Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp18 No. 1 k. 3
  • Ingabe IBhayibheli Lisewusizo Nanamuhla?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe IBhayibheli Lisewusizo Nanamuhla?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isethulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
  • IBhayibheli—Ingabe Liwusizo Osukwini Lwethu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Incwadi Ewusizo Ekuphileni Kwanamuhla
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Ithuluzi Eliwusizo Lokuhumusha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
wp18 No. 1 k. 3
Umuntu ohamba emkhathini, indiza, usosayensi, umndeni nendoda efunda iBhayibheli

Ingabe IBhayibheli Lisewusizo Nanamuhla?

ABANYE BATHI CHA. Omunye udokotela wafanisa ukusebenzisa iBhayibheli nokusebenzisa incwadi yango-1920, ukuze ufundise ikilasi ngokusebenza kwamakhemikhali. Umuntu ongalihloniphi iBhayibheli angase abuze, ‘Ungazisebenzisa yini iziqondiso ze-computer yakudala lapho usebenzisa i-computer yamuva?’ Ngamanye amazwi, abanye babheka iBhayibheli njengeseliphelelwe isikhathi.

Vele umuntu angayisebenziselani incwadi eneziqondiso ezindala ezweni eselithuthuke kangaka? Empeleni, umzuzu nomzuzu amakhasi ezindaba akuyi-Internet ahlale eneziyalezo kanye neziqondiso ezintsha. Ithelevishini inezinhlelo ezinodokotela bokusebenza kwengqondo, abeluleki kanye nababhali bezincwadi. Izitolo ezidayisa izincwadi ezinikeza abantu izeluleko, zenze izigidi zemali.

Njengoba kunolwazi olungaka olutholakala kalula, kungani umuntu engafuna iseluleko eBhayibhelini—incwadi eyaqedwa ukubhalwa eminyakeni engaba ngu-2 000 eyedlule? Kungenzeka yini ukuthi labo abangalihloniphi iBhayibheli baqinisile uma bethi ukulisebenzisa kungafana nokusebenzisa incwadi yesayensi noma yeziqondiso ze-computer yakudala? Empeleni, umbono oyiphutha lowo. Isayensi nezobuchwepheshe zishintsha njalo, kodwa ingabe izidingo zabantu zishintshile? Abantu basakufuna ukuthola injongo ekuphileni, injabulo, ukulondeka, ukuba nomndeni ojabulayo kanye nabangane beqiniso.

Nakuba liyincwadi endala, iBhayibheli linikeza usizo kulezi zidingo kanye nezinye. Liphinde lithi, livela kuMdali wethu. Lisithembisa ukusinikeza isiqondiso kunoma yini ekuphileni, futhi lisisiza ukuba sikwazi ukubhekana nanoma iziphi izinkinga. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngaphezu kwalokho, lithi lingasinikeza iziyalo neziqondiso ezingaphelelwa isikhathi! IBhayibheli ngokwalo lithi: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila.”​—Hebheru 4:12.

Lokho iBhayibheli elithi liyakwenza kuyiqiniso ngempela yini? Ingabe liphelelwe isikhathi noma liyincwadi esewusizo ngempela? Injongo yale Nqabayokulinda, ukukusiza uthole izimpendulo zale mibuzo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela