Imihlangano Izuzisa Abantwana Bethu
1 Isizwe sakwaIsrayeli sayalwa ukuba ‘sibuthe abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, . . . ukuba bezwe, bafunde.’ (Dut. 31:12) Yebo, abantwana, ngisho nezingane ezincane, babeba khona emihlanganweni yokukhulekela yamaIsrayeli. Ngokufanayo namuhla, imihlangano yamabandla yoFakazi BakaJehova iyabazuzisa abantwana.—IHu. 148:1, 12.
2 Yiqiniso, abantwana bangase baphazamiseke kalula. Badinga ukufundiswa ukuba bakulalele ngokucophelela lokho okushiwoyo. Badinga nosizo ekuqondeni okunye ukwaziswa okukhulunyelwayo. Ukusikisela okulandelayo kungase kubasize abantwana bethu ukuba bathole okuningi emihlanganweni yobuKristu.
LUNGISELELA IMIHLANGANO
3 Ukuqeqeshwa okufanelekile ekhaya kuyobasiza abantwana ukuba bazise ilungelo lokuhlangana nabanye abantu ekukhulekeleni uJehova. Abantwana kufanele basizwe ukuba baqonde ukuthi lokhu kuyintando kaNkulunkulu nokuthi ukulalela kulendaba kuletha izinzuzo. Ngisho nabasebancane kakhulu bangasizwa ukuba baqonde ukuthi imihlangano yobuKristu ingeyabo nabo.—IHu. 133:1; Isaya 48:17; Math. 19:14.
4 Ukulungiselela komuntu siqu kuyojulisa ukujabulela komntwana imihlangano. Kuyasiza uma abantwana benamaBhayibheli abo siqu, iculo, nezinye izincwadi ezifundwayo ukuze bazisebenzise emihlanganweni. Abazali kufanele babasize abasebancane ukuba balungiselele okungenani ingxenye yesifundo yomhlangano ngamunye. (Heb. 10: 23) Lokhu kungenziwa ngokuvumelana nekhono lomntwana lokuqonda nokuhlanganyela emihlanganweni. Ngokusobala, kuyafiseleka ngabo bonke, kuhlanganise nabantwana, ukuba babekele eceleni isikhathi sokulungiselela.—Heb. 13:15.
5 Abanye abantwana bazuza ngokuba nezabelo ezikhethekile phakathi nemihlangano. Abantwana abasebancane kakhulu bangase bakujabulele ukuphawula ukuthi igama likaNkulunkulu, uMbuso, noma indaba ethile yeBhayibheli ikhulunyelwe futhi kwashiwo okuthile ngayo izikhathi ezingaki. Abantwana asebekhulakhulile bangase babelwe ukuba babhale imibhalo efundwayo noma ecashunwayo. Kungakhathaliseki ukuthi isabelo siyini, abantwana bayozuza kakhulu uma betuswa ngemizamo yabo. Bangase futhi banikezwe nethuba kamuva lokukhuluma ngamaphuzu abawafundile noma balandise ngamaphuzu abawajabulele akhulunyelwe emhlanganweni.
6 Bonke abantwana abakwaziyo ukufunda kufanele bakhuthazwe futhi basizwe ukuba babe nesimiso somuntu siqu sokufunda ngasese izincwadi zeNhlangano. Kuye ngokwekhono lomntwana, kungase kuhlanganise nokuzifunda baziqede izincwadi ezithi INcwadi Yezindaba ZeBhayibheli, UMfundisi oMkhulu, noBusha Bakho, kanye nezinye izihloko ezikhethiwe zomagazini. Isimiso esinjalo kufanele ekugcineni senze osemusha ukuba akwazi ukuhambisana nazo zonke izincwadi ezingokwasezulwini ezisetshenziswayo.
UKUGQOKA NOKUZIPHATHA OKUFANELE
7 Ngokuvamile, izivakashi zihlabeka umxhwele lapho zibona indlela ehloniphekile intsha yethu egqoka ngayo emihlanganweni yobuKristu. Kuye kwaphawulwa ukuthi indlela umntwana agqoka ngayo emhlanganweni ngokuvamile iyasithinta isimo sengqondo nokuziphatha kwakhe emihlanganweni. Lapho kuvakashelwa endlunkulu yeNhlangano eBrooklyn noma kunoma yiliphi ihhovisi legatsha, kungokufanelekile ngabantwana nangabantu abadala ukuba bagqoke njengoba bebengagqoka uma beya emihlanganweni yobuKristu.—omZU k. 131.
8 Ukuziphatha okuhle kwabantwana bethu emihlanganweni kuletha futhi udumo nenhlonipho egameni likaJehova. Ngakho, abazali kufanele baqaphele ukuthi ukuqondisa okuseduze emhlanganweni kubalulekile. Abazali abakhathalelayo bayohlela ukuba imikhaya yabo ihlale ndawonye phakathi nemihlangano futhi baqikelele ukuthi abantwana babo balondoloza ukuziphatha okufanelekile ngazo zonke izikhathi. Ukuze bathole ukusikisela okuwusizo, abazali bangase bakhulume nabanye abanempumelelo enhle kubantwana babo.
9 Kuyisifiso sethu ukuba abantwana bethu bahlanganyele ngokugcwele ekukhulekeleni emihlanganweni yethu yobuKristu futhi ‘bavuse uthando nemisebenzi emihle.’ (Heb. 10:24) Elungiselelweni likaJehova uNkulunkulu, imihlangano ingeyabo nabantwana.