Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 11/15 kk. 12-13
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Kunini Futhi Kungani Kufanele Uthwale Ekhanda?
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ukuqonda Indlela Ubunhloko Obusebenza Ngayo Ebandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Abesifazane
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 11/15 kk. 12-13

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe kuyafaneleka ukuba udade athwale ekhanda lapho ehumushela izinkulumo zeBhayibheli olimini lwezandla emihlanganweni yebandla, yesifunda nekhethekile noma yesigodi?

Ngokuvamile, owesifazane ongumKristu kumelwe athwale lapho enza imisebenzi evame ukunakekelwa umyeni wakhe noma umzalwane ebandleni. Lokhu kuvumelana nesimiso esashiwo umphostoli uPawulu esithi “yilowo nalowo wesifazane othandaza noma aprofethe inhloko yakhe ingamboziwe uhlazisa inhloko yakhe” ngoba ‘inhloko yowesifazane yindoda.’ (1 Kor. 11:3-10) Lapho owesifazane ethwala ngendlela enesizotha nehloniphekile kulezo zimo, lokhu kuwuphawu lokuzithoba elungiselelweni elingokwasezulwini lebandla lobuKristu.—1 Thim. 2:11, 12.a

Nokho, yini okumelwe yenziwe uma udade ohumushela olimini lwezandla ehumushela umzalwane onikeza inkulumo? Yiqiniso, udade umane nje udlulisela inkulumo kolunye ulimi. Ngamanye amazwi, akafundisi kodwa ngumzalwane amhumushelayo ofundisayo. Nokho, ukuhumushela olimini lwezandla kuhluke kakhulu kunokuhumushela kwezinye izilimi ezikhulunywayo. Ezilimini ezikhulunywayo, izilaleli zingagxila esikhulumini kuyilapho zilalele umhumushi. Ngaphezu kwalokho, ngokungafani nodade abahumushela olimini lwezandla, izilaleli azigxili kulab’ odade abahumushela ezilimini ezikhulunywayo. Ngezinye izikhathi, bangase bahlale phansi uma bethanda lapho behumusha noma uma bemile, babheke isikhulumi kunokubheka izilaleli. Ngakho, ngeke kudingeke ukuba udade ohumushela olimini olukhulunywayo athwale.

Ngaphezu kwalokho, ngenxa yentuthuko kwezobuchwepheshe obusetshenziswa lapho izinkulumo zihunyushelwa olimini lwezandla, indima yomhumushi ingase igqanyiswe ngokwengeziwe. Izilaleli zingase zingasiboni nhlobo isikhulumi ngoba kuvela isithombe somuntu ohumushayo esihenqweni esikhulu. Ngenxa yalokhu, kubonakala kufaneleka ukuba udade ohumushela olimini lwezandla aqaphele indima yakhe njengomhumushi ngokuthwala ekhanda.

Lesi siqondiso esibukeziwe sikuthinta kanjani ukuhumushela olimini lwezandla izinkulumo zeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, imiboniso, nezimpendulo eSifundweni SeBhayibheli Sebandla, eMhlanganweni Wenkonzo nezeSifundo Se-Nqabayokulinda? Ingabe udade ohumushela olimini lwezandla kufanele athwale nakulezi zimo? Kubonakala sengathi kunezimo ezithile okungeke kudingeke ukuba udade athwale kuzo, ngoba bonke abakhona cishe bayoqonda ukuthi empeleni akaqhubi umhlangano. Ngokwesibonelo, ngeke kudingeke athwale lapho ehumusha izimpendulo zezilaleli, izinkulumo ezinikezwa odade noma imiboniso. Nokho, lapho ehumusha izinkulumo ezinikezwa abazalwane kule mihlangano, lapho ehumushela umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda noma weSifundo SeBhayibheli Sebandla, noma ehola ekuculeni ngolimi lwezandla, kufanele athwale. Phakathi nemihlangano, kungase kudingeke ukuba udade ahumushele abazalwane, odade, abantwana nabadala. Ngenxa yalokhu, kungase kube ukuhlakanipha ukuba athwale phakathi nawo wonke umhlangano.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngokuthwala ekhanda kwabesifazane abangamaKristu, bheka incwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu,” amakhasi 209-212.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela