Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/89 k. 7
  • Isihloko Sengxoxo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isihloko Sengxoxo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUSHINTSHASHINTSHA ISIHLOKO SENGXOXO
  • UMTHOMBO WOKWAZISWA WEZINTSHUMAYELO
  • Isihloko Sengxoxo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 9/89 k. 7

Isihloko Sengxoxo

1 INkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1977 yaqalisa isihloko esithi “ISihloko Sengxoxo” futhi yanikeza ukusikisela ngendlela esingasetshenziswa ngayo ngokuphumelelayo. Sonke siye sazuza kulesihloko phakathi neminyaka eyi-12 edlule. Lesihloko sisize abaningi ukuba bathuthukise ukuphumelela kwabo ekushumayeleni izindaba ezinhle.

2 Phakathi neminyaka embalwa edlule, njalo ngezinyanga ezintathu noma ezine bekunikezwa iSihloko esisha Sengxoxo. Esikhathini esizayo, INkonzo Yethu YoMbuso izosishintsha kaningi ngokwengeziwe iSihloko Sengxoxo esisikiselwayo. Ngokuvamile, kuzoba nesihloko esihlukile isikhathi ngasinye lapho isipho sencwadi sishintsha. Lokhu kuzosisiza ukuba sishintshele kalula esiphweni sencwadi sisuka entshumayelweni yethu engokomBhalo. Sizokwenza futhi ukuba sishintshashintshe enkonzweni yethu.

UKUSHINTSHASHINTSHA ISIHLOKO SENGXOXO

3 Ezimweni ezivamile, uyothola ukuthi iSihloko Sengxoxo esiyisisekelo esisikiselwe singanikezwa kuzo zonke izindlu. Nokho, akekho okumelwe anqikaze ukushintsha isihloko noma ukusebenzisa esihlukile uma kubonakala kuyinzuzo ukwenza kanjalo. Yebo, lapho siqeqesha abasanda kuhlanganyela noma abasebancane, kungase kube usizo ukunamathela ngokuseduze eSihlokweni Sengxoxo esisikiselwe.

4 Amaphayona, kanye nabo bonke abayisebenza njalo insimu yabo, ngokungangabazeki bayokuthola kuwusizo ukushintshashintsha esihlokweni esisikiselwe ukuze bavimbele ukuba intshumayelo yabo ingabi insakavukela. Izimo ezihlukahlukene zingase zenze kube ukuhlakanipha ngezinye izikhathi ukusebenzisa isihloko esihlukile kuleso esisikiselwe kuNkonzo Yethu YoMbuso.

UMTHOMBO WOKWAZISWA WEZINTSHUMAYELO

5 Lapho sinomuzwa wesidingo sokushintshashintsha iSihloko Sengxoxo, singayitholaphi eminye imiqondo esingayisebenzisa? INkonzo Yethu YoMbuso yangezikhathi ezidlule iyoba usizo. Incwadi oyihambisayo nayo ingasetshenziswa njengomthombo wesihloko sakho sengxoxo. Khetha umfanekiso, umbhalo, noma isihloko sesahluko futhi wenze ukukhulumela okufushane, ukuze uvuse isithakazelo. Zama ukumnikeza incwadi ezandleni umfundi ukuze akwazi ukuzibhekela yona ngokwakhe. Ungase umangale ukubona indlela okulula ngayo ukuhambisa incwadi ngalendlela. Kamuva, lapho wenza impindelo, ungase uyiningilize ngokwengeziwe. Ngakho gcina intshumayelo yokuqala imfushane ngangokunokwenzeka.

6 Sonke kumelwe siqhubeke sicela uJehova ukuba ‘asinike ulimi lwabafundi’ ukuze siyazi indlela yokufundisa labo esihlangana nabo emasimini ethu. (Isaya 50:4) Kuyisifiso sethu esiqotho ukusebenzisa iSihloko Sengxoxo ngokuphumelelayo. Ukuphila kusengozini.​—1 Thim. 4:16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela