Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 1/15 kk. 7-11
  • Ukuba OkaJehova Kuwumusa Ongafanelwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuba OkaJehova Kuwumusa Ongafanelwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba OkaJehova Kuholela Enjabulweni
  • UJehova Ulindele Lokho Esingakwenza
  • UJehova Unakekela Abantu Bakhe Ngabanye
  • Ukuvikela Uthando Lwakho NgoNkulunkulu
  • Ubani Osinika Inkululeko?
  • “Lapho Uya Khona Ngizoya Khona Nami”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • “Lapho Uya Khona Ngizoya Khona Nami”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Amandla Avikelayo—‘UNkulunkulu Uyisiphephelo Sethu’
    Sondela KuJehova
  • UJehova Uyisiphephelo Sethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 1/15 kk. 7-11

Ukuba OkaJehova Kuwumusa Ongafanelwe

“SingabakaJehova.”—ROMA 14:8.

1, 2. (a) Iliphi ilungelo esinalo? (b) Imiphi imibuzo esizoyicabangela?

YEKA ilungelo eliyigugu uJehova ayelinikeza isizwe sakwa-Israyeli lapho ethi kuso: “Ngokuqinisekile niyoba impahla yami ekhethekile kuzo zonke ezinye izizwe”! (Eks. 19:5) Namuhla, amalungu ebandla lobuKristu nawo anelungelo lokuba akaJehova. (1 Pet. 2:9; IsAm. 7:9, 14, 15) Kuyilungelo elingasizuzisa phakade.

2 Ngaphezu kokuba yilungelo, ukuba abakaJehova kuwumthwalo wemfanelo. Abanye bangase bazibuze: ‘Ngizokwazi yini ukwenza lokho uJehova akulindele kimi? Uma kwenzeka ngiwela esonweni, ingabe uyongilahla? Ingabe ukuba okaJehova kuyongiphuca inkululeko?’ Kuyafaneleka ukuxoxa ngokukhathazeka okunjalo. Nokho, kunomunye umbuzo okufanele uqale ucatshangelwe kahle: Ziyini izinzuzo zokuba okaJehova?

Ukuba OkaJehova Kuholela Enjabulweni

3. Isinqumo sikaRahabi sokukhonza uJehova samzuzisa kanjani?

3 Ingabe abantu abangabakaJehova bayazuza ngalokho? Cabanga ngendaba kaRahabi, isifebe esasihlala eJeriko yasendulo. Akungabazeki ukuthi wayekhule enza imikhuba yokukhulekelwa okwenyanyekayo konkulunkulu baseKhanani. Nokho, lapho ezwa ngokunqoba uJehova ayekunike u-Israyeli, waqaphela ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso. Ngakho, wafaka ukuphila kwakhe engozini evikela abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe futhi ngalokho ebeka ikusasa lakhe ezandleni zabo. IBhayibheli lithi: “URahabi isifebe, akushiwongo yini ukuthi ulungile ngemisebenzi, ngemva kokuba amukele izithunywa ngokufudumele futhi wazikhipha ngenye indlela?” (Jak. 2:25) Cabanga ngezinzuzo azithola lapho eba ingxenye yesizwe sikaNkulunkulu esihlanzekile, isizwe esasifundiswa ngoMthetho kaNkulunkulu ukuthi singalubonisa kanjani uthando nobulungisa. Yeka ukuthi kumelwe ukuba wajabula kanjani ngokuthi washiya indlela yakhe yokuphila yangaphambili! Washada nomIsrayeli futhi wazala indodana, uBhowazi, eyaba umuntu ovelele kaNkulunkulu.—Josh. 6:25; Ruthe 2:4-12; Math. 1:5, 6.

4. Isinqumo sikaRuthe sokukhonza uJehova samzuzisa kanjani?

4 URuthe wakwaMowabi naye wanquma ukukhonza uJehova. Cishe lapho eseyintombazane wakhulekela uKemoshi nabanye onkulunkulu bakwaMowabi, kodwa wazi uNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi washada nomIsrayeli owayeze ukuzokhosela ezweni lakubo. (Funda uRuthe 1:1-6.) Kamuva, lapho uRuthe nomnakwabo, u-Orpa, bethatha uhambo lokuya eBhetlehema noninazala, uNawomi wazikhuthaza lezi zintokazi ukuba zibuyele emakubo. Kwakungeke kube lula kuzo ukujwayela inhlalo yakwa-Israyeli. Nembala u-Orpa ‘wabuyela kubantu bakubo nakonkulunkulu bakhe,’ kodwa uRuthe akazange. Wenza ngokuvumelana nokholo lwakhe futhi wayazi ukuthi wayefuna ukuba okabani. Watshela uNawomi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ukuba ngibuyele emuva ngingahambi nawe; ngoba lapho uya khona ngizoya khona nami, nalapho ulala khona nami ngizolala khona. Abantu bakini bazoba ngabantu bakithi, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.” (Ruthe 1:15, 16) Ngenxa yokukhetha kwakhe ukukhonza uJehova, uRuthe wazuza eMthethweni kaNkulunkulu, owawunelungiselelo elikhethekile lokusiza abafelokazi, abampofu nabafokazi. Wathola injabulo, ukuvikeleka nokulondeka ngaphansi kwamaphiko kaJehova.

5. Yini oyiphawulile ngabantu abakhonza uJehova ngokwethembeka?

5 Kungenzeka kunabathile obaziyo abazinikezele kuJehova futhi osekungamashumi eminyaka bemkhonza ngokwethembeka. Babuze ukuthi baye bazuza kanjani ngokumkhonza. Nakuba engekho umuntu ongenazinkinga, kunobufakazi obunamandla obuqinisekisa amazwi omhubi: “Bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova!”—IHu. 144:15.

UJehova Ulindele Lokho Esingakwenza

6. Kungani kungafanele sesabe ukuthi asisoze sakwazi ukwenza lokho uJehova akulindele kithi?

6 Kungenzeka wake wazibuza ukuthi uyokwazi yini ukwenza lokho uJehova akulindele kuwe. Kulula ukuba nomuzwa wokuthi ngeke ukwazi ukuba inceku kaNkulunkulu, ukuphila ngomthetho wakhe nokukhuluma ngegama lakhe. Ngokwesibonelo, uMose wazizwa emncane lapho ethunywa ukuba ayokhuluma nama-Israyeli nenkosi yaseGibhithe. Kodwa wayengakwenza lokho uNkulunkulu ayekulindele kuye ngoba uJehova ‘wamfundisa ayezokwenza.’ (Funda u-Eksodusi 3:11; 4:1, 10, 13-15.) Njengoba uMose alwamukela usizo uJehova amnika lona, wathola injabulo ngokwenza intando kaNkulunkulu. Nanamuhla, singakwenza lokho uJehova akulindele kithi. Uyakuqonda ukungapheleli kwethu futhi ufuna ukusisiza. (IHu. 103:14) Ukukhonza uNkulunkulu njengomlandeli kaJesu kuyaqabula kunokuba kucindezele ngoba inkambo enjalo yokuphila izuzisa abanye futhi yenza inhliziyo kaJehova ijabule. UJesu wathi: “Wozani kimi, . . . ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo.”—Math. 11:28, 29.

7. Kungani ungaqiniseka ukuthi uJehova uyokusiza ukuba wenze lokho akulindele kuwe?

7 UJehova uyosinika isikhuthazo esisidingayo ngaso sonke isikhathi inqobo nje uma sincika emandleni akhe. Ngokwesibonelo, kubonakala sengathi uJeremiya wayenamahloni ngokwemvelo. Ngakho, lapho uJehova emabela ukuba abe umprofethi wakhe, uJeremiya wathi: “Maye, Nkosi EnguMbusi Jehova! Bheka empeleni angikwazi ukukhuluma, ngoba ngisewumfana nje.” Kamuva, waze wathi: “Ngeke ngisakhuluma egameni lakhe.” (Jer. 1:6; 20:9) Nokho, isikhuthazo sikaJehova samsiza ukuba akwazi ukushumayela isigijimi esasingathandeki iminyaka engu-40. UJehova wamqinisekisa ngokuphindaphindiwe: “Nginawe, ukuze ngikusindise futhi ngikukhulule.”—Jer. 1:8, 19; 15:20.

8. Sibonisa kanjani ukuthi sithembela kuJehova?

8 Njengoba nje uJehova aqinisa uMose noJeremiya, angasisiza ukuba senze lokho akulindele kumaKristu namuhla. Isihluthulelo siwukuncika kuye. IBhayibheli lithi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” (IzAga 3:5, 6) Sibonisa ukuthi sethembela kuJehova lapho sisebenzisa usizo alunikeza ngeZwi lakhe nangebandla. Uma sivumela uJehova ukuba aqondise izinyathelo zethu ekuphileni, akukho okuyosivimbela ukuba sethembeke kuye.

UJehova Unakekela Abantu Bakhe Ngabanye

9, 10. Ikuphi ukuvikelwa iHubo 91 elikuthembisayo?

9 Lapho becabangela isinqumo sokuzinikezela kuJehova, abanye kungenzeka bazibuza ukuthi kungenzeke yini ukuba bone kuJehova, bangabe besaba yilutho kuye futhi abalahle. Kuyajabulisa ukuthi uJehova usinikeza sonke isivikelo esisidingayo ukuze silondoloze ubuhlobo bethu naye obuyigugu. Ake sibone ukuthi lokhu kuchazwe kanjani kumaHubo 91.

10 Lelo hubo liqala kanje: “Noma ubani ohlala endaweni esithekile yoPhezukonke uyozitholela indawo yokungenisa khona impela phansi komthunzi woMninimandla onke. Ngizothi kuJehova: ‘Wena uyisiphephelo sami nenqaba yami, uNkulunkulu wami, engiyothembela kuye.’ Ngoba yena uyokukhulula esicuphweni somcuphi wezinyoni.” (IHu. 91:1-3) Phawula ukuthi uNkulunkulu uthembisa ukuvikela labo abamthandayo futhi abathembela kuye. (Funda iHubo 91:9, 14.) Wayekhuluma ngakuphi ukuvikelwa? Yebo, uJehova wavikela ukuphila kwezinye zezinceku zakhe zasendulo—kwezinye izimo enzela ukulondoloza uhlu lozalo oluholela kuMesiya othenjisiwe. Nokho, abaningi abanye babantu abathembekile baboshwa, bahlushwa futhi babulawa ngoba uSathane ezama ukubenza bahlamuke uNkulunkulu. (Heb. 11:34-39) Bathola isibindi ababesidinga ukuze bakhuthazele ngoba uJehova wabavikela ngokomoya engozini yokwephula ubuqotho babo. Ngakho, iHubo 91 lingaqondwa njengesithembiso sokuvikelwa ngokomoya.

11. Iyini ‘indawo esithekile yoPhezukonke,’ futhi obani uNkulunkulu abavikela kuyo?

11 Ngakho, ‘indawo esithekile yoPhezukonke’ umhubi akhuluma ngayo iyindawo engokomfanekiso yokuvikeleka ngokomoya. Lapho bekuyo, abantu abayizimenywa zikaNkulunkulu balondekile kunoma yini nakunoma ubani osongela ukholo nothando lwabo ngoNkulunkulu. (IHu. 15:1, 2; 121:5) Iyindawo esithekile ngoba ayibonakali kwabangakholwa. Kule ndawo, uJehova uvikela abantu bakhe okunjengokungathi bathi kuye: ‘UnguNkulunkulu wami, engiyothembela kuye.’ Uma sihlala kule ndawo yesiphephelo, akudingeki sikhathazeke ngokungadingekile ngokuthi hleze silahlekelwe umusa kaNkulunkulu siwele esicuphweni sikaSathane, ‘umcuphi wezinyoni.’

12. Iziphi izingozi ezisongela ubuhlobo bethu noNkulunkulu?

12 Iziphi izingozi ezisongela ubuhlobo bethu noNkulunkulu obuyigugu? Umhubi ubalula izingozi eziningana, ezihlanganisa “isifo esiwumshayabhuqe esihamba esigayegayeni, [nembubhiso] ephanga emini bebade.” (IHu. 91:5, 6) ‘Umcuphi wezinyoni’ uye wabamba abaningi ngesifiso sobugovu sokuzibusa. (2 Kor. 11:3) Abanye ubabamba ngokugqugquzela umoya wokuhaha, ukuqhosha nokuthanda izinto ezibonakalayo. Abanye ubadukisa ngamafilosofi anjengokushisekela izwe, ukuziphendukela kwemvelo nenkolo yamanga. (Kol. 2:8) Abaningi baye bayengelwa esicuphweni sobuhlobo bobulili obungemthetho. Lezi zifo eziwubhadane eziyingozi ngokomoya ziye zabangela izigidi ukuba ziphelelwe uthando lwazo ngoNkulunkulu.—Funda iHubo 91:7-10; Math. 24:12.

Ukuvikela Uthando Lwakho NgoNkulunkulu

13. UJehova usivikela kanjani ezingozini ezisongela inhlalakahle yethu engokomoya?

13 UJehova ubavikela kanjani abantu bakhe kulezi zingozi ezingokomoya? Ihubo lithi: “Uyoyaleza izingelosi zakhe ngokuphathelene nawe, ukuba zikuqaphe kuzo zonke izindlela zakho.” (IHu. 91:11) Izingelosi ziyasiqondisa futhi zisivikele ukuze sikwazi ukushumayela izindaba ezinhle. (IsAm. 14:6) Ukunezela ezingelosini, abadala abangamaKristu bayasivikela ekukhohlisweni ukucabanga okuyiphutha ngokunamathela emiBhalweni lapho befundisa. Bangasiza noma ubani ozabalazela ukunqoba izimo zengqondo zezwe. (Thithu 1:9; 1 Pet. 5:2) Ngaphezu kwalokho, “inceku ethembekileyo neqondayo” ilungiselela ukudla okungokomoya kokusivikela emfundisweni yokuziphendukela kwemvelo, ekuyengweni izifiso zokuziphatha okubi, ekuphishekeleni ingcebo nodumo nakwezinye izifiso namathonya amaningi ayingozi. (Math. 24:45) Yini eye yakusiza ukuba umelane nezinye zalezo zingozi?

14. Singasisebenzisa kanjani ngokunenzuzo isivikelo esisinikwa uNkulunkulu?

14 Yini okumelwe siyenze ukuze sihlale “endaweni esithekile” kaNkulunkulu yesivikelo? Njengoba nje kudingeka sizivikele njalo ezimweni eziyingozi, njengezingozi, izinswelaboya, noma izifo ezithathelwanayo, kumelwe siqhubeke sizivikela ezingozini ezingokomoya. Yingakho kufanele sisisebenzise njalo ngokunenzuzo isiqondiso uJehova asinikeza sona ezincwadini zethu nasemihlanganweni yebandla nakwemikhulu. Sifuna iseluleko sabadala. Kakade, asizuzi yini ezimfanelweni ezibonakaliswa abafowethu nodadewethu abangokomoya? Ngempela, ubudlelwane bethu nebandla busisiza ukuba sihlakaniphe.—IzAga 13:20; funda eyoku-1 Petru 4:10.

15. Kungani ungaqiniseka ukuthi uJehova angakuvikela kunoma yini engakwenza ulahlekelwe umusa wakhe?

15 Asinasizathu sokungabaza ukuthi uJehova angasivikela kunoma yini engasenza silahlekelwe umusa wakhe. (Roma 8:38, 39) Uye wavikela ibandla ezitheni ezinamandla ezingabaholi benkolo nabezombangazwe ebezilokhu zihlose ukusihlukanisa noNkulunkulu wethu ongcwele, hhayi ukusibulala. Lesi sithembiso sikaJehova siye sabonakala siyiqiniso: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele.”—Isaya 54:17.

Ubani Osinika Inkululeko?

16. Kungani izwe lingenakusinikeza inkululeko?

16 Ingabe ukuba abakaJehova kuyosiphuca inkululeko? Lutho neze, kunalokho wukuba abezwe okungasiphuca inkululeko. Izwe lihlukanisiwe noJehova futhi libuswa unkulunkulu ononya ogqilaza abantu. (Joh. 14:30) Ngokwesibonelo, isimiso sikaSathane sezinto sisebenzisa ingcindezi yezomnotho ukuze siphuce abantu inkululeko. (Qhathanisa nesAmbulo 13:16, 17.) Isono naso sisebenzisa amandla okukhohlisa ukuze sigqilaze abantu. (Joh. 8:34; Heb. 3:13) Ngakho, ngisho noma abangakholwa bengase basithembise inkululeko lapho besikhuthaza ukuba siphile ngendlela engqubuzana nezimfundiso zikaJehova, umuntu obalalelayo uyosheshe azithole egqilazwe indlela yokuphila yesono neyonakalisayo.—Roma 1:24-32.

17. Iyiphi inkululeko uJehova asinikeza yona?

17 Ngakolunye uhlangothi, uJehova uyosikhulula kuyo yonke into engasilimaza uma sithembela kuye ngokuphelele. Ngandlela-thile, isimo sethu sifana nesomuntu obeka ukuphila kwakhe ezandleni zikadokotela ohlinzayo onekhono, ongamkhulula esifweni esithile esisongela ukuphila kwakhe. Sonke sinesifo esisongela ukuphila—ifa lesono. Singaba nethemba lokuphunyula emiphumeleni yesono futhi siphile phakade kuphela uma sithembela kuJehova ngokuphelele ngesisekelo somhlatshelo kaKristu. (Joh. 3:36) Njengoba nje ukuthembela kwethu kudokotela ohlinzayo kungase kukhule lapho sizwa ngedumela lakhe, nokwethembela kwethu kuJehova kuyokhula lapho siqhubeka sifunda ngaye. Yingakho siqhubeka sitadisha iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela ngoba lokho kuyosisiza ukuba simthande ngendlela eyosusa noma ikuphi ukwesaba ukuba ngabakhe.—1 Joh. 4:18.

18. Yini eyotholwa yilabo abangabakaJehova?

18 UJehova unikeza bonke abantu inkululeko yokuzikhethela. IZwi lakhe lithi: “Kumelwe ukhethe ukuphila ukuze uqhubeke uphila, wena nenzalo yakho, ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho.” (Dut. 30:19, 20) Ufuna sibonise ukuthi siyamthanda ngokukhetha ngokuzithandela ukumkhonza. Kunokuba kusiphuce inkululeko, ukuba abakaNkulunkulu esimthandayo ngokuqinisekile kuyosenza futhi kusigcine sijabule.

19. Kungani ukuba abakaJehova kuwumusa ongafanelwe?

19 Njengoba siyizoni, asikufanelekele neze ukuba abakaNkulunkulu ophelele. Singakwazi kuphela ngomusa kaNkulunkulu ongafanelwe. (2 Thim. 1:9) Yingakho uPawulu abhala: “Kokubili uma siphila, siphilela uJehova, futhi uma sifa, sifela uJehova. Ngakho-ke kokubili uma siphila noma sifa, singabakaJehova.” (Roma 14:8) Ngempela, asisoze sazisola ngokukhetha ukuba abakaJehova.

Ungaphendula Kanjani?

• Ziyini izinzuzo zokuba abakaJehova?

• Kungani sikwazi ukwenza lokho uNkulunkulu akulindele kithi?

• UJehova uzivikela kanjani izinceku zakhe?

[Izithombe ekhasini 8]

Buza abanye ukuthi baye bazuza kanjani ngokuba abakaJehova

[Isithombe ekhasini 10]

Iziphi ezinye zezindlela uJehova asivikela ngazo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela