Izindaba Ezingokwasezulwini
♦ IBolivia ibike inani elisha eliphekeme labamemezeli abayizi-6 701 ngo-July. Naphezu kwesimo sezulu esibandayo sasebusika, abamemezeli bebandla benza isilinganiso samahora angu-14,2 enkonzweni.
♦ ICote d’lvoire ibike inani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-3 070 ngoJuly. Kwakunabamemezeli abangama-717 emsebenzini wobuphayona, okwakungamaphesenti angama-23 abamemezeli. Amaphayona aqhuba amaphesenti angama-51 ezifundo zeBhayibheli.
♦ lEcuador iyaqhubeka ibona ukwanda okuhle. Inani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-15 201 ngoJuly liwukwanda ngamaphesenti angama-20 ngaphezu kwesilinganiso sonyaka odlule. Amaphayona asizayo anda ngamaphesenti angama-66 ukwedlula inyanga efanayo ngonyaka odlule.
♦ Ababekhona emhlanganweni wesigodi eFrench Guiana babeyi-1 425, futhi kwabhapathizwa abangama-28. Babe nenani labamemezeli abangama-570.
♦ IGuadeloupe yabika ukuthi abayizi-12 339 babekhona emihlanganweni yesigodi, futhi kwabhapathizwa abangama-308. Lokhu kuhle kakhulu uma kuqhathaniswa nenani labo eliphakeme labamemezeli abayizi-5 980.
♦ INew Zealand ibe nokwanda ngamaphesenti ayi-10 ngoJuly nenani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-11 007.