Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp19 No. 2 kk. 6-7
  • Lapho Kushona Umuntu Omthandayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kushona Umuntu Omthandayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INDLELA ABANYE ABABHEKANE NGAYO NALESI SIMO
  • Ngingaphila Kanjani Nosizi Engikulo?
    Lapho Ufelwa Othandekayo
  • Ukubhekana Nosizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Usizo Kwabasosizini
    I-Phaphama!—2011
  • “Ngingaphila Kanjani Nosizi Lwami?”
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
wp19 No. 2 kk. 6-7
Indoda nomkayo abashonelwe basolwandle bagaxene, bayacabanga

Lapho Kushona Umuntu Omthandayo

“Lapho umfowethu omdala eshona ngokuzumayo, ngavele ngaphelelwa amandla. Ezinyangeni ezalandela ngangimkhumbula, futhi ngizwa ubuhlungu obungathi ngihlatshwa ummese enhliziyweni. Ngezinye izikhathi ngangithukuthela. Ngangizibuza: ‘Kungani umfowethu eshonile?’ Ngangizizwa nginecala ngokuthi angizange ngichithe isikhathi esiningi naye.”—UVanessa, e-Australia.

UMA wake washonelwa umuntu omthandayo kungenzeka ukuthi nawe wazizwa udabukile, unesizungu futhi uphelelwe amandla. Kungenzeka nokuthi wathukuthela, wazisola futhi wazizwa wesaba. Kungenzeka wazibuza nokuthi usaphilelani.

Ayikho into embi ngokuzizwa udabukile. Kubonisa ukuthi ubumthanda umuntu oshonile. Nokho, kungenzeka yini ube ngcono naphezu kobuhlungu obuzwayo manje?

INDLELA ABANYE ABABHEKANE NGAYO NALESI SIMO

Nakuba ungase ubone sengathi ubuhlungu obuzwayo ngeke buphele, amaphuzu alandelayo angakusiza uzizwe ungcono:

ZINIKE ISIKHATHI ESANELE SOKULULAMA

Ayifani indlela abantu abaveza ngayo usizi lwabo futhi kwabanye kuthatha isikhathi kanti kwabanye kuyashesha. Ukukhala kungakusiza unciphise ubuhlungu obuzwayo. UVanessa uthi, “Ngangivele ngikhale. Kwakungisiza ngisuse ubuhlungu obusenhliziyweni.” USofía owashonelwa udadewabo ngokuzumayo uthi, “Kubuhlungu ukucabanga ngalokho okwenzeka. Kuba sengathi ngikhama isilonda esinobovu. Lobo buhlungu abubekezeleleki, kodwa kwenza isilonda siphole.”

KHULUMA NGALOKHO OKUCABANGAYO NENDLELA OZIZWA NGAYO

Kuyaqondakala ukuthi ngezinye izikhathi ungase ufise ukuba wedwa. Kodwa akulula ukubhekana nosizi lokushonelwa uwedwa. UJared oneminyaka engu-17, owashonelwa ubaba wakhe uyakhumbula: “Ngangikhuluma nabanye ngendlela engangizizwa ngayo. Angiqiniseki noma babekuqonda yini engangikusho, kodwa ukuveza indlela engangizizwa ngayo kwakungisiza.” UJanice okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala ubonisa ezinye izinzuzo: “Ukukhuluma nabanye kwakungiduduza ngempela. Ngangibona ukuthi bayayiqonda indlela engizizwa ngayo, ngenxa yalokho angizizwanga ngingedwa.”

YAMUKELA USIZO

Omunye udokotela uthi: “Lapho abantu abashonelwe bevumela izihlobo nabangane ukuba babasize ngokushesha ngemva kokushonelwa, kuba lula ngabo ukubhekana nosizi lwabo.” Batshele abangane bakho ukuthi yini oyidingayo. Kungenzeka bayafuna ukukusiza, kodwa abazi ukuthi bangakusiza kanjani.—IzAga 17:17.

SONDELA KUNKULUNKULU

UTina uthi: “Lapho umyeni wami ebulawa umdlavuza ngokuzumayo, ngangingasakwazi ukuxoxa naye ngezinto ezingikhathazayo nendlela engangizizwa ngayo. Ngakho lezo zinto ngase ngizitshela uNkulunkulu! Njalo ekuseni ngangimcela ukuba angisize ngikwazi ukuluqeda usuku. UNkulunkulu wangisiza ngezindlela eziningi engingeke ngikwazi ukuzibala.” UTarsha owayeneminyaka engu-22 lapho umama wakhe eshona, uthi: “Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kwakungiduduza. Ngangihlale ngithola into engikhuthazayo, bese ngicabanga ngayo.”

CABANGA NGESIKHATHI OYOPHINDE UMBONE NGASO

UTina uyaqhubeka, uthi: “Ngesikhathi umyeni wami esanda kushona ithemba lovuko lalingangiduduzi kangako ngoba ngangimdinga ngaleso sikhathi, nabafana bami babedinga ubaba wabo. Nokho njengoba sekudlule iminyaka emine ashona, ithemba lovuko yilona eselingiduduza. Lingigcina ngiphila futhi nginethemba ngekusasa. Kuyangijabulisa futhi kungenza ngibe nokuthula ukucabanga ngesikhathi esiyophinde sihlangane ngaso!”

Ngeke ubuhlungu obuzwayo buphele ngokushesha. Nokho, lokho okwenzeka kuVanessa kungakukhuthaza. Uthi: “Ungase ucabange ukuthi awusoze wazizwa ungcono, kodwa ngokuhamba kwesikhathi buzoncipha ubuhlungu obuzwayo.”

Khumbula, nakuba ungeke uyeke ukucabanga ngomuntu omthandayo owashona, zisekhona izizathu zokuba uqhubeke nokuphila. Ngosizo lukaNkulunkulu, ungaqhubeka ujabulela ubungane obufudumele nabanye, futhi ube nesizathu sokuqhubeka uphila. Maduze uNkulunkulu uzobavusa abafile. Uyafuna ukuba nawe wamukele umuntu omthandayo lapho esevuswa. Ngaleso sikhathi, ubuhlungu obusenhliziyweni yakho buyoqedwa ngokuphelele!

Amavesi EBhayibheli Angakusiza

UNkulunkulu uyazibona izinyembezi zakho nobuhlungu obuzwayo.

Omunye umbhali weBhayibheli wathi kuNkulunkulu: “Faka izinyembezi zami esigujini sakho sesikhumba. Azilotshiwe yini encwadini yakho?”—IHubo 56:8.

Ungamtshela uNkulunkulu indlela ozizwa ngayo.

“Ngithululela ukukhathazeka kwami [kuNkulunkulu] . . . O Jehova,a ngilucela kuwe usizo.”—IHubo 142:2, 5.

Ungaba nethemba.

“Kuyoba khona uvuko.”—IzEnzo 24:15.

UNkulunkulu uthembisa ukuvusa abantu abaningi asebafa, futhi uyakulangazelela ukukwenza lokho.b—Jobe 14:14, 15.

a IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

b Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana novuko, bheka isifundo 30 sencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! ekhiqizwa oFakazi BakaJehova, ungayidawuniloda mahhala ku-www.pr2711.com/zu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela