Yibani-Ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwenu
1 Njengasesikhathini esedlule, ubungcwele buyimfuneko yaphezulu ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla. Khona-ke kunesidingo esiphuthumayo sokuba ngamunye wethu aqonde ngokucacile hhayi nje kuphela ukuthi buyini ubungcwele kodwa futhi nokuthi kukanjani futhi kungani kumelwe bube yimfanelo yokukhulekela kwethu uJehova. Kulokhu, isihloko esithi “Yibani-ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwenu” siyisihloko esizodingidwa esimisweni sosuku lomhlangano okhethekile wonyaka wenkonzo ka-1991.—1 Pet. 1:15.
2 Njengoba izimiso zokulunga zikaJehova nemithetho kuvela kuye njengoNkulunkulu oNgcwele, ukuma okuhle esikujabulelayo kuwumphumela oqondile wobuhlobo bethu obuseduze, nobomuntu siqu naye. Ngenxa yalokho, isimiso siyokwenaba ngezindlela eziningi ezibonisa indlela esingathuthukisa ngayo ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Lezi zihlanganisa ukulalela izindinganiso zakhe ezingcwele, ngisho nakulokho okungase kubhekwe njengezinto ezincane. (Luka 16:10) Siyosizwa ukuba sihlakulele ukwazisa okujulile ngezimfuneko zikaJehova ezingcwele sikhunjuzwe futhi ukuthi kungani kumelwe zithonye konke ukucabanga kwethu, isimo sengqondo, nezindlela zethu.
3 Izinkulumo ezimbili eziyinhloko eziyobekwa kuyoba ethi “Ukuzithoba Ekuhlanzweni Ngokuthuthukayo” nethi “Ukwandisa Imisebenzi Yabantu BakaJehova Abangcwele.” Njengoba izenzakalo zezwe ezivusa amadlingozi zigcizelela nsuku zonke ezingqondweni zethu ukuphuthuma kwezikhathi zethu, isimiso sosuku lomhlangano okhethekile wonyaka omusha wenkonzo siyosishukumisela ukuba siqhubeke sibheka kuJehova ukuba asiqondise nokuba sifune ukumthokozisa ngokuziphatha ngobungcwele.—1 Pet. 1:14, 16.