Yilungiselele Futhi Uyijabulele Imihlangano Yebandla
1 Njengenhlangano yabazalwane, ngokuhlakanipha siyahlangana njalo sibe nemihlangano yamasonto onke. (1 Thim. 4:15, 16) Singayijabulela kanjani futhi sizuze ngokugcwele kuyo?
2 Kufanele njalo sibekele eceleni isikhathi sokulungiselela imihlangano. Abanye bangase bakwazi ukuchitha isikhathi esengeziwe ekulungiseleleni kunabanye. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi simatasa kangakanani, kuwukuhlakanipha ukuthola isikhathi esithile sokulungiselela imihlangano. Ukulungiselela ndawonye njengomkhaya kuyinzuzo ngokukhethekile.—Efe. 5:15, 16.
3 ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini: Lwela ukuhambisana nesimiso sokufunda iBhayibheli samasonto onke. (Josh. 1:8) Bukeza ukwaziswa okuzohlanganiswa, bese uphatha izincwadi ezidingekayo ukuze ukwazi ukuhambisana nesikhulumi. Cabanga ngezindlela ongakusebenzisa ngazo lokhu kwaziswa enkonzweni yakho.
4 UMhlangano Wenkonzo: Bheka isimiso esihlelwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Funda izihloko okuzoxoxwa ngazo. Uma kuzocatshangelwa ukwaziswa okusesihlokweni esikuyi-Nqabayokulinda noma enye incwadi, sibheke bese usifunda. Uma kuzoba nemiboniso yezintshumayelo zenkonzo yasensimini, zibukeze kusengaphambili ukuze ukulungele ukuzisebenzisa enkonzweni yakho.
5 ISifundo Se-Nqabayokulinda: Sifunde sonke isihloko kusengaphambili, uphawule izimpendulo zemibuzo. Ukubheka imibhalo ekhonjiwe kuyokusiza ukuba uqonde kangcono. Ukuzindla ngendlela isifundo esihlangana ngayo nalokho osukwazi kakade kuyokwandisa ulwazi lwakho. Hlela ukuhlanganyela phakathi nesifundo ngokulungiselela izimpendulo ezimfushane okungenani esigabeni esisodwa noma ezimbili. Lena indlela ebalulekile ‘yokulivuma obala ithemba lethu.’—Heb. 10:23.
6 ISifundo Sencwadi Sebandla: Okokuqala, cubungula ukwaziswa; cabangela isihloko sesahluko kanye nezihlokwana. Khona-ke, njengoba ufunda, qaphela imiqondo eyinhloko. Bukeza amavesi eBhayibheli asekela indaba. Zama ukuphendula imibuzo ngamazwi akho. Lapho ususilungiselele isifundo, sibukeze engqondweni yakho. Zama ukukhumbula amaphuzu ayinhloko kanye nendlela amaphuzu athuthukiswe ngayo.—2 Thim. 2:15.
7 Jabulela Imihlangano: Ukuze ujabulele imihlangano ngokugcwele, kubalulekile ukufika ngesikhathi ukuze uhlanganyele emthandazweni wokuvula, wokucela umoya kaJehova. Uyazuza nasezingomeni zoMbuso eziqabulayo. Uma ungenazo izingane ezincane noma esinye isizathu sokuhlala ngemuva ehholo, cishe uyothola ukuthi uma uhlala ngaphambili ehholo, kuyoba neziphazamiso ezimbalwa futhi uyozuza kakhulu esimisweni. Abazali abanabantwana abancane okungase kudingeke bayiswe ngaphandle phakathi nomhlangano bangakunciphisa ukuphazamisa ngokuhlala eduze nephasishi nasezihlalweni ezingemuva.
8 Zama ukubheka imibhalo efundwayo. Lokhu kuyokusiza ukuba ukukhumbule lokho okuzwayo. Ukukhuluma nomkhaya wakho nabangane ngalokho okufundayo kuyogxilisa ukwaziswa engqondweni yakho. Ukusebenzisa lokhu kusikisela kuyokwenza imihlangano ibe enenzuzo ngokwengeziwe nejabulisayo, futhi ngokuqinisekile ‘iyo[si]vuselela othandweni nasemisebenzini emihle.’—Heb. 10:24, 25.