Ukwenza Imihlatshelo Yomphefumulo Wonke KuJehova
“Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova.”—KOL. 3:23.
BONA UKUTHI UNGAKWAZI YINI UKUPHENDULA:
Singamdumisa kanjani uJehova emisebenzini yethu yansuku zonke?
Imiphi imihlatshelo esiyenza ekukhulekeleni kwethu uNkulunkulu?
Singanikela kanjani ngezinto zethu ezibonakalayo kuJehova?
1-3. (a) Ingabe ukufa kukaJesu esigxotsheni sokuhlushwa kwasho ukuthi uJehova akasadingi senze imihlatshelo yanoma iluphi uhlobo? Chaza. (b) Imuphi umbuzo ophakamayo ngokuphathelene nemihlatshelo namuhla?
EKHULWINI lokuqala C.E., uJehova wembulela abantu bakhe ukuthi umhlatshelo wesihlengo kaJesu wawuwuqedile uMthetho KaMose. (Kol. 2:13, 14) Yonke imihlatshelo okwase kungamakhulu eminyaka inikelwa amaJuda yayingasadingeki futhi ingasabalulekile. UMthetho wawuwufezile umsebenzi wawo wokuba ‘umfundisi oholela kuKristu.’—Gal. 3:24.
2 Lokho akusho ukuthi amaKristu awasenaso isithakazelo emihlatshelweni. Kunalokho, umphostoli uPetru wakhuluma ngesidingo ‘sokunikela imihlatshelo engokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngoJesu Kristu.’ (1 Pet. 2:5) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu wakwenza kwacaca ukuthi ukuphila komKristu ozinikezele—zonke izici zako—kungabhekwa kufanele ‘njengomhlatshelo.’—Roma 12:1.
3 Ngakho, umKristu wenza imihlatshelo kuJehova, ngokunikela kuye izinto ezithile noma ngokudela izinto ezithile ngenxa yakhe. Ngokwalokho esikwaziyo ngezinto ezazifuneka kuma-Israyeli, singaqiniseka kanjani ukuthi yonke imihlatshelo yethu namuhla iyamukeleka kuJehova?
EKUPHILENI KWANSUKU ZONKE
4. Yini okumelwe siyikhumbule ngemisebenzi yethu yansuku zonke?
4 Njengoba siqhubeka nokuphila kwethu kwansuku zonke, kungase kubonakale kunzima ukuhlobanisa esikwenzayo nokwenza imihlatshelo kuJehova. Umsebenzi wasekhaya, umsebenzi wesikole, umsebenzi wokuziphilisa, ukuyothenga nezinto ezifana nalezo kungase kubonakale kungahlobene kangako nezinto ezingokomoya. Nokho, uma unikezele ukuphila kwakho kuJehova noma wethemba ukwenza kanjalo maduze, umoya owenza ngawo imisebenzi evamile ubalulekile. SingamaKristu amahora angu-24 ngosuku. Kudingeka sisebenzise izimiso zeBhayibheli kuzo zonke izici zokuphila kwethu. Yingakho uPawulu esinxusa: “Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.”—Funda eyabaseKolose 3:18-24.
5, 6. Ukucabangela ini okufanele kuthonye indlela esigqoka nesiziphatha ngayo nsuku zonke?
5 Imisebenzi yomKristu yansuku zonke ayiyona ingxenye yenkonzo yakhe engcwele. Noma kunjalo, iqiniso lokuthi uPawulu usinxusa ukuba konke sikwenze ‘ngomphefumulo wonke njengokungathi senzela uJehova’ lisenza sicabange ngayo yonke inkambo yethu yokuphila. Khona-ke, singasisebenzisa kanjani lesi simiso kithi? Ingabe ngazo zonke izikhathi siziphatha futhi sigqoke ngendlela efanele? Noma lapho senza imisebenzi yansuku zonke, kungenzeka yini ukuthi siba namahloni okuzibiza ngoFakazi BakaJehova, mhlawumbe ngenxa yendlela esiziphatha noma esigqoka ngayo? Kwangathi kungelokothe kube njalo! Abantu bakaJehova ngeke bafune ukwenza noma yini engase ilimelele kabi igama likaNkulunkulu.—Isaya 43:10; 2 Kor. 6:3, 4, 9.
6 Ake sihlole ukuthi isifiso sethu sokwenza yonke into ‘ngomphefumulo wonke njengokungathi siyenzela uJehova’ sizithinta kanjani izingxenye ezihlukahlukene zokuphila. Njengoba senza kanjalo, masikhumbule ukuthi yonke imihlatshelo ama-Israyeli ayeyinikela kuJehova kwakufanele ibe okuhle kunakho konke ayenakho.—Eks. 23:19.
INDLELA UKUPHILA KWAKHO OKUTHINTEKA NGAYO
7. Yini ehilelekile ekuzinikezeleni komKristu?
7 Lapho uzinikezela kuJehova, leso sinqumo wasenza ngokungazigodli, akunjalo? Empeleni, wawuthi kuzo zonke izici zokuphila kwakho, uyobeka uJehova kuqala. (Funda amaHebheru 10:7.) Leso kwakuyisinqumo esihle. Ngokungangabazeki, ubonile ukuthi lapho ufuna ukuthi iyini intando kaJehova endabeni ethile futhi ulwela ukwenza ngokuvumelana nayo kuba nemiphumela emihle kakhulu. (Isaya 48:17, 18) Abantu bakaNkulunkulu bangcwele futhi bayajabula ngoba babonakalisa izimfanelo zaLowo obafundisayo.—Lev. 11:44; 1 Thim. 1:11.
8. Kubaluleke ngani kithi ukuthi uJehova wayebheka imihlatshelo yasendulo njengengcwele?
8 Imihlatshelo ama-Israyeli ayeyenzela uJehova yayibhekwa njengengcwele. (Lev. 6:25; 7:1) Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “ubungcwele” lidlulisela umqondo wento ehlukanisiwe, ekhethekile noma engcweliselwa uNkulunkulu. Ukuze uJehova ayamukele imihlatshelo yethu, kumelwe ihlukaniswe futhi ingangcoliswa amathonya ezwe. Asikwazi ukuthanda noma iyiphi yezinto uJehova ayizondayo. (Funda eyoku-1 Johane 2:15-17.) Ngokusobala, lokhu kusho ukuthi kudingeka sigweme ukuzihlanganisa noma ukuhileleka kunoma yini engase isingcolise emehlweni kaNkulunkulu. (Isaya 2:4; IsAm. 18:4) Kusho nokuthi asinakuvumela amehlo ethu ukuba aqhubeke ebuka into engcolile noma enokuziphatha okubi noma sivumele izingqondo zethu ziphuphe ngezinto ezinjalo.—Kol. 3:5, 6.
9. Ibaluleke kangakanani indlela umKristu aphatha ngayo abanye abantu, futhi ngani?
9 UPawulu wanxusa ayekholwa nabo: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto, ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” (Heb. 13:16) Ukuba olungile nokwenza okuhle kwabanye njengoba kufanele kuyinto uJehova ayibheka njengomhlatshelo owamukelekayo kuye. Ukukhathalela abanye ngothando kuwuphawu olubonakalisa amaKristu eqiniso.—Joh. 13:34, 35; Kol. 1:10.
IMIHLATSHELO EKUKHULEKELENI
10, 11. UJehova ukubheka kanjani ukukhulekela kwethu nenkonzo yethu yobuKristu, futhi lokho kufanele kusithinte kanjani?
10 Enye yezindlela ezisobala kakhulu thina njengamaKristu esenzela ngayo abanye izinto ezinhle ‘iwukulivuma obala ithemba lethu.’ Ingabe ubamba wonke amathuba ukuze unikeze ubufakazi? UPawulu wabiza lo msebenzi wamaKristu obalulekile ngokuthi “umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, isithelo sezindebe ezivuma obala igama [likaNkulunkulu].” (Heb. 10:23; 13:15; Hos. 14:2) Kuningi okungashiwo ngobungako besikhathi esisichitha sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso nangendlela esisisebenzisa ngayo, futhi izingxenye eziningi zoMhlangano Wenkonzo zenzelwe ukushukumisa ukucabanga kwethu kule ndaba. Nokho, ngamafuphi singathi njengoba inkonzo yethu yasensimini nokufakaza ngokwethukela ‘kuwumhlatshelo wokudumisa,’ kuyingxenye yokukhulekela kwethu, lowo mhlatshelo kufanele ube okuhle kunakho konke esingakunikela. Nakuba izimo zihluka, isikhathi esisinikela ekumemezeleni izindaba ezinhle ngokuvamile sibonisa indlela esizazisa ngayo izinto ezingokomoya.
11 AmaKristu asebenzisa njalo isikhathi ekhulekela ewodwa noma njengeqembu. UJehova ufuna senze kanjalo. Yiqiniso ukuthi akusadingeki sigcine iSabatha noma siye njalo emikhosini eJerusalema. Noma kunjalo, lezo zinto okwakumelwe zigcinwe endulo zinemifuziselo ekuphileni kwamaKristu. UNkulunkulu usalindele ukuba siyeke imisebenzi efile futhi sitadishe iZwi lakhe, sithandaze futhi sihlanganyele emihlanganweni yobuKristu. Izinhloko zemikhaya yamaKristu zithatha isinyathelo ukuze ziqhube ukukhulekela komkhaya namalungu emikhaya yazo. (1 Thes. 5:17; Heb. 10:24, 25) Ngokuphathelene nemisebenzi yethu engokomoya, senza kahle ngokuzibuza, ‘Ngingakuthuthukisa yini ukukhulekela kwami?’
12. (a) Kungafaniswa nani namuhla ukunikela impepho okwakwenziwa ekukhulekeleni endulo? (b) Lokhu kufana kufanele kuyithinte kanjani imithandazo yethu?
12 INkosi uDavide yahlabelelela uJehova: “Kwangathi umthandazo wami ungalungiswa njengempepho phambi kwakho.” (IHu. 141:2) Ake uthi ukucabanga ngemithandazo yakho—izinga layo nokuthi uyenza kaningi kangakanani. Incwadi yesAmbulo ifanisa “imithandazo yabangcwele” nempepho ngoba imithandazo eyamukelekayo ikhuphukela kuJehova njengephunga elimnandi. (IsAm. 5:8) Kwa-Israyeli wasendulo, impepho eyayinikelwa njalo e-altare likaJehova kwakufanele ilungiswe ngokucophelela nangendlela enembile. UJehova wayeyamukela kuphela uma yayinikelwa ngokuvumelana neziqondiso zakhe. (Eks. 30:34-37; Lev. 10:1, 2) Uma nemithandazo yethu esuka enhliziyweni ilungiselelwe ngendlela efanayo, singaqiniseka ngokuthi iyamukeleka kuJehova.
UKUPHA NOKWAMUKELA
13, 14. (a) Iyiphi inkonzo u-Ephafrodithu nebandla laseFilipi abayenzela uPawulu, futhi lo mphostoli wazizwa kanjani ngayo? (b) Singasilingisa kanjani isibonelo sika-Ephafrodithu nabaseFilipi?
13 Iminikelo yezimali esisekela ngayo umsebenzi womhlaba wonke ingafaniswa nomhlatshelo, kungakhathaliseki ukuthi sinikela ngokukhulu noma ngokuncane. (Marku 12:41-44) Ekhulwini lokuqala C.E., ibandla laseFilipi lathumela u-Ephafrodithu eRoma ukuba ayonakekela izidingo zikaPawulu ezingokwenyama. Kusobala ukuthi leso sithunywa sabaseFilipi sasimphathele isipho semali esasivela ebandleni. AbaseFilipi babengaqali ukubonisa uPawulu umoya wokupha. Bambonisa lo musa ngoba befuna angakhathazeki ngemali ukuze akwazi ukunikela isikhathi esengeziwe enkonzweni. UPawulu wasibheka kanjani leso sipho? Wasibiza ngokuthi “iphunga elimnandi, umhlatshelo owamukelekayo, ojabulisa kakhulu kuNkulunkulu.” (Funda eyabaseFilipi 4:15-19.) Ngempela uPawulu wasazisa isenzo somusa sabaseFilipi, kanjalo noJehova.
14 Nanamuhla, uJehova uyazisa ngokujulile iminikelo esiyinikelela umsebenzi womhlaba wonke. Ngaphezu kwalokho, uthembisa ukuthi uma siqhubeka sibeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwethu, uyozinakekela zonke izidingo zethu, ezingokomoya nezingokwenyama.—Math. 6:33; Luka 6:38.
BONISA UKWAZISA
15. Iziphi ezinye zezizathu ombonga ngazo uJehova?
15 Kungashona ilanga sibala inqwaba yezizathu esinazo zokubonga uJehova. Akulona yini iqiniso ukuthi kufanele simbonge nsuku zonke ngesipho sokuphila? Usinika konke esikudingayo ukuze siphile—ukudla, izingubo, indawo yokuhlala ngisho nomoya esiwuphefumulayo. Ngaphezu kwalokho, ukholo lwethu, olusekelwe olwazini olunembile, lusinika ithemba. Kuyafaneleka ukuba sikhulekele uJehova futhi sinikele kuye imihlatshelo yokumdumisa, ngenxa yalokho ayikho nasenzele khona.—Funda isAmbulo 4:11.
16. Kufanele sisabele kanjani emhlatshelweni wesihlengo kaKristu?
16 Njengoba sibonile esihlokweni esandulele, isipho esiyigugu ngokukhethekile uNkulunkulu asinikeze isintu siwumhlatshelo wesihlengo kaKristu. Lokhu kuwukubonakaliswa okuphawulekayo kothando lukaNkulunkulu ngathi. (1 Joh. 4:10) Iyiphi indlela efanele esingasabela ngayo kuso? UPawulu wathi: “Uthando uKristu analo luyasiqhubezela, ngoba yilokhu esikubonile, ukuthi umuntu oyedwa wafela bonke; . . . futhi wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele lowo owabafela wabuye wavuswa.” (2 Kor. 5:14, 15) Empeleni, uPawulu wayethi uma siwazisa umusa kaNkulunkulu ongafanele, siyosebenzisa ukuphila kwethu ukuze simdumise Yena neNdodana yaKhe. Uthando nokwazisa kwethu uNkulunkulu noKristu sikubonisa ngokulalela nangokuba nesifiso sokushumayela nokwenza abafundi.—1 Thim. 2:3, 4; 1 Joh. 5:3.
17, 18. Abanye baye bawandisa ngaziphi izindlela umhlatshelo wabo wokudumisa uJehova? Nikeza isibonelo.
17 Ungakwazi yini ukuthuthukisa umhlatshelo wokudumisa owunikela kuNkulunkulu? Ngemva kokuzindla ngakho konke okuhle uJehova abenzele kona, abaningi baye bashukumiseleka ukuba bahlele isikhathi nemisebenzi yabo ukuze bandise ingxenye yabo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso noma kweminye imisebenzi engokwasezulwini. Abanye baye bakwazi ukuba amaphayona asizayo inyanga eyodwa noma ezengeziwe unyaka ngamunye, kuyilapho abanye beye bakwazi ukungena ezinhlwini zamaphayona avamile. Abanye futhi baye bahlanganyela emisebenzini yoMbuso yokwakha. Akuzona yini lezi izindlela ezinhle kakhulu umuntu angabonisa ngazo ukwazisa? Uma le misebenzi yenkonzo engcwele yenziwa ngesisusa esifanele—ukubonisa ukwazisa nokubonga—iyamukeleka kuNkulunkulu.
18 AmaKristu amaningi aye azizwa ekweleta ukumbonga uJehova futhi lokho kuye kwawashukumisa. Omunye wabantu abanjalo, uMorena. Wafuna izimpendulo zemibuzo yakhe engokomoya esontweni lamaKatolika okuyisonto akhulela kulo nakumafilosofi ase-Asia. Kodwa akazitholanga izimpendulo ezigculisayo. Ukoma kwakhe okungokomoya kwaze kwaneliswa lapho eseqale ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. UMorena wachichima ukubonga ngezimpendulo ezingokomBhalo azithola zayo yonke imibuzo yakhe nangendlela lezo zimpendulo ezenza ukuphila kwakhe kwasimama ngayo kangangokuthi wafuna ukubonga uJehova ngokusebenzisa wonke amandla anawo enkonzweni yaKhe. Ngemva nje kokubhapathizwa, waba iphayona elisizayo eliqhubekayo futhi ngokushesha lapho izimo sezimvumela waba iphayona elivamile. Lokho kwenzeka eminyakeni engu-30 edlule futhi usesenkonzweni yesikhathi esigcwele.
19. Ungakwazi kanjani ukwandisa imihlatshelo yakho kuJehova?
19 Yiqiniso, kunezinceku eziningi zikaJehova ezithembekile izimo zazo ezingazivumeli ukuba zikhonze njengamaphayona. Kungakhathaliseki ukuthi yini esikwazi ukuyenza enkonzweni kaJehova, sonke singakwazi ukunikela imihlatshelo engokomoya eyamukelekayo kuye. Ekuziphatheni kwethu, kudingeka sigcine izimiso ezilungile ngokucophelela, sikhumbula ukuthi simelela uJehova ngazo zonke izikhathi. Ngokholo, sithembela ngokugcwele ekufezekeni kwezinjongo zikaNkulunkulu. Ngemisebenzi emihle, sisiza ekusakazeni izindaba ezinhle. Ngokuchichima kwezinhliziyo zethu nangokwazisa ngakho konke uJehova asenzele khona, masiqhubeke sinikela kuye imihlatshelo yomphefumulo wonke.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]
Ingabe ubuhle bukaJehova bukushukumisela ukuba uthuthukise umhlatshelo wakho wokudumisa?
[Isithombe ekhasini 23]
Ingabe ubamba wonke amathuba ukuze unikeze ubufakazi?