Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 3/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Kungani UJesu Ahlupheka Futhi Wafa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Umbuzo 2: Kuzokwenzekani Uma Ngifa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ukufa Nokuvuswa KukaJesu—Indlela Okungakuzuzisa Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 3/1 k. 16
Abantu bajabulile ngasogwini lolwandle emhlabeni oyipharadesi, izingane ziyabhukuda

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ukufa kukaJesu kusizuzisa kanjani?

Lapho uNkulunkulu edala abantu, wayehlose ukuba baphile phakade emhlabeni ongenakho ukugula noma ukufa. Nokho, umuntu wokuqala, u-Adamu, akazange amlalele uMdali futhi walahlekelwa ithemba lokuphila phakade. Njengenzalo ka-Adamu, sazuza ukufa kuye. (Roma 5:​8, 12; 6:23) UNkulunkulu weqiniso, uJehova, wathumela iNdodana yakhe, uJesu, emhlabeni ukuze ife futhi ibuyisele lokho okwalahlwa u-Adamu.​—Funda uJohane 3:16.

UJesu wafa ukuze abantu bakwazi ukuphila phakade. Ucabanga ukuthi kuyoba njani ukuphila phakade lapha emhlabeni?

Ukufa kukaJesu kwenza ukuthethelelwa kwezono zethu nokuphila phakade kube yinto engenzeka. IBhayibheli lisenza sibone ukuthi ukuphila kuyoba njani emhlabeni lapho kungasekho ukuguga, ukugula nokufa.​—Funda u-Isaya 25:8; 33:24; IsAmbulo 21:​4, 5.

Kufanele sikukhumbule kanjani ukufa kukaJesu?

Ngobusuku obungaphambi kokufa kwakhe, uJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe ngomkhosi ongenamicikilisho. Ukukhumbula ukufa kukaJesu ngaleyo ndlela unyaka ngamunye, kusinika ithuba lokucabanga ngendlela uJesu noJehova abasithanda ngayo isintu.​—Funda uLuka 22:​19, 20; 1 Johane 4:​9, 10.

Kulo nyaka, iSikhumbuzo sokufa kukaJesu sizoba ngoMsombuluko, ngo-April 14, ngemva kokushona kwelanga. Uyamenywa ukuba ube khona eSikhumbuzweni esizokwenziwa oFakazi BakaJehova endaweni yangakini.​—Funda eyabaseRoma 1:​11, 12

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka izahluko 4 no-5 zale ncwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Ungayidawuniloda engosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela