora amabili ngezinyawo, ngezinye izikhathi sigibele amahhashi siye edolobheni eliseduze, iCarrillo, ukuze sihlangane neqembu loFakazi BakaJehova lalapho. U-Anatolio waqhubeka nokuza ekhaya ezosifundela iBhayibheli. Kwabe sekuhlelwa ukuba kube nomhlangano ekhaya owawuba nabantu abangu-8. Bonke bagcina bebhapathiziwe. Lelo qembu lakhula laba ibandla elincane labantu abangaba ngu-20.
Ukukhonza UNkulunkulu Isikhathi Esigcwele
Ngokuhamba kwesikhathi, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseCosta Rica lacela bonke ababengase bakwazi ukushumayela isikhathi esigcwele ukuba benze kanjalo. Ngo-1957, ngasamukela leso sicelo futhi ngaqala inkonzo yesikhathi esigcwele. Lo msebenzi wawujabulisa kakhulu. Ngangivame ukuhamba ngedwa amahora amaningi ngiya kubantu abahlala emaphandleni. Ngezinye izikhathi abantu babengangamukeli. Ngikhumbula ngisikazwa amadoda ngocelemba izikhathi ezintathu, efuna ukwazi ukuthi ngingubani futhi ngenzani.
Kudala ngawo-1950, yayingekho imigwaqo kodwa kwakunezindlela zezinyawo, futhi kwakunzima ukufinyelela kubantu. Ukuze sikwazi ukuya ezindaweni ezithile, kwakudingeka sihambe ngamahhashi. Sasiwela imifula, futhi kunezikhashana ezithile lapho salala khona ngaphandle. Kwakunomiyane abaningi ababengeve bewuhlupho. Kwakudingeka nokuba siqaphe izinyoka nezingwenya. Naphezu kwakho konke lokho, ngangikujabulela ngempela ukusiza abantu bazi ngoJehova uNkulunkulu. Lapho ngibuyela ekhaya, ngangizizwa ngijabule futhi nganelisekile ngokuthi ngangikwazile ukuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye. Njengoba ngangiqhubeka nomsebenzi wami futhi ngifunda iBhayibheli usuku nosuku, uthando lwami ngoJehova uNkulunkulu lwakhula, futhi ngazizwa ngisondelene kakhudlwana naye.
Ngokuhamba kwesikhathi, nganikwa amalungelo engeziwe. Ngakhonza njengombonisi ojikelezayo iminyaka engaphezu kweyishumi, ngihambela futhi ngiqinisa amabandla isonto nesonto ezindaweni ezihlukahlukene. Nakuba izinkinga zempilo zenza ukuba ngiliyeke leli lungelo, ngaqhubeka ngijabulela ukukhonza uNkulunkulu isikhathi esigcwele.
Kugadla Usizi
Ngesikhathi ngiseNicoya ngo-1971, ngaya ekhaya ngiyovakasha. Lapho ngingena endlini, ngathola umama wami owayeneminyaka engu-80 elele phansi. Wayedutshuliwe futhi egwaziwe. Lapho ngigoba ukuze ngimbambe, ngathola ukuthi wayesaphefumula kodwa wabe eseshonela ezandleni zami. Ngathi ukuqalaqalaza, ngabona umama owayesiza ngokupheka futhi owayesesalelwe inyanga eyodwa abelethe, naye edindilize phansi ekhishini. Kwakusekuncane lokho ngoba ngabuye ngazithela phezu kwelungu lebandla elalilele phansi ephasishi nalo lishonile. Ngathola nendodana encane yalo mama owayesiza ngokupheka ishonele endlini yokugeza. Bonke babegwazwe ngesihluku futhi badutshulwa. Ngubani nje owayengenza into embi kangaka, futhi eyenzelani?
Lapho ngiphumela ngaphandle, ngathola ubaba. Naye wayedutshulwe ekhanda kodwa esaphila! Ngaphuthuma ngaya emzini womfowethu, owawuqhele ngemizuzu engu-15, nakhona ngafike ngazithela komunye wesifazane nendodana yakhe bebulewe. Yeka indlela engethuka ngayo lapho ngithola ukuthi babebulawe umshana wami oneminyaka engu-17 owayengeyena uFakazi nowayegula ngengqondo! Wayesagcwele izinkalo. Kwakuqala ngqa eCosta Rica ukuba kube nomkhankaso omkhulu ngaleya ndlela wokufuna umuntu.
Le ndaba yagcwala ezweni lonkana futhi yaphuma ezindabeni. Ngemva kwezinsuku ezingu-7, amaphoyisa amthola umbulali owayehlome ngocelemba nangevolovolo ayelithengiselwe umuntu owayazi kahle ukuthi uphazamisekile engqondweni nangokomzwelo. Umshana wami wadutshulwa wafa ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumbamba.
Ngesikhathi esafunwa, abaningi bangeluleka ngokuthi ngibaleke ngoba besaba ukuthi umshana wami angase abuye azongihlasela. Ngathandaza ngale ndaba ngoba nganginomuzwa wokuthi kudingeka ngibe namalungu omkhaya asele nabasebandleni. Ngakho ngahlala.
Ngehlelwa Ezinye Izinsizi Zilandelana
Okudabukisayo ukuthi ubaba washona ngemva konyaka. Ngonyaka owalandela, udadewethu, isikhonzi esithembekile sikaJehova uNkulunkulu, wabulawa kwesinye isigameko. Zonke izihlobo zami zaphinde zashaqeka ngokulahlekelwa elinye ilungu lomndeni. Kunzima ukuchaza imizwa yokulahlekelwa nobuhlungu thina nabangane bethu esabuzwa. Phakathi nabo bonke lobo bunzima, ngancika kakhulu kuJehova futhi ngaqhubeka ngimnxusa ukuba angiqinise.
Ngo-1985, ngaya esikoleni sezinsuku ezintathu sokuqeqeshwa kwabadala abangamaKristu enhloko-dolobha, eSan José. Ngemva kwaleso sikole, ngazizwa ngiqinile ngokomoya. NgoMsombuluko ekuseni ngahamba ngayogibela ibhasi eliya ekhaya. Njengoba ngangiya esitobhini, ngahlaselwa izigebengu, zangiklinya zangiphuca nezinto zami. Kwenzeka ngokushesha okukhulu kangangokuthi angikwazanga ukubona ubuso bazo. Lokhu kuye kwangenza ngangakwazi ukukhuluma ngokwenkambiso yaseCosta Rica. Lapha esifundeni saseGuanacaste, amadoda ayamemeza noma akhulumele phezulu lapho ehlangana futhi ebingelelana noma nje ukuze enze kwaziwe ukuthi asekhona endaweni. Ngaphambi kwalesi sigameko, ngangikwazi ukukhulumela phezulu, kodwa ngemva kwaso, angibange ngisakwazi.
Ngo-1979, ngashada noCelia, naye onguFakazi owayevela ebandleni elingumakhelwane. UCelia wayelithanda iBhayibheli. Sasilifunda futhi silitadishe ndawonye nsuku zonke. Okubuhlungu ukuthi wabulawa umdlavuza ngo-July 2001. Ngezinye izikhathi ngiba nesizungu, kodwa ithemba lovuko liyangiqinisa.—Johane 5:28, 29.
Ngijabule Naphezu Kwezinsizi
Nakuba ngiye ngabhekana nezinto ezibuhlungu kakhulu ekuphileni kwami ukudlula abantu abaningi, ngibheka lezi zinsizi njengamathuba okufakazela ukuthi nginokholo futhi ngiqotho kuJehova. (Jakobe 1:13) Ukuze ngihlale nginombono ofanele ngezinto eziye zangehlela, ngihlale ngizikhumbuza ukuthi “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.” (UmShumayeli 9:11) Ngiye ngizikhumbuze nokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina . . . okunzima ukubhekana nazo,” nokuthi siphila phakathi kwabantu abanolaka, ubudlova nabantula ukuzithiba. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngiye ngikhumbule nesibonelo sikaJobe. Naphezu kwabo bonke ubunzima abhekana nabo—ukushonelwa izingane zakhe, ukugula nokufelwa imfuyo—uJobe wahlala egxilile, wathi: “Maliqhubeke lituswa igama likaJehova.” UJehova wambusisa ngokucebile uJobe ngenxa yobuqotho bakhe. (Jobe 1:13-22; 42:12-15) Wonke la maphuzu aseBhayibhelini angisiza ukuba ngihlale ngijabule naphezu kwezinsizi zami eziningi.
UJehova uye wangisiza njalo ukuba ngiqhubeke ngimbeka kuqala ekuphileni kwami. Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kungiduduza kakhulu futhi kuye kwanginika amandla okukhuthazela. Ukuthandaza kuJehova kungisiza ukuba ngibe ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.’ (Filipi 4:6, 7) Lokhu kungenza ngibe nokuthula kwengqondo. Ukuya nokuhlanganyela emihlanganweni yobuKristu nakho kuqinisa ukholo lwami.—Hebheru 10:24, 25.
Nakuba manje sengigugile, ngiyambonga uJehova ngokuthi ngisenawo amandla okusebenza namanye amaKristu, okutadisha iBhayibheli nabanye nawokushumayela. Ukukhonza abanye ngalezi zindlela kunginika amandla okubhekana ngokuphumelelayo nosizi lwami. Ngimbonga ngokusuka enhliziyweni uJehova naphezu kwezinsizi eziningi ezingehlele ekuphileni kwami.a
[Umbhalo waphansi]
a Ngemva kweminyaka emibili ethumele le ndaba, u-Enrique Caravaca Acosta washona eneminyaka engu-90.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]
Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kungiduduza kakhulu futhi kuye kwanginika amandla okukhuthazela
[Isithombe ekhasini 19]
Ngesikhathi ngisazama ukubeka inkulumo yeBhayibheli
[Isithombe ekhasini 20]
Ngesikhathi ngisemusha ngisenkonzweni yokushumayela