‘Lindani’
1 Lapho uJesu ekhuluma lamazwi abhalwe kuMathewu 26:38-41, wayesondela esikhathini esibucayi kakhulu sokuphila kwakhe kobuntu. Sasiyobonakala siyisikhathi esibaluleke kakhulu kuwo wonke umlando womuntu. Ukusindiswa kwaso sonke isintu kwakusengozini. Abafundi bakaJesu kwakudingeka ‘balinde.’
2 Namuhla nathi sisonqenqemeni lokufika kukaJesu ezofeza izinjongo ezimbili, ukuba umkhululi nombhubhisi. NjengamaKristu alindile aqaphela ukuphuthuma kwezikhathi, asimane nje sigoqe izandla bese silindela ukusindiswa. Siyazi ukuthi kufanele sihlale sikulungele ngazo zonke izikhathi. Kubalulekile ngathi ukuba sihlale ‘sisebenza kanzima futhi sizikhandla’ enkonzweni yethu eya kuJehova. (1 Thim. 4:10) Kuthiwani ngathi ngabanye? Ingabe sihlala silindile?
3 Ukuzihlola: UJesu waxwayisa nangokuthi: “Zinakeni.” (Luka 21:34, 35) Kufanele siziqaphelisise, siqikelele ukuthi ‘singabangasoleki nabamsulwa esizukulwaneni esigwegwile nesisontekile.’ (Fil. 2:15) Ingabe usuku ngalunye siphila njengamaKristu, silingisa uJesu futhi sihamba ngokuvumelana nezimiso ezihlelwe eZwini likaNkulunkulu? Kufanele sigweme ukuziphatha okungekhona okobukristu, okuwuphawu lwezwe ‘elisemandleni omubi.’ (1 Joh. 5:19; Roma 13:11-14) Lapho sizihlola ngokukhanyiselwa imiBhalo, ingabe ngempela silindile njengoba uJesu ayala?
4 Abadala kufanele bakuphaphamele ukufeza izabelo zabo ebandleni ngenkuthalo, beqaphela ukuthi bayolandisa ngendlela abanakekela ngayo umhlambi. (Heb. 13:17) Izinhloko zemikhaya zinesibopho esikhethekile sokuqondisa imikhaya yazo ezindleleni zikaJehova. (Gen. 18:19; Josh. 24:15; qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 3:4, 5.) Futhi, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba sonke sigcwalise umyalo ongokomBhalo wokuthandana! Kuwuphawu lobuKristu beqiniso.—Joh. 13:35.
5 Phaphamela Ukuxwayisa Abanye: Ukuhlala silindile kuhilela okungaphezu kokuzinaka thina siqu. Sithunywe ukuba senze abanye babe abafundi. (Math. 28:19, 20) Uthando ngomakhelwane kufanele lusishukumisele ukuba sixwayise abanye ukuze basinde embubhisweni ebhekene nalelizwe. Lona umthwalo wemfanelo ophezu kwawo wonke amaKristu. Uyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu. (Roma 10:9, 10; 1 Kor. 9:16) Ngokuvamile sibhekana nokunganaki noma ukuphikiswa ngokuqondile lapho senza lomsebenzi osindisa ukuphila. Sinesibopho sokuphikelela, ngisho noma iningi lingasinaki isixwayiso sethu. (Hez. 33:8, 9) Uthando oluqotho ngoNkulunkulu nangomakhelwane luyosishukumisela ukuba sibekezele.
6 Lesi akusona isikhathi sokuzithela ngabandayo. Akufanele ngisho nokuba sivumele izinkathazo zokuphila zansuku zonke zisiphazamise noma sigxile kakhulu ezinjabulweni zalesi simiso kangangokuba zize zibe ugibe. (Luka 21:34, 35) Manje, kunanoma isiphi esinye isikhathi, kunesidingo sokuba nomuzwa wokuphuthuma. Isikhathi sisondela ngokushesha sokuba uJesu Kristu akhiphe isahlulelo ngokumelene nalesi simiso esibi. Yilabo abaphapheme, abalindile kuphela abayosinda. Uma silalela iziyalezo zikaJesu bese ‘siphumelela ekuphunyukeni kuzo zonke lezizinto,’ yeka indlela esiyobonga ngayo!—Luka 21:36.