Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 3/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani UJesu Ebizwa Ngokuthi INdodana KaNkulunkulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ungubani uJesu Kristu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ingabe UJesu WayeyiNdodana KaNkulunkulu Ngempela?
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 3/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Kungani uJesu ebizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu?

UNkulunkulu akanaye umfazi ongokoqobo anezingane naye. UnguMdali wazo zonke izinto eziphilayo. Abantu badalwa bekwazi ukulingisa izimfanelo zikaNkulunkulu. Yingakho umuntu wokuqala owadalwa uNkulunkulu, u-Adamu, ebizwa ngokuthi “indodana kaNkulunkulu.” Ngokufanayo, uJesu ubizwa ngokuthi “iNdodana kaNkulunkulu” ngoba wadalwa enezimfanelo ezinjengezikaYise.—Funda uLuka 3:38; Johane 1:14, 49.

Wadalwa nini uJesu?

UNkulunkulu wadala uJesu ngaphambi kokudala u-Adamu. Eqinisweni, uNkulunkulu wadala uJesu wabe esemsebenzisa ekwenzeni zonke ezinye izinto kuhlanganise nezingelosi. Yingakho iBhayibheli libiza uJesu ngokuthi “izibulo layo yonke indalo” kaNkulunkulu.—Funda eyabaseKolose 1:15, 16.

UJesu wayephila ezulwini eyisidalwa somoya ngaphambi kokuba azalelwe eBetlehema. Lapho isikhathi sifika, uNkulunkulu wadlulisela ukuphila kukaJesu esibelethweni sikaMariya kusuka ezulwini ukuze azalwe engumuntu.—Funda uLuka 1:30-32; Johane 6:38; 8:23.

Kungani uNkulunkulu enza ukuba uJesu azalwe engumuntu? Iyiphi indima ebalulekile eyafezwa uJesu? Ungathola izimpendulo zale mibuzo eBhayibhelini, futhi ziyokuthuthukisa kakhulu ukuqonda kwakho nokwazisa lokho uNkulunkulu noJesu abakwenzele kona.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 4 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela