Makhosikazi, Kungani Kufanele Nithobele Ubunhloko?
‘Inhloko yowesifazane yindoda.’—1 KOR. 11:3.
1, 2. (a) Yini umphostoli uPawulu ayibhala ngelungiselelo likaJehova lobunhloko nokuzithoba? (b) Imiphi imibuzo ezophendulwa kulesi sihloko?
UJEHOVA umise ilungiselelo elihlelekile umphostoli uPawulu akhuluma ngalo lapho ebhala ukuthi “inhloko yawo wonke amadoda nguKristu” nokuthi ‘inhloko kaKristu nguNkulunkulu.’ (1 Kor. 11:3) Isihloko esandulele sibonise ukuthi uJesu wayekubheka njengelungelo futhi ekujabulela ukuzithoba eNhlokweni yakhe, uJehova uNkulunkulu, saphawula nokuthi inhloko yamadoda angamaKristu nguKristu. UKristu wayesebenzelana nabantu ngendlela enomusa, emnene, enobubele nengenabugovu. Amadoda ebandleni kudingeka aphathe abanye ngaleyo ndlela, ikakhulukazi omkawo.
2 Nokho, kuthiwani ngabesifazane? Ubani inhloko yabo? UPawulu wabhala: ‘Inhloko yowesifazane yindoda.’ Abesifazane kufanele bawabheke kanjani la mazwi aphefumulelwe? Ingabe lesi simiso siyasebenza nalapho umyeni engakholwa? Ingabe ukuzithoba ebunhlokweni bendoda kusho ukuthi owesifazane kufanele angabi nazwi emshadweni lapho kwenziwa izinqumo? Owesifazane uzitholela kanjani udumo?
“Ngizomenzela Umsizi”
3, 4. Kungani ilungiselelo lobunhloko lizuzisa emshadweni?
3 Ilungiselelo lobunhloko lasungulwa uNkulunkulu. Ngemva kokuba edale u-Adamu, uJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi, abe umphelelisi wakhe.” Ngemva kokudalwa kuka-Eva, u-Adamu wakujabulela kakhulu ukuba nomngane nomsizi waze wathi: “Ekugcineni usekhona oyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami.” (Gen. 2:18-24) U-Adamu no-Eva babenethuba elimangalisayo lokuba abazali balo lonke uhlanga lwabantu abaphelele ababeyohlala phakade ngenjabulo epharadesi lembulunga yonke.
4 Ngenxa yokuhlubuka kwabazali bethu bokuqala, ukuphelela okwakukhona ensimini yase-Edene kwaphela. (Funda amaRoma 5:12.) Kodwa lokhu akuzange kulithinte ilungiselelo lobunhloko. Lapho lisetshenziswa ngokufanele, abashadile bayazuza futhi bajabule kakhulu. Umphumela uyofana nendlela uJesu azizwa ngayo ngokuzithoba eNhlokweni yakhe, uJehova. Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, uJesu ‘wayethokoza phambi kukaJehova ngaso sonke isikhathi.’ (IzAga 8:30) Ngenxa yokungapheleli, amadoda awasakwazi ukuba izinhloko eziphelele, futhi abesifazane abasakwazi ukubonisa ukuzithoba okuphelele. Nokho, lapho amadoda namakhosikazi beqhubeka belwela ukwenza konke okusemandleni abo, leli lungiselelo liletha ukwaneliseka okukhulu kakhulu emshadweni kwamanje.
5. Kungani abashadile kufanele balalele iseluleko esikumaRoma 12:10?
5 Ukuze umshado uphumelele kubalulekile ukuba abashadile basebenzise lesi seluleko esingokomBhalo esiqondiswe kuwo wonke amaKristu: “Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.” (Roma 12:10) Okunye okudingekayo, ukuba indoda nomkayo balwele ukuba ‘nomusa komunye nomunye nobubele besisa, bathethelelane ngokukhululekile.’—Efe. 4:32.
Lapho Umngane Womshado Engakholwa
6, 7. Ungase ube yini umphumela uma inkosikazi engumKristu izithoba kumyeni wayo ongakholwa?
6 Kuthiwani uma oshade naye engeyona inceku kaJehova? Kuvame ukuba kube umyeni ongakholwa. Uma kunjalo, inkosikazi kufanele imphathe kanjani? IBhayibheli liyaphendula: “Bafazi, zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.”—1 Pet. 3:1, 2.
7 IZwi likaNkulunkulu litshela inkosikazi ukuba ihlale izithoba kumyeni wayo ongakholwa. Ukuziphatha kwayo okuhle kungamenza azibuze ukuthi yini lena emenza aziphathe kahle kangaka. Ngenxa yalokho, umyeni angase ahlole izinkolelo zomkakhe ongumKristu futhi agcine elamukele iqiniso.
8, 9. Yini inkosikazi engumKristu engayenza uma umyeni wayo ongakholwa engalamukeli iqiniso ngisho isiziphatha kahle?
8 Nokho, inkosikazi kumelwe yenzenjani uma umyeni engalamukeli iqiniso? ImiBhalo ikhuthaza inkosikazi ekholwayo ukuba ibonise izimfanelo zobuKristu ngaso sonke isikhathi, kungakhathaliseki ukuthi lokhu kungaba nzima kangakanani. Ngokwesibonelo, kweyoku-1 Korinte 13:4 sifunda lokhu: “Uthando luyabekezela.” Ngakho, inkosikazi engumKristu yenza kahle uma iqhubeka iziphatha “ngokuthobeka kwengqondo okuphelele nobumnene, ngokubekezela,” ibekezelele leso simo ngothando. (Efe. 4:2) Ngosizo lwamandla kaNkulunkulu asebenzayo—umoya wakhe ongcwele—singakwazi ukuhlale sibonisa izimfanelo zobuKristu ngisho nalapho izimo zinzima.
9 UPawulu wabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Fil. 4:13) Umoya kaNkulunkulu usiza umngane womshado ongumKristu ukuba enze izinto eziningi abengeke akwazi ukuzenza. Ngokwesibonelo, uma oshade naye ekukhahlameza, ungase ulingeke ukuba uziphindiselele. Nokho, iBhayibheli litshela wonke amaKristu: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” (Roma 12:17-19) Eyoku-1 Thesalonika 5:15 ineseluleko esithi asifane: “Qaphelani ukuba kungabikho muntu ophindisela ukulinyazwa ngokulimaza kunoma ubani omunye, kodwa ngaso sonke isikhathi niphishekele okuhle komunye nomunye nakubo bonke abanye.” Lapho sisekelwa umoya ongcwele kaJehova, singakwazi ukwenza lokho ebesingenakukwenza ngamandla ethu. Yeka ukuthi kufaneleka kangakanani ukuba sithandazele umoya ongcwele kaNkulunkulu ukuba usisize lapho sisilela khona!
10. UJesu wasabela kanjani lapho abanye besho noma benza izinto ezimbi kuye?
10 UJesu wabeka isibonelo esivelele sokusebenzelana nalabo ababesho noma benza izinto ezimbi kuye. Eyoku-1 Petru 2:23 ithi: “Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. Lapho ehlupheka, akasongelanga, kodwa waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.” Sinxuswa ukuba silingise isibonelo sakhe esihle. Ungacasulwa ukuziphatha kabi kwabanye, ngoba wonke amaKristu ayayalwa: ‘Yibani nobubele besisa, nithobeke engqondweni, ningabuyiseli okubi ngokubi noma ukuthukwa ngokuthuka.’—1 Pet. 3:8, 9.
Ingabe Kufanele Bangabi Nazwi?
11. Iliphi ilungelo elikhulu abanye abesifazane abangamaKristu abayohlanganyela kulo?
11 Ingabe ukuzithoba ebunhlokweni bendoda kusho ukuthi abesifazane kufanele bangabi nazwi ezindabeni zomkhaya noma kwezinye izinto? Lutho neze. UJehova unikeza abesifazane namadoda amalungelo amaningi ngokufanayo. Cabanga nje ngelungelo elikhulu abangu-144 000 abanalo lokuba amakhosi nabapristi ezulwini ngaphansi kukaKristu lapho esebusa lo mhlaba! Lelo nani lihlanganisa nabesifazane. (Gal. 3:26-29) Kusobala ukuthi uJehova uvumela nabesifazane ukuba babe neqhaza emalungiselelweni akhe.
12, 13. Nikeza isibonelo esibonisa ukuthi abesifazane babeprofetha.
12 Ngokwesibonelo, ezikhathini zeBhayibheli abesifazane babeprofetha. UJoweli 2:28, 29 wabikezela: “[Ngiyothululela] umoya wami phezu kwayo yonke inhlobo yenyama, amadodana enu namadodakazi enu ngokuqinisekile ayoprofetha. . . . Ngalezo zinsuku ngiyothululela umoya wami ezincekwini nasezincekukazini.”
13 Abafundi bakaJesu abangaba ngu-120 ababebuthene ekamelweni eliphezulu eJerusalema ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E. babehlanganisa abesifazane namadoda. Umoya kaNkulunkulu wathululelwa kulo lonke lelo qembu. Ngakho uPetru wakwazi ukucaphuna lokho okwabikezelwa umprofethi uJoweli ebhekisela emadodeni nakwabesifazane ngokufanayo. Wathi: “Lokhu yilokho okwashiwo ngomprofethi uJoweli ukuthi, ‘Ezinsukwini zokugcina,’ kusho uNkulunkulu, ‘ngalezo zinsuku ngiyothululela omunye womoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayoprofetha . . . ; ngisho nasezincekwini zami nasezincekukazini zami, ziprofethe.’”—IzE. 2:16-18.
14. Abesifazane baba nayiphi indima ekusakazekeni kobuKristu bokuqala?
14 Ekhulwini lokuqala, abesifazane baba nendima ephawulekayo ekusakazeni ubuKristu. Bashumayela kwabanye ngoMbuso kaNkulunkulu, benza nezinto ezihlobene nalowo msebenzi wokushumayela. (Luka 8:1-3) Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wabiza uFibhi ngokuthi “isikhonzi sebandla eliseKenikreya.” Lapho ethumela imikhonzo ezisebenzini ayekanye nazo, wagagula abesifazane abathembekile abaningana abahlanganisa “uTrifina noTrifosa, abesifazane abasebenza kanzima eNkosini.” Wakhuluma ‘nangoPersisi, othandekayo wethu, ngoba wenza imisebenzi eminingi eNkosini.’—Roma 16:1, 12.
15. Iyiphi indima abesifazane abanayo ekusakazekeni kobuKristu esikhathini sethu?
15 Esikhathini sethu, abesifazane babo bonke ubudala bakha ingxenye enkulu yabamemezeli abangaphezu kwezigidi ezingu-7 bezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke. (Math. 24:14) Iningi labo liyizikhonzi zesikhathi esigcwele, izithunywa zevangeli namalungu emikhaya yaseBethel. Umhubi uDavide wahlabelela: “UJehova ngokwakhe unika izwi; abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.” (IHu. 68:11) Yeka ukuthi la mazwi azibonakalise eyiqiniso kanjani! UJehova uyayazisa indima yabesifazane ekumemezeleni izindaba ezinhle nasekufezeni injongo yakhe. Ukuthi ulindele ukuba abesifazane abangamaKristu bazithobe akusho neze ukuthi kumelwe bangabi nazwi.
Abesifazane Ababili Abakhuluma
16, 17. Isibonelo sikaSara sibonisa kanjani ukuthi abesifazane bangaba nezwi emshadweni?
16 Uma uJehova ebanika amalungelo amaningi abesifazane, akufanele yini amadoda abonisane nomkawo ngaphambi kokwenza izinqumo ezinkulu? Ayobe enza ngokuhlakanipha uma enza kanjalo. ImiBhalo ikhuluma ngezenzakalo eziningi zabesifazane abakhuluma noma bathatha isinyathelo ngisho noma abayeni bengayicelanga imibono yabo. Cabangela izibonelo ezimbili.
17 USara umka-Abrahama, inzalamizi, wayelokhu emtshela ukuthi axoshe isancinza sakhe nendodana yaso ngenxa yokwedelela kwabo. “Le nto ayizange neze ithandeke ku-Abrahama”—kodwa hhayi kuNkulunkulu. UJehova wathi ku-Abrahama: “Ungavumeli lutho uSara alushoyo kuwe ngomfana nesigqilakazi sakho ukuba lube olungathandeki kuwe. Lalela izwi lakhe.” (Gen. 21:8-12) U-Abrahama walalela uJehova, wamlalela uSara futhi wenza lokho ayekucela.
18. Isiphi isinyathelo esathathwa u-Abhigayili?
18 Cabanga nango-Abhigayili umkaNabali. Lapho ebalekela uSawule, inkosi enomhobholo, uDavide wakanisa eduze kwemihlambi kaNabali isikhathi esithile. Esikhundleni sokuzitapela emfuyweni eningi yale ndoda ecebile, uDavide namadoda akhe bayivikela. Nokho, uNabali ‘wayenokhahlo, enemikhuba emibi’ futhi ‘waklabalasa ethuka’ amadoda ayethunywe uDavide. ‘Wayengumuntu ongelusizo lwalutho’ futhi ‘engenangqondo.’ Lapho amadoda ayethunywe uDavide ecela ngenhlonipho ukuba awanike ukudla, uNabali wenqaba. U-Abhigayili wasabela kanjani lapho ezwa okwenzekile? “Washesha wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili nezimbiza ezimbili ezinkulu zewayini nezimvu ezinhlanu ezilungisiwe namaseya amahlanu okusanhlamvu okugazingiwe namaqebelengwane amagilebhisi omisiwe ayikhulu namaqebelengwane amakhiwane agxishiwe angamakhulu amabili” futhi wakunika uDavide namadoda akhe engamtshelanga umyeni wakhe. Ingabe kwakulungile lokho okwenziwa u-Abhigayili? IBhayibheli lithi: ‘UJehova wamshaya uNabali, wafa.’ Kamuva uDavide washada no-Abhigayili.—1 Sam. 25:3, 14-19, 23-25, 38-42.
‘Owesifazane Ozitholela Udumo’
19, 20. Yini eyenza owesifazane ukuba alufanelekele ngempela udumo?
19 ImiBhalo iyamtusa owesifazane owenza izinto ngendlela kaJehova. Incwadi yeBhayibheli yezAga incoma “umfazi onekhono” ithi: “Inani lakhe lilidlula kude elamakhorali. Inhliziyo yomnikazi wakhe ibeke ithemba kuye, futhi akukho nzuzo entulekayo. Umvuzé ngokuhle, hhayi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.” Ngaphezu kwalokho, “umlomo wakhe uwuvule ngokuhlakanipha, nomthetho womusa wothando usolimini lwakhe. Uqapha okwenzekayo endlini yakhe, futhi akasidli isinkwa sobuvila. Amadodana akhe asukumile athi uyajabula; umnikazi wakhe uyasukuma amdumise.”—IzAga 31:10-12, 26-28.
20 Yini eyenza owesifazane ukuba alufanelekele ngempela udumo? IzAga 31:30 zithi: “Ukukhanga kungase kube yinkohliso, nobuhle bungase bube yize; kodwa owesifazane owesaba uJehova nguye ozitholela udumo.” Ukwesaba uJehova kuhlanganisa nokuzithoba ngokuzithandela elungiselelweni laKhe lobunhloko. “[Inhloko] yowesifazane yindoda,” njengoba nje ‘nenhloko yawo wonke amadoda inguKristu nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.’—1 Kor. 11:3.
Sazise Isipho Esivela KuNkulunkulu
21, 22. (a) AmaKristu ashadile anaziphi izizathu zokubonga ngesipho sikaNkulunkulu somshado? (b) Kungani kufanele sihloniphe ilungiselelo likaJehova legunya nelobunhloko? (Bheka ibhokisi ekhasini 17.)
21 AmaKristu ashadile anezizathu eziningi zokubonga uNkulunkulu! Angabambisana njengombhangqwana ojabule. Anesizathu esikhethekile sokumbonga ngesipho esibusisekile somshado ngoba siwanika ithuba lokuhamba naye enyamanye. (Ruthe 1:9; Mika 6:8) UJehova, uMsunguli womshado, ukwazi kahle lokho okudingekayo ukuze umshado ujabulise. Njalo yenzani izinto ngendlela yakhe, khona ‘injabulo kaJehova iyoba isiphephelo senu,’ ngisho nakuleli zwe eligcwele izinkathazo.—Neh. 8:10.
22 Umyeni ongumKristu othanda umkakhe njengoba ezithanda uyosebenzisa ubunhloko ngothando nangokucabangela. Umkakhe owesaba uNkulunkulu uyothandeka ngempela ngoba uyomsekela futhi amhloniphe ngokujulile. Okubaluleke kunakho konke, umshado wabo oyisibonelo uyodumisa uNkulunkulu wethu ofanelwe udumo, uJehova.
Ingabe Uyakhumbula?
• Liyini ilungiselelo likaJehova lobunhloko nelokuzithoba?
• Kungani abantu abashadile kufanele bahloniphane?
• Inkosikazi engumKristu kufanele imphathe kanjani umyeni wayo ongakholwa?
• Kungani amadoda kufanele abonisane nomkawo ngaphambi kokwenza izinqumo ezinkulu?
[Ibhokisi ekhasini 17]
Kungani Kufanele Sihloniphe Igunya?
UJehova uye wenzela izidalwa ezihlakaniphile ilungiselelo legunya nelobunhloko. La malungiselelo enzelwe ukuzuzisa izidalwa zomoya nabantu. Azinika amathuba okusebenzisa inkululeko yazo yokuzikhethela nokuhlonipha uNkulunkulu ngokumkhonza ngobunye nangokuvumelana.—IHu. 133:1.
Ibandla lamaKristu agcotshiwe liqaphela igunya nobunhloko bukaJesu Kristu. (Efe. 1:22, 23) Iqaphela igunya likaJehova, ekugcineni “neNdodana ngokwayo iyozithoba kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kuwo wonke umuntu.” (1 Kor. 15:27, 28) Yeka ukuthi kufaneleka kangakanani-ke ukuba abantu abazinikezele kuNkulunkulu babambisane nelungiselelo lobunhloko ebandleni nasekhaya! (1 Kor. 11:3; Heb. 13:17) Ngokwenzenjalo, siyazuza ngoba uJehova uyosibusisa futhi asamukele.—Isaya 48:17.
[Isithombe ekhasini 13]
Ukuthandaza kungasiza umfazi ongumKristu ukuba abonise izimfanelo zokwesaba uNkulunkulu
[Izithombe ekhasini 15]
UJehova uyayazisa indima efezwa abesifazane ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso