Ingabe Izikhumbuzo ZikaJehova Ziyasivusa Ngokomoya?
1 Umhubi wadumisa uJehova, ethi: “Izikhumbuzo zakho ngiyazithanda.” (IHu. 119:99) Igama lesiHeberu elisho “izikhumbuzo” linikeza umqondo wokuthi uJehova ubuyisa ezingqondweni zethu lokho okushiwo emithethweni yakhe, emiyalweni yakhe, eziqondisweni zakhe, nasezimisweni zakhe. Uma sisabela, ziyosivusa ngokomoya zisenze sijabule.—IHu. 119:2.
2 Njengabantu bakaJehova, njalo sithola izeluleko. Eziningi zazo sake sazizwa ngaphambili. Nakuba sisazisa lesi sikhuthazo, sithambekele ekukhohlweni. (Jak. 1:25) Ngesineke uJehova usinikeza izikhumbuzo zothando. Umphostoli uPetru wabhala ezinye zalezi zikhumbuzo ukuze ‘avuse amandla ethu okucabanga angafiphaziwe ukuze sikhumbule imiyalo yeNkosi.’—2 Pet. 3:1, 2.
3 Ngokuphindaphindiwe sikhunjuzwa ngokubaluleka kwesifundo somuntu siqu nokuba khona emihlanganweni. Lokhu kwenziwa ngoba lemisebenzi ibaluleke kakhulu enhlalakahleni yethu engokomoya.—1 Thim. 4:15; Heb. 10:24, 25.
4 Inselele enkulu kakhulu kwabanye iwukufeza ukuthunywa kobuKristu kokushumayela. Kudinga umzamo, ukuzimisela, nokubekezela. Ngisho noma kudinga okuningi kithi, sisizwa ukuba ‘sime siqinile’ ngokuba ‘izinyawo zethu zigqokiswe ukuhlonyiselwa izindaba ezinhle.’—Efe. 6:14, 15.
5 Inkonzo yethu kufanele ishukunyiswe okungaphezu nje kokuqaphela izimfuneko zikaJehova ngengqondo. Umphostoli uPawulu usikhumbuza ukuthi inhliziyo inikeza isisusa esisidingayo ukuze ‘sivume obala kube insindiso.’ (Roma 10:10) Uma sinokholo oluqinile futhi uma inhliziyo yethu izithanda izikhumbuzo zikaJehova, siyophoqeleka ukuba sikhulume sidumise igama lakhe.—IHu. 119:36; Math. 12:34.
6 Lapho sizikhandla ekwenzeni imisebenzi emihle, silindela ngokufanelekile ukuthi lokhu kuyosilethela injabulo. (UmSh. 2:10) UPawulu uchaza injabulo njengesithelo somoya kaJehova, futhi kufanele sifune ukusibonakalisa kakhulu. (Gal. 5:22) UPetru wanezela ngokuthi “umzamo wenkuthalo” uyovuzwa ngenkonzo enezithelo, eveza injabulo.—2 Pet. 1:5-8.
7 Lapho sibhekene nenselele, kufanele sikhumbule ukuma okuqinile kwabaphostoli njengoba bathi: “Asinakuyeka ukukhuluma ngezinto esizibonileyo nesizizwileyo.” (IzE. 4:20) Sithola amandla okuqhubekela phambili lapho sikhumbula ukuthi ‘ngokwenza lokhu siyozisindisa kokubili thina nabasilalelayo.’—1 Thim. 4:16.
8 Asicunuki noma sithukuthele ngenxa yokuthola izikhumbuzo njalo. Kunalokho, sikwazisa ngokujulile ukubaluleka kwazo okungenakuqhathaniswa. (IHu. 119:129) Kulezi zikhathi ezibucayi, siyabonga ngokuthi uJehova uhlala esithumelela izikhumbuzo ukuze asivuse ngokomoya futhi asishukumisele ukuba sishisekele imisebenzi emihle!—2 Pet. 1:12, 13.