Ingxenye Yakho Ekwenzeni Imihlangano Ibe Enenzuzo
1 Imihlangano yethu isisiza ukuba sijwayelane kangcono noJehova. Isisiza ukuba siqonde imithetho nezimiso zakhe futhi isikhuthaze ukuba siphile ngayo. Imihlangano isilungiselela ukuba sibe nengxenye ephumelela ngokwengeziwe emsebenzini wokushumayela osindisa ukuphila. Futhi iyasisiza ukuba sifinyelele umgomo wethu wokuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu. Amahora esiwasebenzisa sindawonye emihlanganweni ayosilethela inzuzo enkulu kakhulu uma ngabanye senza ingxenye yethu ekwenzeni imihlangano ibe enenzuzo.
2 Kunezihluthulelo ezintathu zokwenza imihlangano ibe enenzuzo—ukulungiselela, ukuhlanganyela, ukukusebenzisa kithi ngokwethu. Lokhu kuyahambisana. Ukulungiselela kahle kwenza ukuhlanganyela kube lula futhi kujabulise. Amazwi okholo enjabulo nentshiseko akhuthaza futhi ashukumise labo abalalele. (Efe. 4:29) Bonke abakhona ngokunokwenzeka kakhulu bayokusebenzisa okunikeziwe uma bekuqonda futhi besizwa ukuba baqonde indlela lokho kwaziswa okungasetshenziswa ngayo ngezindlela eziwusizo ekuphileni kwabo siqu nasekusizeni abanye ukuba babe abafundi.
ISIFUNDO SENQABAYOKULINDA NESENCWADI SEBANDLA
3 ISiFundo seNqabayokulinda neSifundo Sencwadi yimihlangano ebaluleke kakhulu ngenxa yokuthi ngayo “inceku ethembekileyo neqondayo” yondla abendlu yokholo. (Math. 24:45-47) Ingabe uyasibekela eceleni isikhathi ukuze utadishe ukwaziswa okuzocatshangelwa? Ingabe uzimisele ukunikeza izimpendulo emihlanganweni? Ngokusobala, ufeza indima eyisihluthulelo ngokuphathelene nalokhu.
4 Uma uye wakutadisha ngokunakekela ukwaziswa kweSifundo seNqabayokulinda noma iSifundo Sencwadi Sebandla, uyokulungela ukuhlanganyela enjabulweni enkulu yokupha. (IzE. 20:35 ) Abaningi bakuthola kuwusizo ukudwebela amagama ayisihluthulelo. Ngokubheka imibhalo engacashuniwe nangokucabangela indlela esebenza ngayo, uyozuza ukuqonda isisekelo esingokomBhalo ngezimpendulo. Ingabe manje usungaphendula ngamazwi akho siqu, noma kusamelwe ufunde izimpendulo? Injongo eyinhloko esifundweni esingokwasezulwini iwukwenza ukwaziswa kube ngokwakho futhi usebenzele kukho ngokwazisa okusuka enhliziyweni nokuqonda.—IzAga 2:5; 4:7, 8.
ISIKOLE SENKONZO ESINGOKWASEZULWINI NOMHLANGANO WENKONZO
5 Ingabe ubheka izinkulumo zakho esikoleni njengezabelo ezivela kuJehova futhi ukubonise lokhu ngendlela olungiselela ngayo? Qiniseka ukuthi uyakuqonda ukwaziswa futhi ungakunikeza ngendlela ekhangayo. Kodwa ngisho noma ungenaso isabelo esiqondile, tadisha ngokufunda izahluko zeBhayibheli nokunye ukwaziswa okusesimisweni isonto ngalinye. Kufanele wenze okufanayo nangoMhlangano WeNkonzo. Uma lokhu kwenziwa kusengaphambili, phakathi nomhlangano ungacabanga ngenkuthalo ngalokho okunikezwayo, kunokuba uzabalazele ukuzijwayelanisa nendaba okokuqala.
6 Imiboniso yoMhlangano WeNkonzo kanye nokuhlelwa kwenkulumo yomfundi kumelwe kube okungokoqobo, kubonisa izindlela okungasebenza ngazo enkonzweni bonke abangabhekisela kuzo. Yilungiselele kahle ingxenye yakho. Futhi, gqoka ngendlela efanele ukuze izingubo zakho zinikeze isibonelo esihle kwabanye.
7 Zibekele umgomo wokuzuza ezingxenyeni ezilungiselelwe kahle ezinikezwa ngentshiseko. Bazali, sizani izingane zenu ukuba zilungiselele futhi ziphendule ngamazwi azo lapho ithuba livela. Ngempela, uma sonke sikukhathalela ngokomuntu siqu ukufika ngesikhathi futhi sikulungele ukuhlanganyela, imihlangano yethu iyofudumala ngokwaziswa okuwusizo, okushukumisayo, okunikezwa ngendlela edonsa ukunaka kwezilaleli. Ingabe uyokwenza ingxenye yakho ngokuphathelene nalokhu ukuze “konke kwenzelwe ukwakhiwa” kwabanye abahlangene nawe?—1 Kor. 14:26.