IZindaba Ezingokwasezulwini
◆ IMartinique yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-2884 ngoMarch.
◆ NgoMarch, iMyanmar (iBurma) yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-1667, ukwanda kwamaphesenti angu-7 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule.
◆ ITrinidad yaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-5685 ngo-March, inani labo eliphakeme lesithathu iminyaka ilandelana.
◆ Siyajabula ukubika ukuthi kuye kwanikezelwa amaHholo OMbuso ayisishiyagalolunye phakathi nezinyanga eziyisikhombisa zokuqala kulonyaka. AmaKomiti Ezokwakha asebenza ngokuzikhandla ukuze aqede okungenani amanye ayisishiyagalombili ngaphambi kukaDecember, kodwa ayaludinga usizo. Ingabe ungazenza utholakalele lomsebenzi ophuthumayo? Uma kunjalo, thintana neNhlangano noma iKomiti Yezokwakha eseduze nawe.