Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 3/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kufanele Sikukhumbule Kanjani Ukufa KukaJesu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Obani Okumelwe Badle?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 3/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Kungani Kufanele Sikhumbule Ukufa KukaJesu?

Abantu bajabulela ukuphila epharadesi emhlabeni

Yiliphi Ikusasa Elilethwa Ukufa KukaJesu?—Isaya 25:8; 33:24

Ukufa kukaJesu kwakuyisenzakalo esibaluleke kakhulu emlandweni—wafa ukuze abuyisele ukuphila kwabantu kulokho okufanele kube yikho. Umuntu wayengadalwanga enokuthambekela kokwenza izinto ezimbi, engadalelwanga nokuba agule noma afe. (Genesise 1:31) Kodwa isono sangena ezweni ngomuntu wokuqala, u-Adamu. UJesu wanikela ngokuphila kwakhe ukuze asisindise esonweni nasekufeni.—Funda uMathewu 20:28; Roma 6:23.

UNkulunkulu wabonisa uthando olukhulu ngokuthumela iNdodana yakhe emhlabeni ukuze isifele. (1 Johane 4:9, 10) UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe ngomkhosi ongenamicikilisho wesikwa newayini. Ukwenza lokho unyaka ngamunye kuyindlela yokubonisa ukwazisa kwethu ngothando olwaboniswa uNkulunkulu noJesu.—Funda uLuka 22:19, 20.

Obani okufanele badle isinkwa futhi baphuze iwayini?

Lapho uJesu etshela abafundi bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe, wakhuluma ngesivumelwano. (Mathewu 26:26-28) Sabavulela ithuba bona kanye nabanye abayinani elilinganiselwe lokuba amakhosi nabapristi kanye naye ezulwini. Nakuba beyizigidi abantu abakhumbula ukufa kukaJesu, yilabo abakuleso sivumelwano kuphela abadla isinkwa baphuze newayini.—Funda IsAmbulo 5:10.

Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000, uJehova ubelokhu ekhetha labo abazoba amakhosi. (Luka 12:32) Bambalwa ngesibalo kunalabo abazophila phakade emhlabeni.—Funda IsAmbulo 7:4, 9, 17.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 5 sale ncwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Iyatholakala nasengosini ethi www.pr2711.com/zu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela