Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/02 k. 3
  • Ukubonisa Ukwazisa Ngezincwadi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubonisa Ukwazisa Ngezincwadi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlwanyela Kakhulu Ukuze Uvune Kakhulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ingabe Uyazazisa Izincwadi Zethu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Zisebenzise Ngokuhlakanipha Izincwadi Zethu Ezisekelwe EBhayibhelini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 6/02 k. 3

Ukubonisa Ukwazisa Ngezincwadi

1 “Ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela.” (UmSh. 12:12) Izincwadi eziningi azinanzuzo yalutho ngempela. Nokho, akunjalo ngezincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Zinenzuzo ngoba ziqukethe ukudla okungokomoya okusindisa ukuphila. Zisiza abantu abathakazelayo ukuba bamazi uJehova futhi ziqinisa ukholo lwalabo kakade asebeyizinceku zikaJehova ezizinikezele.

2 Sifuna ukuhlanganyela izincwadi zethu nabanye njengoba sazi ukuthi bangazuza kuzo. Yize zitholakala ngaphandle kwenkokhiso, ukuzinyathelisa nokuzisakaza kuyizindleko. Ngakho-ke, asifuni ukuzisaphaza lezi zincwadi. Uma singaqiniseki ukuthi umninikhaya unesithakazelo ngempela, kungcono ukuhambisa umagazini owodwa INqabayokulinda ne-Phaphama! noma mhlawumbe ipheshana kuphela. Kufanele siphindele kubo bonke abamukela izincwadi, futhi uma benesithakazelo ngaleso sikhathi, singase sihambise enye incwadi.

3 Abanye bayanqikaza ukutshela abaninikhaya ukuthi umsebenzi wethu usekelwa ngeminikelo yokuzithandela, kodwa ngokuvamile kuhle ukubatshela. Lokhu kukwenza kucace kubaninikhaya ukuthi umsebenzi wethu akuwona owezentengiselwano. Kuqokomisa ukuthi umgomo wethu uwukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza abafundi. Kusisiza ukuba sibone umuntu onesithakazelo esiqotho. Ngokuvamile abantu banayo imali yokuthenga izinto ezinjengogwayi nezincwadi zezwe. Uma bekuthakazelela ngempela obatshele kona, bayobona ukuthi kunengqondo ukuba basekele ubuKristu beqiniso. Ngokuchaza indlela umsebenzi osekelwa ngayo, sibonisa ukuthi siyazazisa izincwadi zethu. Sibonisa ukuthi siyaqaphela ukuthi kuyizindleko ukuzinyathelisa.

4 Uma yethulwe kahle indaba yeminikelo, abaninikhaya abaningi bayakujabulela ukusisiza emsebenzini wethu obalulekile. Zikhona izikhathi lapho ungase ube nomuzwa wokuthi akufaneleki ukukhulumela umnikelo, kodwa ngokuvamile kuhle ukuwukhulumela ekuhambeleni kokuqala uma umninikhaya enesithakazelo sokufunda izincwadi esizihambisayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela