Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe OFakazi BakaJehova Bayinkolo YamaProthestani?
OFakazi BakaJehova abazibheki njengenkolo yamaProthestani. Kungani kunjalo?
UbuProthestani bavela ngekhulu le-16 eYurophu, emzamweni wokuguqula izimfundiso zeSonto LamaRoma Katolika. Igama elithi “amaProthestani” laqala ukusetshenziswa kubalandeli bakaMartin Luther engqungqutheleni ebizwa ngokuthi i-Diet of Speyer yango-1529. Kusukela ngaleso sikhathi, leli gama liye lasetshenziswa lapho kuchazwa bonke abanamathela ezimisweni nasemigomweni yokufinyelela iziNguquko. I-Merriam-Webster’s Collegiate Dictionary, uHlelo lwe-11, ichaza elithi umProthestani ngokuthi “ilungu lanoma iziphi izinkolo ezingavumelani nokuthi uPapa unegunya emhlabeni wonke, ezinamathela emfundisweni yokusindiswa ngokholo kuphela eyasungulwa ngesikhathi seNguquko, ezikholelwa ekutheni wonke amakholwa angabapristi nokuthi iBhayibheli liwukuphela komthombo oqukethe iqiniso.”
Nakuba oFakazi BakaJehova bengavumelani nokuthi uPapa unegunya emhlabeni wonke, futhi besekela igunya leBhayibheli ngenhliziyo yonke, abafani namaProthestani ngezindlela eziningi. Eqinisweni, i-Encyclopedia of Religion ithi oFakazi BakaJehova “bahlukile.” Cabangela izindlela ezintathu abahluke ngazo.
Okokuqala, nakuba izinkolo zamaProthestani zingavumelani nezici ezithile zokukhulekela kwamaKatolika, abaholi beziNguquko baye bazigcina izimfundiso ezithile zamaKatolika, ezinjengokukholelwa kuZiqu-zintathu, isihogo somlilo nokungafi komphefumulo womuntu. Nokho, oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi lezo zimfundiso azingqubuzani nje kuphela neBhayibheli, kodwa ziphinde zikhuthaze umbono ophambene ngoNkulunkulu.—Bheka amakhasi 4-7 alo magazini.
Okwesibili, oFakazi BakaJehova abakhuthazi ukulwa noma ukuphikisana nezimfundiso ezithile zesonto, kodwa bagxila ezimfundisweni ezakhayo. Basithatha ngokungathí sina lesi seluleko seBhayibheli: “Inceku yeNkosi ayizifaki ezimpikiswaneni, kodwa kumelwe ibe nomusa kubo bonke, ibe umfundisi omuhle, futhi ibekezele. Kumelwe ibe nesineke lapho ilungisa abantu abaphikisa lokho ekushoyo.” (2 Thimothewu 2:24, 25, The Jerusalem Bible) OFakazi BakaJehova bayawuveza umehluko phakathi kwalokho okushiwo yiBhayibheli nalokho okufundiswa yizinkolo eziningi. Yize kunjalo, umgomo wabo awukona ukuguqula ezinye izinhlangano zenkolo. Kunalokho, uwukusiza abaqotho ukuba bazuze ulwazi olunembile ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe, iBhayibheli. (Kolose 1:9, 10) Lapho abantu abanezinkolelo ezihlukile kwezabo bephikelela nokuphikisa, oFakazi BakaJehova bayakugwema ukuhlanganyela ezimpikiswaneni ezingathí shu.—2 Thimothewu 2:23.
Okwesithathu, ngokungafani nenkolo yamaProthestani eye yabangela ukuba kube namaqembu amaningi ahlukahlukene enkolo, oFakazi BakaJehova baye balondoloza ubunye bobuzalwane bomhlaba wonke. Lapho kuziwa ezimfundisweni zeBhayibheli, oFakazi BakaJehova emazweni angaphezu kuka-230 balalela iseluleko somphostoli uPawulu ‘sokukhuluma ngokuvumelana.’ Akukho ukwehlukana phakathi kwabo. Kunalokho, ngobuqotho ‘bahlangene ngokufanele emqondweni ofanayo nasendleleni efanayo yokucabanga.’ (1 Korinte 1:10) Bendawonye, bazama ngenkuthalo “ukugcina ubunye bomoya esibophweni esihlanganisayo sokuthula.”—Efesu 4:3.