INDABA YOKUPHILA
Ukuba “Yizinto Zonke Kubantu Bazo Zonke Izinhlobo”
“Uma nje ubhapathizwa, ngizokushiya!” Ubaba wasongela umama ngalawo mazwi ngo-1941. Naphezu kwalokho kusongelwa, umama wanquma ukubhapathizwa ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova uNkulunkulu. Enza ngokuvumelana nezinsongo zakhe, ubaba wahamba. Ngangineminyaka engu-8 kuphela ngaleso sikhathi.
NGASE nginesithakazelo kakade eqinisweni leBhayibheli. Umama wayenezincwadi zeBhayibheli futhi ngangizithanda kakhulu, ikakhulukazi imifanekiso yazo. Ubaba wayengafuni ukuba umama angixoxele lokho ayekufunda. Nokho, ngangifuna ukwazi futhi ngibuza imibuzo, ngakho wayetadisha nami lapho ubaba esaphumile. Lokho kwenza nami ngafuna ukunikezela ukuphila kwami kuJehova. Ngabhapathizwa eBlackpool, eNgilandi, ngo-1943 ngineminyaka eyishumi.
UKUQALA UKUKHONZA UJEHOVA
Kusukela lapho, mina nomama sasishumayela njalo. Ukuze sethule umyalezo weBhayibheli, sasisebenzisa amagilamafoni. Ayemakhulu futhi enesisindo esingamakhilogremu angu-4,5. Ngibone nje ngeso lengqondo, umfanyana, ephethe into esinda kanjalo!
Lapho sengineminyaka engu-14, ngase ngifuna ukuphayona. Umama wathi kufanele ngiqale ngikhulume nenceku yabazalwane (manje ebizwa ngokuthi umbonisi wesigodi). Yasikisela ukuba ngizame ukuthola ikhono elithile ukuze ngizisekele enkonzweni yokuphayona. Ngakho ngenza kanjalo. Ngemva kokusebenza iminyaka emibili, ngaxhumana nomunye umbonisi wesigodi ngokuphayona. Wathi, “Usalindeni!”
Ngakho, ngo-April 1949, mina nomama sahambisa ifenisha eyayisendlini yethu eyayiqashiwe sabe sesithuthela eMiddleton, eduze kwaseManchester, lapho saqala khona ukuphayona. Ngemva kwezinyanga ezine, ngakhetha umzalwane othile engangizophayona naye. Ihhovisi legatsha lasikisela ukuba sithuthele ebandleni elalisanda kumiswa e-Irlam. Umama waphayona nodade kwelinye ibandla.
Nakuba ngangineminyaka nje engu-17 ubudala, mina nengangiphayona naye sasinikwe isabelo sokuqhuba imihlangano ngenxa yokuthi babembalwa abazalwane abafanelekayo kulelo bandla elisha. Kamuva, ngacelwa ukuba ngiye ebandleni laseBuxton, elalinabamemezeli abambalwa kakhulu futhi lidinga usizo. Ngihlale ngibheka lezo zenzakalo njengezazingiqeqeshela izabelo ezizayo.
Sikhangisa ngenkulumo yasobala nabanye eRochester, eNew York, ngo-1953
Ngo-1951, ngagcwalisa isicelo sokuya e-Watchtower Bible School of Gilead. Nokho, ngo-December 1952, ngabuthelwa empini. Ngafaka isicelo sokukhululwa empini ngesisekelo sokuba inceku yesikhathi esigcwele kodwa inkantolo yenqaba ukungiqaphela njengenceku futhi ngagwetshwa izinyanga eziyisithupha ejele. Ngilapho, ngathola isimemo sokuba sekilasini lama-22 laseGileyadi. Yingakho ngo-July 1953, ngangisemkhunjini obizwa ngokuthi i-Georgic, owawulibangise eNew York.
Lapho ngifika, ngakwazi ukuba seMhlanganweni Womphakathi Wezwe Elisha ngo-1953. Ngabe sengihamba ngesitimela ngaya eNingizimu yeLansing, eNew York, lapho kwakukhona khona isikole. Ngangisanda kuphuma ejele, nginemali encane. Lapho ngehla esitimeleni, kwakukhona ibhasi elalizongiyisa eNingizimu yeLansing futhi kwadingeka ngiboleke imali yokugibela engamasenti angu-25 kwengangigibele naye.
ISABELO SAKWELINYE IZWE
Sathola ukuqeqeshwa okuhle kakhulu eSikoleni SaseGileyadi okusisiza sibe “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo” emsebenzini wezithunywa zevangeli. (1 Kor. 9:22) Abathathu kithi—uPaul Bruun, uRaymond Leach, nami—babelwa ePhilippines. Kwadingeka silinde izinyanga eziningi, silinde ama-visa ethu; sabe sesihamba ngomkhumbi sadlula eRotterdam, oLwandle LwaseMedithera, eSuez Canal, e-Indian Ocean, eMalaysia, naseHong Kong—izinsuku ezingu-47 sisolwandle! Ekugcineni, safika eManila ngo-November 19, 1954.
Mina noRaymond Leach, engangiyisithunywa sevangeli naye, sahamba izinsuku ezingu-47 ngomkhumbi ukuya ePhilippines
Kwabe sekudingeka sijwayele abantu abasha, izwe elisha ngisho nolimi olusha. Nokho, ekuqaleni sobathathu sasabelwe ebandleni eliseQuezon City, iningi labantu abahlala kule ndawo likhuluma isiNgisi. Ngakho, ngemva kwezinyanga eziyisithupha, sasazi amagama ambalwa nje ngesiTagalog. Isabelo sethu esasizolandela sasizosisiza sixazulule leyo nkinga.
Ngolunye usuku ngo-May 1955 lapho sifika endlini siphuma enkonzweni yasensimini, mina noMfoweth’ uLeach sathola isitaki sezincwadi egumbini lethu. Sathola ukuthi sasabelwa njengababonisi bezigodi. Ngangineminyaka engu-22 nje kuphela, kodwa lesi sabelo sanginika ithuba lokuba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo” ngezindlela ezintsha.
Nginikeza inkulumo yeningi emhlanganweni wesifunda ngolimi lwesiBicol
Ngokwesibonelo, nganikeza inkulumo yami yokuqala njengombonisi wesigodi obala phambi kwesitolo sendawo. Ngokushesha ngezwa ukuthi kwakuyisiko ePhilippines ngalezo zinsuku ukuba inkulumo yeningi yenziwe obala ngempela! Njengoba ngangivakashela amabandla ahlukahlukene kuleso sigodi, nganikeza izinkulumo kuma-gazebo, ezimakethe, phambi kwamahholo kamasipala, ezinkundleni zokudlala i-basketball, emapaki futhi ngokuvamile emakhoneni emigwaqo. Ngesinye isikhathi ngiseSan Pablo City, kwana imvula eyenza ngangakwazi ukunikeza inkulumo emakethe yomphakathi, ngakho ngasikisela kubazalwane abaholayo ukuba inkulumo ngiyinikeze eHholo LoMbuso. Ngemva kwalokho, abazalwane babuza ukuthi le nkulumo ingabikwa yini njengenkulumo yasobala njengoba yayingazange yenziwe endaweni esobala!
Abafowethu babehlale besamukela kahle. Nakuba amakhaya abo ayevamile kodwa ayehlale ehlanzekile. Umbhede wami wawuvame ukuba icansi elindlalwe phansi. Izindawo zokugezela zazisobala, okwakwenza ukuthi uma ugeza ubonakale, ngakho ngafunda ukugeza ngendlela ehloniphekile uma ngikulezo zindawo. Ngangihamba nge-jeepney nangebhasi, ngezinye izikhathi ngihambe ngesikebhe lapho ngiya kwezinye iziqhingi. Kuyo yonke iminyaka yami yenkonzo, angikaze ngibe nemoto.
Ukusebenza enkonzweni yasensimini nokuvakashela amabandla kwangisiza ngafunda isiTagalog. Angisifundelanga esikoleni kodwa ngasifunda ngokulalela abazalwane ensimini nasemihlanganweni. Abafowethu babengisiza ngisifunde futhi ngangikwazisa ukuba nesineke kwabo kanye nezinto ababezisho ngokwethembeka.
Njengoba isikhathi sasiqhubeka, izabelo ezintsha zazingenza ukuba ngenze izinguquko ezengeziwe. Ngo-1956, lapho uMzalwane uNathan Knorr esivakashele, ngabelwa ukuba nginakekele izinkonzo zomphakathi emhlanganweni wezizwe. Ngangingenakho okuhlangenwe nakho ngakho abanye bangifundisa ngokuzithandela. Ungakapheli unyaka, kwahlelwa omunye umhlangano wezizwe futhi uMfoweth’ uFrederick Franz owayevela endlunkulu yomhlaba wonke wayesivakashele. Lapho ngikhonza njengombonisi womhlangano, ngafunda ukuzimisela ukuzivumelanisa nabantu kuMfoweth’ uFranz. Abazalwane bendawo babekujabulela ukubona uMfoweth’ uFranz egqoke i-barong Tagalog, izingubo zokugqoka zesiko lasePhilippines, lapho enikeza inkulumo yeningi.
Kwadingeka ngenze ezinye izinguquko lapho ngabelwa njengombonisi wesigodi. Ngaleso sikhathi, sabukisa abantu ifilimu ethi The Happiness of the New World Society, cishe njalo lapho sisezindaweni zomphakathi. Ngezinye izikhathi, sasihlushwa izinambuzane. Zazidonswa ukukhanya kwe-projector, zazingena futhi zinamathele kuyo. Kwakungeve kuwumsebenzi ukuhlanza i-projector! Kwakungelula ukuhlela ukubukisa le filimu, kodwa kwakwanelisa ukubona abantu besabela kahle njengoba babejwayelana nezinto ababengazazi ezazisetshenziswa oFakazi BakaJehova.
Abapristi bamaKatolika bacindezela ezinye izikhulu ukuba zingasinikezi imvume yokuba nemihlangano. Kokunye, babezama ukona imihlangano ngokushaya izinsimbi zesonto njalo lapho izinkulumo zazinikezwa eduze kwamasonto abo. Noma kunjalo, umsebenzi waqhubeka futhi iningi labantu kulezo zindawo manje lingabakhulekeli bakaJehova.
IZABELO EZAZIDINGA NGENZE EZINYE IZINGUQUKO
Ngo-1959, ngathola incwadi eyayingazisa ukuthi ngabelwe ukuba ngiyokhonza ehhovisi legatsha. Lokhu kwenza ukuba ngifunde ezinye izinto eziningi. Ngokuhamba kwesikhathi, ngacelwa ukuba ngihambele amanye amazwe. Kolunye lwalolo hambo, ngajwayelana noJanet Dumond, isithunywa sevangeli eThailand. Sasilokhu sixhumana futhi kamuva sashada. Sesiye sajabulela ukuba senkonzweni eyanelisayo iminyaka engu-51 sobabili.
NginoJanet kwesinye seziqhingi eziningi sasePhilippines
Kukho konke, ngiye ngaba nelungelo lokuvakashela abantu bakaJehova emazweni angu-33. Yeka ukuthi ngibonga kanjani ngokuthi izabelo zami zokuqala zangisiza zangilungiselela izinselele ezihlukile zokusebenzelana nabantu abahlukahlukene kangaka! Lokhu kuhambela kwenza umbono wami waba banzi ngisho nakakhulu futhi kwangisiza ngabona indlela uthando lukaJehova olusibekela ngayo zonke izinhlobo zabantu.—IzEnzo 10:34, 35.
Siyaqikelela ukuthi siya njalo ensimini
NGISAZENZA IZINQUQUKO
Yeka ukuthi kube yinjabulo kangakanani ukukhonza nabafowethu ePhilippines! Inani labamemezeli manje seliphindwe kashumi kunasengesikhathi ngiqala ukukhonza lapha. Mina noJanet siqhubeka sikhonza ndawonye ehhovisi legatsha lasePhilippines eQuezon City. Ngisho nangemva kweminyaka engu-60 sikulesi sabelo sakwelinye izwe, ngisadinga ukulungela ukwenza izinguquko zalokho uJehova akucelayo. Izinguquko ezenziwa inhlangano zifuna ukuba sihlale sikulungele ukuzivumelanisa nezimo enkonzweni yethu kuNkulunkulu nakubafowethu.
Ukwanda koFakazi kusilethela injabulo eqhubekayo
Siye sazimisela ukwamukela noma yini esiyibheka njengeyintando kaJehova futhi lena kube yindlela eyanelisa kunazo zonke. Siye sazama nokwenza izinguquko ezidingekile nokukhonza abazalwane ngokufanelekayo. Yebo, sizimisele, uma nje kuseyintando kaJehova, ukuba “yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo.”
Sisakhonza ehhovisi legatsha laseQuezon City