Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 3/1 k. 21
  • Ingabe UNkulunkulu Wadala UDeveli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UNkulunkulu Wadala UDeveli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe UNkulunkulu Wadala UDeveli?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Isitha Sokuphila Okuphakade
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ungokoqobo Kangakanani UDeveli Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 3/1 k. 21

Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .

Ingabe UNkulunkulu Wadala UDeveli?

▪ Njengoba iBhayibheli lithi uNkulunkulu “wadala zonke izinto,” abanye baye bafika esiphethweni sokuthi kumelwe ukuba nguye owadala uDeveli. (Efesu 3:9; IsAmbulo 4:11) IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi akazange.

UJehova wadala ingelosi eyaziguqula uDeveli. Ngakho, ukuze sithole iqiniso ngokuthi waba khona kanjani lo mphikisi kaNkulunkulu oyinhloko, kumelwe sizwe lokho okwembulwa imiBhalo ngoJehova njengoMdali. Lithi ngaye: “Uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.” (Duteronomi 32:3-5) Ngokwala mazwi, singaphetha ngokuthi ekuqaleni uSathane wayephelele futhi elungile, okungukuthi, wayengenye yamadodana kaNkulunkulu ayizingelosi. KuJohane 8:44, uJesu wathi uDeveli “akazange ame aqine eqinisweni,” okusho ukuthi ekuqaleni wayenalo iqiniso futhi engenacala.

Nokho, ingelosi eyaba uSathane yayinenkululeko yokukhetha phakathi kokulungile nokungalungile, njengoba kunjalo nangazo zonke izidalwa zikaJehova ezihlakaniphile. Ngokukhetha inkambo yokumelana noNkulunkulu nokufaka abantu bokuqala umoya wokuba nabo bahlubuke uNkulunkulu, yazenza uSathane, okusho “uMphikisi.”—Genesise 3:1-5.

Lesi sidalwa somoya esikhohlakele sazenza uDeveli, okusho ukuthi “uMnyundeli.” USathane waba umzenzisi ongabonakali owasebenzisa inyoka futhi waqamba amanga ukuze aphambe u-Eva ukuba angawulaleli umthetho ocacile woMdali. Yingakho uJesu abiza uSathane ngokuthi ‘uyise wamanga.’—Johane 8:44.

Kodwa isidalwa somoya esiphelele—esasingenabo ubuthaka nesasingathonywa amathonya amabi—saba kanjani nezisusa ezimbi? Kusobala ukuthi sasifuna abantu bakhulekele sona kuyilapho kunguNkulunkulu kuphela okufanele akhulekelwe. Sabona nokuthi singakwazi ukwenza abantu bakhulekele sona kunokukhulekela uJehova. Kunokuba sisiyisuse leyo micabango engafanele yokufuna ukukhulekelwa nokubusa, sayifukamela futhi ekugcineni sathatha isinyathelo sokufeza izifiso zaso. Indlela lokhu okwenzeka ngayo ichazwe encwadini kaJakobe: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono.”—Jakobe 1:14, 15; 1 Thimothewu 3:6.

Nasi isibonelo salokhu: Umgcini-zimali wenkampani ubona ithuba lokukhwabanisa izimali zenkampani. Angase awususe ngokushesha lowo mcabango. Nokho, uma eqhubeka ewuphenduphendula, angase abone ukuthi angakwazi ukulifeza lelo cebo lakhe. Uma egcina elifezile, nguyena ozenze isela. Uma eqamba amanga ngobugebengu abenzile, uba umqambimanga. Ngokufanayo, ngokuhlakulela imicabango emibi nangokwenza ngokuvumelana nayo, ingelosi eyayidalwe uNkulunkulu yasebenzisa inkululeko yayo yokuzikhethela ukuze ikhohlise futhi ihlubuke kuYise. Ngakho, yazenza uSathane uDeveli.

Okujabulisayo ukuthi uNkulunkulu uzombhubhisa uSathane uDeveli ngesikhathi saKhe esifanele. (Roma 16:20) Kodwa njengoba kungakenzeki lokho, abakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu bayatshelwa ngamaqhinga kaSathane futhi banikezwa indlela yokuzivikela kuwo. (2 Korinte 2:11; Efesu 6:11) Ngakho, zama ngawo wonke amandla ‘ukumelana noDeveli, khona-ke uyokubalekela.’—Jakobe 4:7.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 21]

Ngokukhetha inkambo yokumelana noNkulunkulu, ingelosi ephelele yazenza uSathane

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela