Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Kufanele Sikukhumbule Kanjani Ukufa KukaJesu?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Kufanele kukhunjulwe kanjani ukufa kukaJesu?
UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe ngesidlo esiyisifanekiselo, esebenzisa isinkwa newayini. Isinkwa simelela umzimba kaJesu, iwayini limelela igazi lakhe.—Funda uLuka 22:19, 20.
Isinkwa uJesu asisebenzisa sasingenamvubelo. EBhayibhelini ngokuvamile imvubelo ifanekisela isono. Ngakho isinkwa sasiwumelela kahle umzimba kaJesu ophelele. Wanikela ngomzimba wakhe njengomhlatshelo owaqeda imihlatshelo yezilwane eyayinikelwa ngaphansi koMthetho KaMose. (Hebheru 10:5, 9, 10) Iwayini lalimelela igazi likaJesu eliyigugu elachithwa njengomhlatshelo wezono zethu.—Funda eyoku-1 Petru 1:19; 2:24; 3:18.
2. Kufanele sikukhumbule nini ukufa kukaJesu?
UJesu wafa ngePhasika likaNisani 14. Usuku lwamaJuda luqala lapho kushona ilanga. Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu wadla isidlo sePhasika nabaphostoli bakhe wabe esemisa isidlo esisha esiyisikhumbuzo ukuze kukhunjulwe ukufa kwakhe.—Funda uLuka 22:14, 15.
Namuhla, abantu bakaNkulunkulu bakhumbula lokho uNkulunkulu akwenza esebenzisa uJesu ukuze akhulule bonke abantu esonweni nasekufeni. (Eksodusi 12:5-7, 13, 17) Njengoba nje iPhasika laligujwa kanye ngonyaka, neSikhumbuzo sokufa kukaJesu siba kanye ngonyaka ngemva kokushona kwelanga ngoNisani 14 ngokwekhalenda leBhayibheli.—Funda uJohane 1:29.
3. Obani okufanele badle isinkwa baphuze newayini?
Lapho uJesu enika abalandeli bakhe iwayini, wathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha.” (1 Korinte 11:25) Isivumelwano esisha sathatha indawo yesivumelwano soMthetho KaMose uNkulunkulu ayethembise kuso ama-Israyeli ukuthi uma emlalela ngokucophelela, ayeyoba abantu bakhe. (Eksodusi 19:5, 6) Kepha u-Israyeli akazange alilalele izwi likaNkulunkulu. Ngakho uJehova wenza isivumelwano esisha.—Funda uJeremiya 31:31.
Esebenzisa isivumelwano esisha, uJehova wenza ukuba izibusiso zitholwe abaningi esebenzisa abambalwa. Abantu abakulesi sivumelwano bambalwa, bangu-144 000. Ngabo, izigidi ezivela ezizweni zonke ziyobusiswa ngokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Abanye abakulesi sivumelwano esisha bakhonza uJehova emhlabeni namuhla. Yibo kuphela abanelungelo lokudla isinkwa baphuze newayini ngoba indebe “isho isivumelwano esisha.”—Funda uLuka 12:32; IsAmbulo 14:1, 3.
4. Sisizuzisa kanjani iSikhumbuzo?
ISikhumbuzo sokufa kukaJesu saminyaka yonke sijulisa ukwazisa kwethu ngothando lukaJehova olukhulu. Wathumela iNdodana yakhe ukuba izofela izono zethu. Ngakho lapho siya eSikhumbuzweni, kufanele sicabange ngalokho ukufa kukaJesu okukushoyo kithi. Kufanele sicabange ngezindlela esingabonisa ngazo ukwazisa ngalokho uJehova noJesu abasenzele kona.—Funda uJohane 3:16; 2 Korinte 5:14, 15.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka amakhasi 206-208 encwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.