Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 3/1 kk. 18-21
  • “Size Sihlukaniswe Ukufa”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Size Sihlukaniswe Ukufa”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nokufelwa
  • Indlela Abanye Ababhekane Ngayo Nokufelwa
  • Ukuphila Okunenjongo Ngemva Kokushonelwa
  • Abafelokazi Nabafelwa—Badingani? Ungabasiza Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ukubhekana Nokufelwa Umuntu Oshade Naye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ngingaphila Kanjani Nosizi Engikulo?
    Lapho Ufelwa Othandekayo
  • Usizo Kwabasosizini
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 3/1 kk. 18-21

“Size Sihlukaniswe Ukufa”

BANGAKI abantu abashadile abaye basho la mazwi begcwele intokozo ngosuku lwabo lomshado—mhlawumbe bengacabangi nokucabanga ukuthi ukufa kungase kubahlukanise ngempela? Ukuguga, ukugula noma izingozi kuyizimbangela ezivamile ezinganqamula kabuhlungu ukuphila komuntu omthandayo, zishiye wena oshonelwe ubhekene nesizungu nosizi.—UmShumayeli 9:11; Roma 5:12.

Izibalo zibonisa ukuthi abesifazane abangaba yingxenye abaneminyaka engu-65 noma ngaphezulu bangabafelokazi. Ngenxa yokuthi ngabesifazane abafelwa kakhulu, abanye sebebiza lokhu kushonelwa ngokuthi “usizi lwabesifazane.” Lokhu akusho ukuthi abesilisa ababhekani nalolu sizi. Iqiniso liwukuthi izigidi zabantu ziye zabhekana nalesi simo esicindezelayo. Ingabe nawe ungomunye walabo bantu?

Uma ubhekene nalesi simo, yini ongayenza? Ingabe iBhayibheli lingakusiza ukuba ubhekane nalolu sizi? Abanye abake bashonelwa babhekana kanjani nalo? Nakuba singekho isixazululo esisodwa esingasebenza kuzo zonke izimo, zikhona izimiso nokusikisela okungasiza.

Ukubhekana Nokufelwa

Nakuba abanye becabanga ukuthi ukukhala kuwukutetema, baze bacabange ngisho nokuthi kuyalimaza, udokotela wengqondo uDkt. Joyce Brothers, naye ngokwakhe ongumfelokazi, ufanisa ukukhala nosizo lokuqala olungokomzwelo. Eqinisweni, ukukhala kuyingxenye evamile yokubhekana nosizi futhi kuyasiza ekululameni. Ungesabi ukukhala. Isibonelo esihle salokhu sitholakala eBhayibhelini. U-Abrahama wayeyindoda enokholo oluvelele, futhi wajabulela ilungelo lokubizwa ngokuthi umngane kaNkulunkulu. Nokho, lapho uSara, umkakhe amthandayo, efa ‘wangena ukuzomlilela nokuzomkhalela.’—Genesise 23:2.

Nakuba kungokwemvelo ukufuna ukuba wedwa, musa ukuba unkom’ idlayodwa. IzAga 18:1 ziyasixwayisa: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu.” Kunalokho, funa usizo ezihlotsheni nakubangane abanozwela. Kulesi sici, ilungiselelo elihle kakhulu yibandla lobuKristu elinamadoda avuthiwe ngokomoya angakusekela futhi akunike usizo nezeluleko lapho uzidinga.—Isaya 32:1, 2.

Abanye baye bakuthola kusiza ukuphendula abantu abababhalele izincwadi babathumela namakhadi enduduzo. Leli thuba lingasetshenziselwa ukubhala izinto ezinhle ozikhumbulayo ngowakwakho nezikhathi ezimnandi enazijabulela ndawonye. Ukuba nencwadi yezinkumbulo, izithombe, izincwadi eziphuma kwabathile nakho kungasiza ekudambiseni ubuhlungu.

Kuvamile ngomuntu osanda kushonelwa ukuba azizwe edidekile, kodwa ukunamathela esimisweni sakho nokwenza izinto ovame ukuzenza kuyosiza. Ngokwesibonelo, uma ubunesikhathi esisodwa olala ngaso, ovuka ngaso, odla ngaso noma owenza imisebenzi ethile ngaso, zama ukungasishintshi. Hlela kusengaphambili ukuthi uzokwenzani ngezimpelasonto nangezinsuku ezikhethekile, njengosuku enashada ngalo, okuyisikhathi esivame ukubonakala ngaso isikhala sikawakwakho. Kubaluleke nakakhulu ukunamathela esimisweni sakho esingokomoya.—1 Korinte 15:58.

Kulula ngomuntu ukwenza izinqumo ezingahlakaniphile uma ecindezeleke kakhulu ngokomzwelo. Abantu abanezisusa ezimbi bangase basizakale ngesimo obhekene naso. Ngakho-ke, gwema ukuthatha izinqumo ngokuphamazela ezifana nokuthengisa indlu, ukutshala izimali ezinkulu, ukuthutha noma ukuphinde ushade. Isaga esihlakaniphile sithi: “Amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) Noma yiziphi izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakho kufanele uzihlehlise kuze kube yilapho imizwa yakho isizolile.

Ukunquma ukuthi uzozenzani izinto zikamufi kungase kube nzima kakhulu, kukuqede amandla, ikakhulu uma nase nishade iminyaka eminingi, kodwa lokho kuyingxenye yokuphola kwamanxeba okushonelwa. Ukuhlehlisa lokhu kungenza la manxeba angapholi ngokushesha. (IHubo 6:6) Abanye baye bathande ukukwenza bebodwa lokhu; kanti abanye kuyabasiza ukuba nomngane abangakwazi ukumxoxela ngezinkumbulo ezilethwa ukwenza kanjalo. Kungakuhle ucele usizo lomngane noma isihlobo ekulungiseni izindaba zamaphepha, njengokuthola isitifiketi sokufa; ukwazisa izinhlangano zikahulumeni, amabhange, izinkampani zamakhadi ezikweletu ngokuthi owakwakho akasekho; ukushintsha igama indlu ebhaliswe ngalo kuhlanganise nezinye izimpahla; ukuthola imishuwalense kamufi nokukhokhela izikweletu zasesibhedlela.

Khumbula ukuthi siphila ezweni elinokuziphatha okubi. Manje njengoba usuwedwa, imizamo yakho yokuzigcina umsulwa ingase ivivinywe. Amazwi omphostoli uPawulu asebenza kakhulu namuhla kunanini ngaphambili: “Ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo, kungabi ngesifiso sobulili sokukhanuka, esinjengaleso lezo zizwe ezingamazi uNkulunkulu ezinaso.” (1 Thesalonika 4:4, 5) Ngakho-ke, kuwukuhlakanipha ukugwema amabhayisikobho izincwadi kanye nomculo okukhuluma ngezothando nangobulili.

Ngaphezu kwakho konke, qonda ukuthi ukubuyela esimweni esivamile kuthatha isikhathi. I-USA Today ibika ukuthi izifundo ezenziwe yi-University of Michigan Institute for Social Research zibonisa ukuthi umuntu oshonelwe owakwakhe udinga okungenani izinyanga ezingu-18 ukuze aqale ukululama emzimbeni nasengqondweni. Thandaza kuNkulunkulu ucele ukukhuthazela, okuthuthukiswa izithelo zomoya wakhe. (Galathiya 5:22, 23) Nakuba ungase ungacabangi kanjalo manje, kuzoba ngcono njengoba isikhathi sihamba.

Indlela Abanye Ababhekane Ngayo Nokufelwa

U-Anna wahlukunyezwa kakhulu ukushona komyeni wakhe ngemva kweminyaka engu-40 beshadile futhi bejabule. “Ngashonelwa umama lapho ngineminyaka engu-13, kwalandela ubaba nabafowethu ababili nodadewethu. Kodwa iqiniso liwukuthi ukushona komyeni wami yikona okwangihlukumeza kakhulu; ngangingakwazi ukubekezelela lobo buhlungu.” Yini eye yamsiza ukuba abhekane nalolu sizi? “Ngiye ngenza incwadi enkulu efakwe ama-E-mail namakhadi avela kubantu abahlukahlukene agcwele amazwi amnandi othando nokwazisa zonke izimfanelo zikaDarryl ezinhle. Ikhadi ngalinye liphawula okuthile okuphawulekayo ngaye. Ngiyaqiniseka ngokuthi uJehova uyamkhumbula futhi uyomvusa.”

U-Esther oneminyaka engu-88 usitshela ngalokho okuye kwamsiza: “Njengoba umyeni wami ashona sesichithe iminyaka engu-46 ndawonye, uvivinyo oluye lwaba nzima kunalo lonke olwesizungu. Kodwa ngiye ngaqaphela ukuthi ukuhlala ngimatasa ngezinto zikaNkulunkulu kuye kwangisiza kakhulu. Angizange ngiyeke ukuya emihlanganweni yobuKristu, ukushumayeza abanye ngesigijimi seBhayibheli nokulifunda ngokwami iBhayibheli. Ukungabi unkom’ idlayodwa nakho kuye kwangisiza kakhulu. Ngichitha isikhathi nabangane abangipha indlebe. Akukhona ukuthi ngaso sonke isikhathi bayangiduduza, kodwa ngikwazisa kakhulu ukuthi bazinika isikhathi sokungilalela.”

URobert, umkakhe owabulawa umdlavuza ngemva kweminyaka engu-48 beshadile, uyalandisa: “Kunzima kakhulu ukukhuthazelela ukushonelwa owakwakho owawuxoxa naye, wenze naye izinqumo, uye naye emaholidini futhi uxoxe naye ngokwenzeke phakathi nosuku. Kusinda kuyehlela, kodwa ngizimisele ukuqina futhi ngiqhubeke nokuphila kwami. Ukuvocavoca umzimba, ukufunda nokuzindla kuye kwangisiza. Umthandazo nawo uye wangiduduza kakhulu.”

Ukuphila Okunenjongo Ngemva Kokushonelwa

Nakuba ukushonelwa owakwakho obumthanda kuyinto ebuhlungu kakhulu ongase ubhekane nayo, akusona isiphelo leso. Uma ubheka ngakolunye uhlangothi ungase ubone ukuthi usuvulekelwe amathuba ngaphambili obungeke wakwazi ukuwasebenzisa, njengokwenza izinto ozijabulelayo noma ukuvakashela izindawo ezithile. Lezi zinto zingakusiza ekukugcineni umatasa. Abanye bangase bakwazi nokuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni yobuKristu. Uma usiza abantu ngale ndlela, nakanjani uyothola injabulo nokwaneliseka, futhi uJesu wakufakazela lokhu lapho ethi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Ungacabangi ukuthi ngeke uphinde ujabule. Qiniseka ngokuthi uJehova uNkulunkulu uyakukhathalela uma uphendukela kuye. Umhubi uDavide wathi: ‘UJehova ukhulula umfelokazi.’ (IHubo 146:9) Kuyaduduza ukwazi ukuthi iBhayibheli aligcini nje ngokuchaza uJehova ngokuthi “uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke,” kodwa liphinde lithi ngaye: ‘Uvula isandla sakhe anelise isifiso sayo yonke into ephilayo.’ (2 Korinte 1:3; IHubo 145:16) Ngempela, uJehova, uNkulunkulu onothando uyakwazi, uyafuna futhi ukulungele ukusiza labo abalufuna ngobuqotho usizo lwakhe. Kwangathi ungazizwa njengama-Israyeli asendulo, ahlabelela: “Ngizophakamisela amehlo ami ezintabeni. Usizo lwami luzovelaphi? Usizo lwami luvela kuJehova, uMenzi wezulu nomhlaba.”—IHubo 121:1, 2.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

Abantu abaningi baye babhekana nosizi kanye nomzwangedwa obangelwa ukufelwa. Ingabe nawe ungomunye wabo?

[Ibhokisi ekhasini 21]

Kuthiwani Ngokuphinde Ushade?

IBhayibheli libonisa ukuthi ukufa kuyasiqeda isibopho somshado, kwenze oshonelwe abe sethubeni lokuphinde ashade. (1 Korinte 7:39) Yize kunjalo, nguwena okufanele wenze leso sinqumo. Nokho, kubalulekile ukuba izingane zaziswe ngesinqumo somzali futhi kufanele zimsekele uma kungenzeka. (Filipi 2:4) Ngokwesibonelo, u-Andrés waqale wamelana nokuthi uyise aphinde ashade. Wayemthanda kakhulu unina futhi enomuzwa wokuthi akekho okufanele athathe indawo yakhe. Uthi: “Kodwa ngabe sengiqaphela ukuthi ubaba wenze isinqumo esihle ngoba umshado waphinde wamvuselela, waqala ukwenza izinto ayesenesikhashana engazenzi, njengokuvakasha aye kwamanye amazwe. Ngiyayibonga inkosikazi yakhe entsha ngokumnakekela kahle nangokumgcina ejabule.”

[Izithombe ekhasini 20, 21]

Ukuzigcina umatasa nokuthandaza kuNkulunkulu ucele ukukhuthazela kuyasiza lapho usalulama

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela