Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 11/1 kk. 6-7
  • Umbuzo 2: Kuzokwenzekani Uma Ngifa?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbuzo 2: Kuzokwenzekani Uma Ngifa?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bakuphi Abafileyo?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Siyaphi Uma Sesifile?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • “UkuFa Kugwinyiwe Kuze Kube Phakade”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile?
    Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 11/1 kk. 6-7

Umbuzo 2: Kuzokwenzekani Uma Ngifa?

UROMAN wayesengumfanyana lapho umngane wakhe omkhulu efa engozini yemoto. Uthi: “Ukufa komngane wami kwaba buhlungu kakhulu. Kwaphela iminyaka ngemva kwaleyo ngozi ngizibuza ukuthi kwenzekani kithi lapho sifa.”

Kungani kubuzwa lo mbuzo?

Ukufa kwabantu kubonakala kungeyona imvelo. Kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani, ngokuvamile asifuni ukufa. Abaningi besaba lokho okwenzeka ngemva kokufa.

Abanye baphendula bathini?

Abaningi bakholelwa ukuthi lapho umuntu efa kunengxenye ethile eqhubeka iphila. Bakholelwa ukuthi abantu abalungile bayothola umvuzo ezulwini, kuyilapho abangalungile beyojeziselwa izono zabo phakade. Abanye bacabanga ukuthi lapho umuntu efa akabe esaba khona, ugcina engasakhunjulwa nhlobo.

Zisho ukuthini lezo zimpendulo?

Impendulo yokuqala isikisela ukuthi uma umuntu efa akafi ngempela. Eyesibili isikisela ukuthi ukuphila akunanjongo. Labo abanalo mbono wesibili bangase babe nesimo sengqondo sokungabi nandaba, sokuthi: “Masidle siphuze, ngoba kusasa sizokufa.”—1 Korinte 15:32.

Lifundisani iBhayibheli?

IBhayibheli alifundisi ukuthi uma umuntu efa ingxenye ethile iyaqhubeka iphila. UNkulunkulu waphefumulela iNkosi uSolomoni ukuba ibhale: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa; kodwa abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Labo ‘abangazi lutho’ abakwazi nhlobo okwenzekayo. Abezwa lutho futhi abakwazi kwenza lutho. Ngakho abafileyo ngeke bakwazi ukusiza noma ukulimaza abaphilayo.

Ngokuphambene nalokho abaningi abakukholelwayo, uNkulunkulu wayengahlosile ukuba abantu bafe. Wadala umuntu wokuqala, u-Adamu, enethemba lokuphila phakade emhlabeni. UNkulunkulu waze wakhuluma ngokufa lapho etshela u-Adamu ngesijeziso sokungalaleli. Wenqabela u-Adamu ukuba adle isithelo somuthi othile futhi wamxwayisa ngokuthi uma esidla, “uyokufa nokufa.” (Genesise 2:17) Ukube u-Adamu no-Eva balalela, bona nenzalo yabo eyayiyothembeka kuNkulunkulu babeyophila emhlabeni phakade.

U-Adamu wakhetha ukungasinaki isixwayiso sikaNkulunkulu. Wona lapho engamlaleli uNkulunkulu, ngakho wafa. (Roma 6:23) Ayikho ingxenye ka-Adamu eyaqhubeka iphila. Kunalokho, lapho efa akabange esaba khona. UNkulunkulu wathi ku-Adamu: “Uzodla isinkwa ngesithukuthuku sobuso bakho uze ubuyele emhlabathini, ngoba wathathwa kuwo. Ngoba uluthuli, uyobuyela othulini.” (Genesise 3:19) Ngenxa yokuthi sonke siyinzalo ka-Adamu, sazuza isono nokufa kuye.—Roma 5:12.

Nakuba u-Adamu akhetha kabi, uNkulunkulu uyoyifeza injongo yakhe yokugcwalisa umhlaba ngenzalo ka-Adamu. (Genesise 1:28; Isaya 55:11) Maduzane, uJehova uzovusa iningi lalabo abafa. Ekhuluma ngaleso sikhathi, umphostoli uPawulu wathi: “Kuyoba khona uvuko lwabalungile nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.

URoman, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, watadisha iBhayibheli futhi wathola lokho elikufundisayo ngokufa nangoJehova uNkulunkulu. Akufunda kwaba nethonya elikhulu kuye. Funda indaba yakhe esihlokweni esithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila”.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngalokho okwenzekayo ekufeni, bheka isahluko 6 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ungazitholela yona engosini ethi www.pr2711.com

Wathini UJesu Ngokufa?

UJesu akazange avumelane nabaholi benkolo bosuku lwakhe ababethi alukho uvuko lwabafileyo. (Luka 20:27) Akazange futhi afundise ukuthi ingxenye ethile iyaqhubeka iphila lapho umuntu efa. Kunalokho, wafundisa lokhu okulandelayo.

Ukufa kufana nobuthongo. Ngesikhathi kufe umngane wakhe uLazaru, uJesu wathi: “ULazaru umngane wethu uye kophumula, kodwa ngiya khona ukuze ngimvuse ebuthongweni.” Abafundi bakhe abazange baqonde ukuthi wayesho ukuthini. Baphendula: “Nkosi, uma eye kophumula, uzophila.” Ukulandisa kweBhayibheli kuyachaza: “UJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe. Kodwa bona bacabanga ukuthi wayekhuluma ngokuphumula kokulala. Ngakho-ke, ngaleso sikhathi uJesu wathi kubo ngokungagunci: ‘ULazaru ufile.’”—Johane 11:11-14.

Abafileyo bayovuswa. Lapho uJesu efika emzini wakubo kaLazaru, waduduza uMartha, udadewabo kaLazaru, wathi: “Umfowenu uzovuka.” UJesu wabe esenza lesi sithembiso esiphawulekayo: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.” Isithembiso sikaJesu sasingewona amazwi angasho lutho. UJesu wavusa uLazaru phambi kofakazi abaningi, nakuba ayesenezinsuku ezine efile.—Johane 11:23, 25, 38-45.

Esambulweni asinika umphostoli uJohane, uJesu waphinde wathembisa ukuthi abafileyo bayovuswa. Wathi isikhathi siyeza lapho ukufa kuyokhulula bonke ababoshwe yikho ngokomfanekiso.—IsAmbulo 20:13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela