INqabayokulinda Ne-Phaphama!—Omagazini Beqiniso
1 INqabayokulinda ka-January 1, 1994, ekhasini 22, yasikhumbuza ukuthi omagazini bethu bakhipha “izihloko ezifike ngesikhathi ezisingatha izidingo zangempela zabantu.” Sifuna ukubasakaza kabanzi labomagazini. Ngenyanga ka-April no-May, sizoqokomisa INqabayokulinda ne-Phaphama! lapho sihambisa isikhokhelo enkonzweni yethu. Nakuba isikhokhelo se-Nqabayokulinda siyisipho esiyinhloko, ezimweni eziningi siyohambisa izikhokhelo zabo bobabili labomagazini.
2 Umsebenzi wendlu ngendlu usinikeza ithuba elihle kakhulu lokuhambisa labomagazini nezikhokhelo. Ukushumayela ngokwethukela nokwenza izimpindelo eziphumelelayo nako kusenza sikwazi ukubahambisa njalo labomagazini. Ukwenza umsebenzi wasemgwaqweni nokuhambela izindawo zamabhizinisi ezisensimini yethu nako kuyizindlela ezinemiphumela emihle zokuthola izikhokhelo nokwandisa inani lomagazini esibahambisayo.
3 Izihloko Ongaxoxa Ngazo: INqabayokulinda ka-April 1 ikhuluma ngesihloko esithi “Izwe Elingcono—Ingabe Iphupho Nje?” nesithi “Izwe Elingcono—Liseduze!” Ngempela lokhu kuvumelana nenjongo yalomagazini yokumemezela uMbuso kaNkulunkulu. Isihloko sesibili siphetha ngokubonisa indlela eliyoba ngokoqobo ngayo ipharadesi laphakade ngaphansi kokubusa kukaKristu Jesu.—Luka 23:43.
4 Kumagazini ka-April 15 kuxoxwa ngombuzo othi “Ungasitholaphi Isiqondiso Esinokwethenjelwa?” Omagazini bango-May bayohlaziya lesihloko ngokwengeziwe esihlokweni esithi “Ingabe Inkolo Iyazenelisa Izidingo Zakho?” nesithi “Kungani Kumelwe Ufunde IBhayibheli?” Kufanele sikwazi ukuqala izingxoxo kalula nabantu abanomuzwa wokuthi ukuphila kwabo akunanjongo.
5 Ukwandisa Inani Lomagazini Esibahambisayo: INqabayokulinda ka-January 1 yanikeza ukusikisela okune kokwandisa omagazini esibahambisayo. Sakhuthazwa ukuba (1) sibakhathalele omagazini. Lapho sibafunda, kufanele sicabange ngokuthi yiziphi izihloko eziyobakhanga kakhulu abantu abasensimini yethu. Uma futhi sihlale siphethe omagazini, singase sikwazi ukubahambisela esisebenza nabo, omakhelwane, othisha, esifunda nabo, noma abathengi.
6 Sakhunjuzwa (2) ukuba senze izintshumayelo zethu zibe lula. Khetha iphuzu elilodwa elithakazelisayo, bese ulikhulumela ngamafuphi. Uma ungase wenze umninikhaya awamukele umagazini, “ungazikhulumela” kumuntu ohlangane naye noma abanye ekhaya.
7 Okunye okudingekayo (3) ukuvumelana nezimo. Kuyinto ekahle ukugcina engqondweni izihloko ezihlukahlukene ongaxoxa ngazo—esisodwa esifanela intsha, nesinye esifanela abesilisa, nesinye ongaxoxa ngaso nabesifazane.
8 Okokugcina, kudingeka (4) sizibekele umgomo womuntu siqu womagazini esibahambisayo. Nakuba ibandla lingeke libeke inani elithile okufanele lihanjiswe, singazibekela thina ngabanye umgomo. Lokhu kungase kusenze sibe nomdlandla kakhulu ekuhambiseni omagazini. Uma sine-oda lomagazini lasikhathi sonke, singashukumiseleka ukuba senze okwengeziwe.
9 Sifuna abanye bazi ngoMbuso kaNkulunkulu. Masilusebenzise ngokunenzuzo usizo oluhle olunikezwa omagazini ekusakazeni isigijimi soMbuso.—Math. 10:7.