IBhokisi Lemibuzo
● Iyini imisebenzi yalabo abasebenza njengabalindi emihlanganweni yebandla?
Abalindi kufanele bababingelele ngemfudumalo bonke abeza emihlanganweni. Imisebenzi yabo ihlanganisa ukuhlalisa abantu abafika sekuqaliwe, ukubhala inani labebekhona, ukulondoloza ukuhleleka nokulondeka, nokunakekela ukungena komoya eHholo LoMbuso. Abalindi kufanele kube abazalwane abanobungane, abanokwethenjelwa abathatha isinyathelo kuqala ekunakekeleni imithwalo yabo yemfanelo.—omZU kk. 63-4.
Abalindi kufanele baphaphamele izidingo zabantu abasha, babenze bazizwe bamukelekile, futhi babasize ukuba bathole izihlalo. Bonke ebandleni kufanele bakulungele ukusiza abasha ukuba bajwayele futhi bazizwe bamukelekile. Lapho beqondisa abafike sekuqaliwe ezihlalweni ezingenamuntu, abalindi kufanele balwele ukungabaphazamisi labo asebehlezi kakade. Ngezinye izikhathi banikeza abantu abasha omagazini abafundwayo.
Ukulondoloza ukuhleleka phakathi nemihlangano kubalulekile. Njengoba sikhuthaza abazali ukuba beze nabantwana babo emihlanganweni, kuyoba nokuphazamisa okuthile ngezinye izikhathi. Kodwa lapho abantwana beqhubeka bengahlaliseki noma bengalawuleki, ngomusa umlindi kufanele anikeze usizo, mhlawumbe esikisela ukuba umzali aphume nomntwana ehholo isikhashana. Uma abazali abanabantwana abasebancane behlala lapho bengaphuma kalula khona uma kudingekile, ukunakekela izidingo zabantwana babo abancane kungenziwa ngaphandle kokuphazamisa abanye.
Ezindaweni lapho ukulondeka kuyinkinga khona, abalindi kufanele babelwe ukuba bavikele ekucekeleni phansi noma eziphazamisweni ezenziwa abaphikisi. Uma othile phakathi eHholo LoMbuso ezama ukuphazamisa umhlangano kufanele acelwe ukuba ahambe. Uma enqaba futhi ephikelela ephazamisa, abadala bangase bathintane neziphathimandla. (Abadala banesiqondiso esengeziwe esibhaliwe esiyoba usizo kubo esimweni esinjalo.) Kwezinye izindawo kungase kube okudingekile ngabazalwane ababelwe ukuba bahlole indawo yokupaka yeHholo LoMbuso phakathi nemihlangano.
Lapho kubalwa abakhona, bonke abantu abadala kanye nabantwana abancane abalalele nabazuzayo, nakuba kungaba sezingeni elincane, emihlanganweni kufanele babalwe.—kmZU 9/79 k. 4.