Siza Abanye Ukuba Bafunde Ngomuntu Omkhulu Kunabo Bonke
1Abantu abaningi abaye bafunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila baye bazwakalisa ukwazisa okuqotho ngethonya eye yaba nalo ekuphileni kwabo. Omunye wabhala: “Lapho ngifika ekupheleni kwalencwadi, ngazizwa sengathi ngangimenywe nguJesu ukuba ngihlanganyele naye, ngiphile naye, ngihlanganyele naye ekuhluphekeni kwakhe, imizwelo yakhe, zonke izici zenkonzo yakhe. . . . Ukufunda lencwadi kufana nokubuka ifilimu yokuphila kukaJesu.”
2 Incwadi ethi Umuntu Omkhulu isisiza ukuba sazi kangcono hhayi uJesu nje kuphela kodwa noJehova. (Joh. 14:9) Omunye oneminyaka engu-12 ubudala wathi ngalencwadi: “Yangiduduza kakhulu kangangokuthi ngathandaza kuJehova nginezinyembezi zenjabulo ngokushesha nje lapho sengiyifundile. Ngaphakathi ekujuleni, ngaqinisekiswa kabusha ukuba ngazi ukuthi uJehova noJesu basibhekile.” UJesu washo, njengoba kulotshwe kuJohane 17:3, ukuthi kusho ukuphila okuphakade ukuba sazi uJehova neNdodana yakhe. Ukufunda ngokuphila kukaJesu kulencwadi kusinikeza ukuqonda okukhethekile ngobuntu bukaJehova ngoba uJesu ‘ufuzé yena uqobo.’—Heb. 1:3.
3 Kuye kwanyatheliswa amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-19 encwadi ethi Umuntu Omkhulu ngezilimi ezingaphezu kuka-70. Lokhu kubonisa indlela lencwadi eyamukelwa kahle ngayo. Abaningi bafunda lencwadi ngokushesha nje lapho beyithola. Enye indoda ethakazelayo yayifunda yonke phakathi namasonto amabili ngemva kokuba iyitholile. Umfundisi owamukela lencwadi wathi: “Angikwazi ukuyibeka phansi lencwadi. Mina nomkami sifunda ingxenye yayo njalo kusihlwa ngaphambi kokuba siyolala.”
4 Ukufakaza Ngokwethukela: Omunye umzalwane wabonisa abantu asebenza nabo incwadi ethi Umuntu Omkhulu. Kwazwakala yonke indawo ukuthi wayenalencwadi, futhi imibiko yalokho ekuqukethe yasakazeka. Izisebenzi ezikanye naye zenza uhlu lwalabo ababefuna amakhophi. Wahambisa izincwadi ezingu-461! Abayisihlanu balabo abayithola baqhutshelwa izifundo. Lapho udade othile esohambweni ngendiza, wahambisela umpristi owayeya emkhosini wokugcotshwa kukakhadinali omusha incwadi ethi Umuntu Omkhulu. Lompristi wayeseVatican iminyaka engu-40. Sonke kufanele siwasebenzise ngokunenzuzo amathuba okutusa lencwadi kwabanye.
5 Abasha Bayayazisa: Intsha ibonisa isithakazelo esikhulu kulencwadi. Omunye oneminyaka eyisishiyagalolunye wabhala: “Incwadi engiyithanda kakhulu ngethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ngoba ngifunda okuningi kuyo.” Lapho sihlangana nabantu abasha enkonzweni yasensimini, kufanele sizinike isikhathi, uma abazali babo bevuma, sokubonisa laba abasebasha lencwadi futhi sibukeze nabo ezinye zezici zayo ezivelele nemifanekiso yayo. Singakwazi ukuhambisela lentsha lezincwadi. Lapho benikezwa ithuba lokwazi ngoJesu, abantu abasha namuhla bangazihlanganisa naye. UJesu wayengumuntu ongenekayo.—Math. 19:14, 15.
6 Ukufunda incwadi ethi Umuntu Omkhulu kungakushintsha ukuphila kwabantu. Zama ukwenza abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bakwazi kangcono ekuqukethe. Sebenzisa ukwaziswa okusekhasini lokugcina lesethulo salencwadi, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Zuza Ngokufunda Ngaye.” Lokhu kwaziswa kuyosiza abantu ukuba bagxile kulokho abangakuzuza ngokufunda lencwadi. Abaningi ensimini yenu bangase bababaze njengoba kwenza omunye umuntu ngemva kokufunda lencwadi: “Lena yincwadi engcono kunazo zonke engake ngazifunda! Iye yashintsha ukuphila kwami.”