Sebenzisa Incwadi Ethi Ukubonisana Ezimpindelweni
1 “Mina ngatshala, uApholo wanisela.” Washo kanjalo umphostoli uPawulu. (1 Kor. 3:6) Lamagama womane anikeza umkhondo osobala wezinyathelo ezimbili zokuqala zokwenza abafundi. Umsebenzi wezimpindelo ngokuvamile uye wabizwa ngokuthi umsebenzi “wokunisela.” Uyihhuku elibalulekile phakathi kokubonana kokuqala nokuba kwalowomuntu umfundi obhapathiziwe. Umsebenzi wezimpindelo usenza sikwazi ‘ukusakaza ulwazi’ ukuze sinakekele izinhlamvana zesithakazelo esibonisiwe kuze kube yilapho zimila futhi kuqaliswe isifundo seBhayibheli.—IzAga 15:7.
2 Abanye bangase babe manqikanqika ngokuphindela lapho isithakazelo siboniswe khona ngenxa yokungaqiniseki ngokumelwe bakusho. Incwadi yethu ephathekayo ethi Ukubonisana NgemiBhalo iye yaba usizo kakhulu ekwenzeni lokhu kunisela. Ngokuvamile ngaphambi kokuba umnini-khaya avume ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli esihleliwe sasikhathi sonke, kumelwe kwenziwe uchungechunge lokuhambela okufushane. Incwadi ethi Ukubonisana inikeza uhlaka lwezihloko ezingokomBhalo okungaxoxwa ngazo nomnini-khaya. Kulungiselele kahle ukwenza impindelo, mhlawumbe usebenzisa okukodwa noma okwengeziwe kwalokhu kusikisela okulandelayo.
3 Uma wahambisa umagazini ka-April 15, 1992, we“Nqabayokulinda” okhuluma ngomkhuleko, lapho uphindela ungase uphakamise lombuzo:
◼ “Yini engenza imithandazo yomuntu ingamukeleki kuNkulunkulu?” Ngemva kokunika umnini-khaya isikhathi sokuphendula, khipha incwadi yakho ethi Ukubonisana bese uphenya ekhasini 391. Xoxa naye ngeminye yemibhalo engaphansi kwalesosihloko, umkhuthaze ukuba afunde ngokuqondile encwadini. Hambisa isikhokhelo, noma omagazini ababili uma isikhokhelo singemukelwa.
4 Kwenye impindelo, ngemva kokubuza umnini-khaya ukuthi ucabanga ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyini, njengoba kubhekiselwe kuwo eMthandazweni weNkosi, phenya ekhasini 356-62. Uma isikhathi sivuma, xoxa kabanzi ngemibhalo engaphansi kwesithi “Ingabe UMbuso KaNkulunkulu Uwuhulumeni Ongokoqobo?” nesithi “Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?” Cacisa ukungaqondi okuvamile kokuthi uMbuso usenhliziyweni yomuntu. UMbuso uwuhulumeni ongokoqobo! Kunokuhlanganisa konke ukwaziswa ngesikhathi esisodwa, phakamisa imibuzo okuyoxoxwa ngayo kamuva.
5 Kwesinye isimo, umnini-khaya angase athathe umagazini wePhaphama! ka-April 22, 1992, othi “Ukuphila—Iyini Injongo Yakho?”
Ungase ubuze:
◼ “Ingabe bukhona ubufakazi bokuthi umzimba womuntu wawuklanyelwe ukuphila phakade emhlabeni?” Noma, “Ingabe ucabanga ukuthi abafile bayazi ukuthi abaphilayo benzani?” Lemibuzo ingase yokhele inhlansi yesithakazelo kumnini-khaya ngoba ithinta yena siqu. Yenza amalungiselelo okubuya nezimpendulo, njengoba zitholakala encwadini ethi Ukubonisana, eyokuqala ekhasini 318, futhi eyesibili ekhasini 276.
6 Uma ingxoxo yokuqala yayiphathelene nekusasa lomhlaba, ungabuza:
◼“Ingabe uNkulunkulu uyobavumela abantu ukuba bonakalise umhlaba ngandlela-thile?” Khona-ke phenya ekhasini 49 lencwadi ethi Ukubonisana bese nixoxa ngempendulo engokomBhalo. Noma umnini-khaya angase abuze: “Uma izigidi zezigidi zabantu bevuswa kwabafileyo, bayohlalaphi bonke?” Impendulo ingatholakala encwadini ethi Ukubonisana, ikhasi 415.
7 Zama ukuba ungamgcingci umnini-khaya ngalo lonke iqiniso ngesikhathi esisodwa. Shiyela eminye imibuzo ukuba iphendulwe ekuhambeleni okulandelayo. Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, sifuna ukukufeza ngekhono ukutshala nokunisela ngokuyisebenzisa ngokuphumelelayo incwadi ethi Ukubonisana. Singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uyokhulisa.