Yonke ImiBhalo Inenzuzo Yokufundisa
1 Imibono ephathelene nokuba yinzuzo kweBhayibheli miningi futhi iyehlukahluka. Nokho, siyaqiniseka ukuthi kulo kunezimpendulo zemibuzo edida isintu kanye nesiqondiso esinokwethenjelwa senkambo yethu siqu ekuphileni. (IzAga 3:5, 6) Ukuhlakanipha kweseluleko salo akunakulinganiswa. Izindinganiso zokuziphatha elizimelelayo azinakuqhathaniswa. Isigijimi salo sinamandla, ‘siyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.’ (Heb. 4:12) Singabasiza kanjani abanye ukuba babone isidingo sokuthatha lencwadi emashalofini futhi bayicwaningisise? Ngo-November ungase uthande ukuzama okunye kokusikisela okulandelayo lapho uhambisa incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ne-Nguqulo Yezwe Elisha.
2 Njengoba kungenzeka ukuthi abantu abaningi esihlangana nabo babe abathanda inkolo futhi abangenaso isithakazelo sokushintsha inkolo yabo, mhlawumbe lendlela ingadonsa ukunaka kwabo:
◼ “Lapho sixoxa nomakhelwane bethu, sithola ukuthi abantu abaningi banelisekile ngenkolo yabo futhi abakufisi ukuyishintsha. Kodwa uma abantu bebezinikeza isikhathi sokuhlola izinkolelo zabanye, ucabanga ukuthi lokhu bekungaholela ekuqondeni okungcono kunciphise nenzondo ekhona ezweni? [Lindela umninikhaya ukuba aphendule.] Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo ngalabo abathanda uNkulunkulu nendlela okufanele bazizwe ngayo ngabanye.” Ngemva kokufunda incwadi yezEnzo 17:26, 27, donsela ukunaka ezigabeni 15 no-16 ekhasini 10 lencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Hambisa lencwadi ngomnikelo ka-R5,30.
3 Nakhu okunye ukusikisela ongase ukucabangele:
◼ “Njalo uma sifunda iphephandaba noma silalela izindaba sizwa ngenye inkinga ecindezelayo esenza sizizwe sikhathazekile. [Yisho ezinye zezenzakalo ezikhathazayo ezisanda kubikwa ezindabeni.] Singabhekana kanjani nezinkinga ezinjengalezi? [Lindela impendulo.] Emuva ngo-1983 owayengumongameli we-United States ngaleso sikhathi [uRonald Reagan] wathi iBhayibheli linesigijimi esibaluleke kunazo zonke ezake zabhalwa nokuthi ‘emakhasini alo kunezimpendulo zazo zonke izinkinga umuntu ake abhekana nazo.’ Akusho kusikhumbuza lokho iBhayibheli ngokwalo elikushoyo. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16, 17.] Ake ngikubonise ukuthi kungani singathembela eBhayibhelini.” Mbonise amanye amaphuzu avelele asepheshaneni elithi Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli. “Ukuze sibasize bakhe ukuthembela kwabo eBhayibhelini omakhelwane bethu sibanikeza lenguqulo yesimanje, INguqulo Yezwe Elisha kanye nencwadi ewusizo lokutadisha iBhayibheli enesihloko esithi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Sizokujabulela ukubuya sizonibonisa indlela eningazuza ngayo kakhulu ekufundeni kwenu iBhayibheli.” Hambisa lezi zincwadi ezimbili ngo-R10,90.
4 Uma kunabantu abaningi abangayithandi inkolo ensimini yenu, ungase uzame lendlela:
◼ “Abantu abaningi kulendawo babheka izincwadi ezithile ezingcwele njengeziphikisanayo neziyinsumansumane nje. Baye babona izinto eziningi kakhulu ezimbi zenziwa ngegama lenkolo kangangokuba abalethembi ngisho neBhayibheli. Empeleni, abantu abaningi ngokwengeziwe bayazibuza ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu yini noma elomuntu. Uyini umbono wakho?” Lindela impendulo. Kuye ngempendulo yomninikhaya, vula ingxenye esencwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ephathelene nokuphikisa noma umbono womninikhaya bese nixoxa ngephuzu elilodwa noma amabili. Ngokwesibonelo, ungase ube nethuba lokusebenzisa ibhokisi elisemakhasini 340 no-341.
5 UMfundisi wethu Omkhulu uye waqikelela ukuthi ulwazi ngentando yakhe lutholakala kubo bonke abafuna ukufunda. Ukusiza abanye ukuba baqaphele inzuzo yangempela yeBhayibheli kungenye yezinto ezingcono kakhulu esingazenza ukuze sibasize; kungasindisa ukuphila kwabo.—IzAga 1:32, 33.