Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 5/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi Nokuhlupheka?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi Nokuhlupheka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ubani Olawula Izwe?
    Ubani Ngempela Olawula Izwe?
  • Kungani Kunosizi Olungaka?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 5/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Ubani ngempela obusa leli zwe?

Impi, ubugebengu nezinhlekelele

Uma uNkulunkulu ebengumbusi waleli zwe, ingabe bekuyoba nokuhlupheka okungaka?

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uNkulunkulu weqiniso nguye obusa izwe. Ukube bekunjalo, ingabe bekuyoba nokuhlupheka okungaka emhlabeni? (Duteronomi 32:​4, 5) IBhayibheli libonisa ukuthi umhlaba ubuswa umuntu omubi.​—Funda eyoku-1 Johane 5:19.

Kwenzeka kanjani ukuba lo muntu omubi abuse abantu? Ekuqaleni komlando wabantu, ingelosi ethile yavukela uNkulunkulu yabangela ukuba abantu ababili bokuqala nabo bavukele. (Genesise 3:​1-6) Laba bantu bakhetha ukulalela leyo ngelosi eyisihlubuki, uSathane, bayenza umbusi wabo. UNkulunkulu uMninimandla onke nguyena kuphela uMbusi ofanelekayo, kodwa ufuna abantu bakhethe ukubuswa nguye ngoba bemthanda. (Duteronomi 6:6; 30:​16, 19) Ngokudabukisayo, iningi labantu liye ladukiswa lenza isinqumo esibi njengoba kwenza abantu ababili bokuqala.​—Funda isAmbulo 12:9.

Ubani oyoxazulula izinkinga zabantu?

Ingabe uNkulunkulu uyovumela uSathane aqhubeke nokubusa kwakhe okubi? Cha! UNkulunkulu uzosebenzisa uJesu ukuze aqede bonke ububi obenziwe uSathane.​—Funda eyoku-1 Johane 3:8.

Ngamandla kaNkulunkulu, uJesu uzombhubhisa uSathane. (Roma 16:20) Ngemva kwalokho, uNkulunkulu uzobusa abantu abenze baphile ngenjabulo nangokuthula njengoba ayehlosile ekuqaleni.​—Funda isAmbulo 21:​3-5.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 3 sencwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela