Ukusiza Abanye Badumise UMenzi Wethu
1 Ingabe sizizwa njengomhubi lapho ethi: “Jehova, . . . ukuwe umthombo wokuphila”? (IHu. 36:5, 9) Thina-ke singabasiza kanjani abanye ukuba bazise futhi badumise uJehova njengoMdali wethu? Ngokuhambisa incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? ngo-June. Lencwadi ivelele ngempela ngokuthi inikeza ubufakazi obuqinile bokuthi iBhayibheli labhalwa uNkulunkulu bese ibonisa ngokucacile ukuthi kungani lalingenakubhalwa umuntu. Yakha nokwethembela eBhayibhelini.
2 Nansi intshumayelo elula, engagwegwesi.
Ngemva kokubingelela umninikhaya, mbonise umfanekiso osekhasini 4, bese ubuza:
◼ “Kungani kufanele ufunde iBhayibheli? Ingabe liseyincwadi ewusizo osukwini lwethu? Uyakholelwa yini ukuthi iBhayibheli lingasisiza ukuba sixazulule izinkinga zethu eziningi? [Lindela impendulo.] Lencwadi inikeza izimpendulo ezivumelana ngokugcwele neBhayibheli. Ngingathanda ukuba uyithole ukuze ubone bonke ubufakazi bese uzinqumela wena. Lencwadi enhle siyishiya ngomnikelo ka-R3,00.”
3 Ngemva kokuzethula, ungase uthi:
◼ “Ungavuma yini ukuthi sonke sidinga isiqondiso esihlakaniphile ukuze siphile ukuphila okuphumelelayo? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo lapha kuzAga 14:12. [Funda.] Isiqondiso esingaqondile singaba yingozi. Lapha kuzAga 2:6, 7 iBhayibheli libonisa ukuthi uJehova unikeza ukuhlakanipha kweqiniso. [Funda.] Kunesidingo esiphuthumayo sokuba sonke siphendukele eBhayibhelini ukuze sithole ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Lencwadi ibonisa ukuthi iBhayibheli liwumthombo onokwethenjelwa weseluleko esinengqondo sezinkinga abantu ababhekene nazo. Ngicela uphawule lokho okushiwo lapha esigabeni 2 ekhasini 5. [Funda.] Ngithanda ukukushiyela lencwadi ngomnikelo ka-R3,00.” Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo, mtshele ukuthi lapho uphinda ubuya esikhathini esizayo nizoxoxa ngombuzo othi, Liyini ikusasa lomuntu nomhlaba?
4 Noma, uma umninikhaya ebonakala ematasa, ungase uthi:
◼ “Ngokungangabazeki uzovuma ukuthi kunezinkinga eziningi ezibhekene nesintu.” Khona-ke funda isigaba esiyisingeniso sesahluko 1. Ngemva kokuphendula komninikhaya umbuzo osekugcineni kulesosigaba, ungase uthi: “IBhayibheli lisitshela ukuthi maduzane nje uNkulunkulu ngokwakhe uzoxazulula zonke izinkinga ezikhungathekisayo zesintu. Lencwadi inikeza ubufakazi obunamandla obubonisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Ngingathanda ukuba uzitholele yona ngomnikelo ka-R3,00 nje kuphela.”
5 Lapho ufika endlini okubonakala ngokusobala kuyo ukuthi kunezingane, ungase uthi:
◼ “Besilokhu sixoxa nabazali abasemphakathini ngokuqondene neziqondiso abazinikeza izingane zabo. Abazali abaningi bakhathazekile ngokungabibikho kwesiqondiso sokuziphatha esinikezwa izingane esikoleni. Ikhona yini inkinga oyiqaphelile ngokuphathelene nalokhu? [Lindela impendulo.] Kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli libonisa isidingo sokuba thina nezingane zethu sithole isiqondiso esihlakaniphile. Phawula lokho okushiwo lapha kuzAga 14:12. [Funda.]” Vula ikhasi 174 lencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu bese ufunda isigaba sokugcina esikulesahluko. Hambisa lencwadi ngo-R3,00. Uma umninikhaya eyamukela, phakamisa umbuzo ongawuphendula ekuhambeleni kwakho okulandelayo.
6 Ingabe uyakulangazelela ukusiza abanye bafunde amaqiniso amangalisayo ngoMdali wethu kanye nenjongo yakhe yothando ngendalo yakhe njengoba iseBhayibhelini? Incwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu ingakusiza ukuba wenze kanjalo. Idumisa uMdali wethu oMuhle, iNkosi ewuMbusi uJehova. Qhubeka usiza abanhliziyo ziqotho abasensimini yakini ukuba bazuze esiqondisweni esihlakaniphile esiseBhayibhelini.—2 Pet. 1:19-21.