Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/93 k. 1
  • Siza Abasanda Kuhlanganyela Ukuba Bathuthuke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Abasanda Kuhlanganyela Ukuba Bathuthuke
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubambisana Nomqhubi Wesifundo Sethu Sencwadi Sebandla
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ingabe UApril Uzoba Inyanga Ekhethekile Kuwe?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • U-April—Isikhathi ‘Sokusebenza Kanzima Nesokuzikhandla’
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Singamenza Yini U-April 2000 Abe Inyanga Ekhetheke Kunazo Zonke Kithi?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 3/93 k. 1

Siza Abasanda Kuhlanganyela Ukuba Bathuthuke

1 Ngo-April 17, 1992, abantu abacishe babe yizigidi ezingu-11,5 emhlabeni wonke bahlangana ukuze bagubhe iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Lokhu kwakuphinda ingqikithi yenani labamemezeli abahlanganyela emabandleni oFakazi BakaJehova ngezikhathi ezingaphezu kwezimbili nengxenye. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukubona izixuku ezinjalo zithuthelekela “entabeni kaJehova”! (Mika 4:2) Okwamanje kunabantu abangaba yizigidi eziyisikhombisa ababonisa isithakazelo esithile ekukhulekeleni kweqiniso futhi abangakabi abadumisi bakaJehova basobala. Ngokuqinisekile amazwi kaJesu athi “ukuvuna kukhulu” awakaze abe nenjongo ngalendlela!—Math. 9:37, 38.

2 Phakathi nenyanga ka-April, siyokwenza umzamo okhethekile wokusiza bonke labo abafanelekela ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Umqhubi weSifundo Sencwadi SeBandla, esizwa abanye abamemezeli abafanelekayo namaphayona eqenjini lakhe, uyofeza indima eyinhloko kulokhu. Umgomo wethu onezingxenye ezintathu (1) uwukuhlela ukuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya nabasanda kuhlanganyela ababekhona enkulumweni yeningi ekhethekile naseSikhumbuzweni kulonyaka; (2) ukukhuthaza labo abafundelwayo ukuba bafanelekele ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe; (3) nokwandisa ukuhlanganyela kwethu siqu enkonzweni yasensimini.

3 Sonke kufanele senze umzamo okhethekile wokwamukela futhi sijwayelane nabasanda kuhlanganyela ababa khona kunoma yimuphi wemihlangano yethu. Yini esingayenza ukuze sikhuthaze abengeziwe balabantu abathakazelayo ukuba babe nesifundo seBhayibheli sasekhaya sasikhathi sonke?

4 Ngokwesilinganiso, kwaqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-53 352 eNingizimu Afrika inyanga ngayinye ngonyaka wenkonzo ka-1992. Abamemezeli bangacela umqhubi wesifundo sabo sencwadi ukuba ahambisane nabo ezifundweni zeBhayibheli ukuze ajwayelane nalabafundi. Kungenzeka ukuthi abanye balabafundi beBhayibheli baba khona emihlanganweni futhi bayakufanelekela ukuhlanganyela emsebenzini wendlu ngendlu. Ingabe abasanda kuhlanganyela bashumayela njalo ngokwethukela? Ingabe bayahlangabezana nezimfuneko zokuba abamemezeli abangabhapathiziwe njengoba zihlelwe kwethi Ukuhlelelwa, amakhasi 97-9? Uma kunjalo, bachazele indlela abangaqalisa ngayo emsebenzini wendlu ngendlu ngemva kokumiswa njengabamemezeli abangabhapathiziwe.

5 Akumelwe singakunaki ukukhuthazana ebudlelwaneni bethu bobuKristu. (Heb. 10:24, 25) Uma bekhona abaye baphola enkonzweni yabo, abaqhubi bezifundo zencwadi kufanele benze amalungiselelo aqinisekile okunikeza usizo nesikhuthazo. Ngezinye izikhathi okudingekile nje isimemo esifudumele sokuba bahambisane nathi enkonzweni yasensimini.

6 Kuyodingeka ukubambisana kwethu sonke ukuze senze u-April abe yinyanga evelele yomsebenzi wenkonzo yasensimini. Ukuhola ngentshiseko komqhubi wesifundo sencwadi kungafeza okuthile njengoba esiza wonke amalungu eqembu lakhe ukuba ahlanganyele ngokugcwele enkonzweni. Kungase kuhlelwe eminye imihlangano yenkonzo. Abagugile bangase banakekelwe ngokukhethekile, futhi intsha ingase isizwe ngezindlela ezingokoqobo. Abazali kufanele baqikelele ukuthi wonke umkhaya uyahlanganyela enkonzweni phakathi no-April. Uma sonke sinikela ngokusemandleni ethu kuJehova kulesikhathi sokuvuna, siyothola isibusiso sakhe esicebile.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela