Isethulo
UCABANGANI?
Ingabe iBhayibheli seliphelelwe yisikhathi? Noma ingabe lisabalulekile? IBhayibheli ngokwalo lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.”—2 Thimothewu 3:16, 17.
Le Nqabayokulinda iqokomisa izibonelo eziseBhayibhelini zokuhlakanipha okusebenzayo futhi inikeza amacebiso endlela yokuthola okwengeziwe lapho ufunda iBhayibheli.