Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w13 6/1 kk. 14-15
  • Yini Esingayifunda Eselelesini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Esingayifunda Eselelesini?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Uyokuba Nami EPharadesi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Obani Abayovuswa? Bayohlalaphi?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • “Sizobonana EPharadesi!”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Likuphi Ipharadesi Okukhulunywa Ngalo EBhayibhelini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
w13 6/1 kk. 14-15

FUNDISA IZINGANE ZAKHO

Yini Esingayifunda Eselelesini?

Iselelesi esingafunda kuso yilesi esisibona sikhuluma noJesu esithombeni. Lesi selelesi siyazisola ngenxa yobugebengu baso. Sicela uJesu: “Ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.” Njengoba ungabona esithombeni, uJesu ukhuluma nalesi selelesi. Uyazi ukuthi uJesu uthini kuso?—a UJesu uyasithembisa: “Ngiqinisile ngiyakutshela namuhla, uyokuba nami ePharadesi.”

Ucabanga ukuthi lelo Pharadesi liyoba njani?— Ukuze sithole impendulo enembile, ake sixoxe ngePharadesi uNkulunkulu alenzela abantu bokuqala, u-⁠Adamu no-Eva. Lalikuphi lelo Pharadesi? Ingabe lalisezulwini noma emhlabeni?—

Uqinisile uma uthi lalisemhlabeni. Ngakho uma sicabanga ngeselelesi ‘sisePharadesi,’ kufanele sicabange ngaso silapha emhlabeni lapho umhlaba usuyipharadesi. Liyoba njani iPharadesi?— Ake sibone.

IBhayibheli lithi ngemva kokuba uJehova uNkulunkulu edale abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, wababeka epharadesi lapha emhlabeni. Lalibizwa ngokuthi ‘insimu yase-Edene.’ Ucabanga ukuthi yayiyinhle kangakanani ‘insimu yase-Edene’?— Ngokuqinisekile, yayizidlula kude lé izindawo ezinhle esizaziyo namuhla!

Ungathini? Ingabe uJesu uzoba lapha emhlabeni kanye neselelesi esazisola ngezono zaso?— Cha, uJesu uyobe esezulwini ebusa njengeNkosi emhlabeni oyiPharadesi. Ngakho uJesu uzoba neselelesi ngomqondo wokuthi uzosivusa kwabafileyo futhi aqikelele ukuthi siyanakekelwa emhlabeni oyiPharadesi. Kodwa kungani uJesu ezovumela ukuba indoda eyayiyisigebengu ihlale ePharadesi?— Ake sixoxe ngalokhu.

Kuyiqiniso ukuthi lesi selelesi senza izinto ezimbi kakhulu. Kodwa sifana nabanye abantu abaningi abake baphila emhlabeni. Nokho, abaningi kubo benza izinto ezimbi ngoba bengakaze bafundiswe ngoJehova nalokho afuna bakwenze.

Ngakho, abantu abanjalo kuhlanganise neselelesi uJesu akhuluma naso esigxotsheni, bayovuselwa ekuphileni ePharadesi lapha emhlabeni. Bayofundiswa ukuthi iyini intando kaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi bayokwazi ukubonisa ukuthi bayamthanda uJehova.

Uyazi ukuthi bangakubonisa kanjani lokho?— Ngokwenza lokho uNkulunkulu afuna bakwenze. Akuve kuyoba mnandi ukuphila phakade ePharadesi nokuhlale unabantu abathanda uJehova nabathandanayo!

EBhayibhelini lakho funda

  • ULuka 23:32-43

  • UGenesise 2:7-9

  • IsAmbulo 21:3-5

a Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela