Shisekela Imisebenzi Emihle’ Ngo-April!
1 Ngonyaka odlule kwanikezwa ubufakazi obungakaze bunikezwe ngaphambili lapho kusakazwa izigidi zamakhophi e-Kingdom News No. 34 emhlabeni wonke. Abamemezeli bebandla namaphayona ngokufanayo bahlanganyela ngentshiseko kulomsebenzi oshukumisayo. Ingabe wawuphakathi kwabo? Uma wawuphakathi kwabo, ngokungangabazeki wakujabulela ngempela ukuba nengxenye kulowo mkhankaso oyingqayizivele. Manje kungenzeka uyazibuza, Imuphi ‘umsebenzi omuhle’ osihlalele kulonyaka?—Thithu 2?14.
2 Ngo-April nasekuqaleni kuka-May, siyojabulela ukuhambisa umagazini okhethekile i-Phaphama! ka-April 22, 1996, onesihloko esithi “Lapho Izimpi Ziyobe Zingasekho.” Njengoba lesi sihloko siyokhanga abaninikhaya abaningi, siyozama ukuba siwusakaze kakhulu ngangokunokwenzeka lomagazini. Ngenxa yokubaluleka kokwaziswa ekuqukethe, le-Phaphama! kufanele ihanjiswe ngo-April nango-May, kuze kube yilapho isiphelile.
3 Umgomo Wethu—Ukuhlanganyela Kwabo Bonke Abamemezeli: Bekungakhuthaza ngempela uma bonke abamemezeli kulelizwe bebengahlanganyela emsebenzini wokushumayela ngo-April. Njengoba iSikhumbuzo sokufa kukaKristu sisanda kudlula, ngokuqinisekile sizofuna ukubonisa ukwazisa kwethu ubuhle bukaNkulunkulu ngokunikela ngokuqondile “umhlatshelo wokudumisa” enkonzweni yasensimini.—Heb. 13:15.
4 Kufanele kwenziwe umzamo wenkuthalo ukuze sibone izidingo zawo wonke amalungu ebandla ukuze sonke sihlanganyele ngentshiseko enkonzweni ngo-April. (Roma 15:1) Abaqhubi bezifundo zencwadi kufanele baziqonde ngokugcwele izimo zalabo abasemaqenjini abo futhi banikeze usizo olungokoqobo lapho kudingeka khona. Ingabe ukhona odinga into yokuhamba? Ubani ongayilungiselela? Ingabe abanye bayesaba noma bayazenyeza? Abamemezeli abanokuhlangenwe nakho okwengeziwe bangasebenza yini nabo? Kuthiwani ngabaxhwalile abavaleleke endlini noma abagulayo? Ingabe bangahlanganyela ekufakazeni ngocingo, ngokubhala incwadi, noma ngenye indlela ekhiqizayo?
5 Abanye abapholile bebelokhu bethola isikhuthazo esingokomoya sasikhathi sonke, futhi kungenzeka baphinde bashukumiseleke ukuba bahlanganyele emsebenzini wokushumayela. Umkhankaso we-Phaphama! ekhethekile uyobanikeza ithuba elihle lokuvuselelwa.
6 Khuthaza Izingane Ukuba Zihlanganyele: Sekuyiminyaka eminingi izingane eziningi zoFakazi BakaJehova zihamba nabazali bazo endlini ngendlu, nakuba okwamanje zingakakhonzi njengabamemezeli abangabhapathiziwe. Ingabe lesi isikhathi sokuba ziqale? Ingabe zishukumiseleke ngokusuka enhliziyweni futhi zizimisele ukuhlanganyela ngokunenjongo emsebenzini wendlu ngendlu? Esifundweni seBhayibheli somkhaya izinhloko zemikhaya kufanele leso sikhathi zisisebenzisele ukusiza izingane zazo ezifanelekayo ukuba zilungiselele intshumayelo evumelana neminyaka nekhono lazo. Ezindadlana zingakhetha umbuzo oshukumisa ingqondo ezingavusa ngawo isithakazelo somninikhaya bese zimbonisa impendulo kumagazini. Izingane ezincane zinganikeza ubufakazi obuphumelelayo ngamazwi nje ambalwa. Ngokwesibonelo, zingakhuthaza umninikhaya ukuba “afunde lomagazini okhethekile ohanjiswa emhlabeni wonke kulenyanga.” Njengengxenye yokulungiselela komkhaya wakho, qikelela ukuba uhlanganise nokusikisela kokubhekana nokuphikisa okuvamile. Uyothola imiqondo eminingi emihle encwadini ethi Ukubonisana. Ngezikhathi zokudla nangezinye izikhathi ezifanelekayo, khuthaza amalungu omkhaya ukuba alandise okuhlangenwe nakho abe nakho enkonzweni yasensimini.
7 Abafundi BeBhayibheli Abafanelekayo Benza Umsebenzi UJesu Awenza: Ukufundisa kukaJesu kwakungalinganiselwe nje ekufundiseni ngezimfundiso. Wayehamba nabafundi bakhe enkonzweni futhi abafundise indlela yokushumayela. (Luka 8:1; 10:1-11) Siyini isimo namuhla? ENingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-65 000. Akungabazeki ukuthi ngesikhuthazo esifanele abaningi balaba bafundi bangathatha isinyathelo esilandelayo ekuqeqeshweni kwabo futhi bafanelekele ukukhonza njengabamemezeli abangabhapathiziwe ngo-April.
8 Uma uqhuba isifundo seBhayibheli, cabangela lemibuzo: Ingabe umfundi uyathuthuka, ngokuhambisana nobudala bakhe nekhono analo? Useqalile yini ukuhlanganyela nabanye ukholo lwakhe ngokwethukela? Ingabe ‘uyabugqoka ubuntu obusha’? (Kol. 3:10) Ingabe uyahlangabezana nezimfuneko zabamemezeli abangabhapathiziwe, ezichazwe emakhasini 97 kuya ku-99 encwadi ethi Ukuhlelelwa? Uma ukholelwa ukuthi uyafaneleka, kungani ungaxoxi naye ngalendaba? Abanye abafundi badinga nje ukumenywa ngokuqondile ukuba bahlanganyele kulomsebenzi. Yiqiniso, uma umfundi ethanda, kuyodingeka ukuba umbonisi owengamele aqale ahlele ngendlela evamile ukuba kube nengxoxo nabadala ababili. Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka kukhona okumbambile umfundi. Mhlawumbe omunye wabadala angahamba nawe lapho uya kuleso sifundo seBhayibheli abese enza umfundi aveze imizwa yakhe ngeqiniso. Ngemva kokulalela lokho umfundi akushoyo, umdala angase akwazi ukunikeza ukusikisela okuwusizo, kanye nosizo olungokomBhalo.
9 ‘Thengisisa Isikhathi’ Sokuba Iphayona Elisizayo: Unyaka ngamunye phakathi nenkathi yeSikhumbuzo, ukubonga isihlengo kushukumisa izinkulungwane ukuba ‘zithengisise’ isikhathi sokuba amaphayona asizayo. (Efe. 5:15-17) Nakuba kudinga ukuzidela okuthile, imivuzo mikhulu. Inani elikhulu lentsha lilisebenzisa ngokunenzuzo iholide lesikole ngokuba libe amaphayona asizayo. Abantu abadala abasebenzayo bazisebenzisa ngokugcwele izikhathi zakusihlwa nezimpelasonto ukuba benze lomsebenzi. Ngakho, kuye kwaba khona imikhaya emalungu ayo wonke aba amaphayona asizayo ndawonye! Kwamanye amabandla iningi labadala nezinceku ezikhonzayo nomkabo baye babhalisa njengamaphayona asizayo. Beshukunyiswe isibonelo sabo sentshiseko, abanye baye babalandela, kangangokuba kuye kwaba khona inani elikhulu lebandla elikhonza njengamaphayona asizayo ngo-April.
10 Kungakhathaliseki ukuthi uyakwazi ukuba iphayona elisizayo noma cha, funa izindlela zokwandisa inkonzo yakho ensimini phakathi no-April. Zibekele umgomo wakho siqu, ozodinga ukuba wenze umzamo othile kodwa ofinyelelekayo. Isifiso sakho ‘sokusebenzisa konke onakho nokuba usetshenziswe’ enkonzweni kaJehova, kuye ngokwezimo zakho siqu, siyobusiswa.—2 Kor. 12:15.
11 Imihlangano Yenkonzo Yasensimini: Imihlangano yenkonzo yasensimini kufanele ihlelelwe usuku ngalunye lomkhankaso we-Phaphama!, ibe ngesikhathi esiyokwenza kusheshwe kuqalwe enkonzweni. Kufanele kwenziwe namalungiselelo okufakaza kusihlwa. Abamemezeli abaningi bazohlanganyela enkonzweni yasensimini ngezimpelasonto, ngakho amabandla kufanele ahlele imihlangano yenkonzo yasensimini ngeMigqibelo, ekuseni nantambama, size siphele isikhathi sokusakazwa kwale-Phaphama! ekhethekile.
12 Labo abaqhuba imihlangano yenkonzo yasensimini kufanele baqikelele ukuthi kunensimu eyanele. Kufanele kuhlanganiswe kuqala insimu osekunesikhathi ingasetshenzwa. Nokho, insimu engabelwe enakekelwa iNhlangano akufanele isetshenzwe ngaphandle kwemvume yeNhlangano. Ingabe ninensimu eyodwa noma ngaphezulu engazange isetshenzwe muva nje? Uma nizodinga usizo ekuyisebenzeni phakathi nomkhankaso, khulumani nombonisi wenkonzo noma nomzalwane onakekela insimu futhi bayokujabulela ukuhlela ukuba nithole usizo.
13 Bangaki Omagazini Ozobahambisa? Lowo mbuzo owokuphendulwa umuntu ngamunye. Ekunqumeni ukuthi bangaki omagazini ongabahambisa phakathi nomkhankaso, cabangela uhlobo lwensimu enizobe niyisebenza, ubudala bakho, impilo yakho, isikhathi ongasinikela ekwenzeni lomsebenzi, namanye amaphuzu. Nokho, phawula isikhumbuzo esanikezwa kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 1994: “Njengokusikisela, abamemezeli bangaba nomgomo womagazini abayishumi ngenyanga, kuxhomeke ezimweni; amaphayona angalwela abangu-90.” Ingabe nawe ungawufinyelela umgomo ofanayo?
14 Badala—Kudingeka Ukuhlela Ngokucophelela: Qikelelani ukuthi uma kungenzeka, yonke insimu yebandla isetshenzwe ngalomagazini okhethekile we-Phaphama! Kufanele kuqashelisiswe ukuba kusetshenzwe noma iyiphi insimu yamabhizinisi eyabelwe ibandla. Labo abayisebenzayo kufanele bakulungiselele kahle futhi bagqoke ngobunono. Ayidingeki intshumayelo eyinkimbinkimbi. Lapho uxoxa nosomabhizinisi, ungasho ukuthi awuvamile ukubathola emakhaya abantu abanamabhizinisi, ngakho uze endaweni yakhe yebhizinisi ukuze umbonise isihloko esizomthakazelisa ngempela. Khona-ke ungabe usumbonisa kafushane iphuzu elithile elikulomagazini. Ukufakaza ngomagazini emigwaqweni nakho kufanele kuhlelwe kahle kwenziwe ensimini yebandla. Indlela ephumelela kakhulu yokwenza umsebenzi wasemgwaqweni iwukuthatha isinyathelo kuqala bese uya kubantu abadlulayo, kunokuba ulinde bona beze kuwe. Njengoba uzobe ubukwa umphakathi, kufanele ukuqikelele ukuba ubukeke ngendlela ehloniphekile. Kungenzeka kube nezinye izindawo ensimini yenu ezingase zisetshenzwe phakathi nomkhankaso, njengasezikhumulweni zezindiza, ezibhedlela, ezindaweni zokupaka izimoto, emapaki, nasemakhaya abagugile. Indikimba yabadala kufanele inqume ukuthi imaphi amalungiselelo angenziwa okufakaza kulezi zindawo ezisensimini yebandla lenu.
15 UJehova uyisisebenzi esingakhathali. (Joh. 5:17) Wadala amazulu nomhlaba kanye nezitshalo nezilwane; kodwa waqhubeka esebenza kwaze kwaba yilapho esedala into esemqoka kwazenzile emhlabeni—umuntu. Iqiniso lokuthi sinokuphila liwumphumela oqondile wokuzimisela kukaNkulunkulu ukusebenza. ‘Njengabalingisi bakaNkulunkulu,’ kufanele sishukunyiswe uthando ngaye ukuba ‘sishisekele imisebenzi emihle.’ (Efe. 5:1; Thithu 2:14) Njengoba uJehova ekufanelekela ukuba simenzele okungcono kakhulu futhi njengoba isifiso sokuthola imiphumela siwuphawu lomuntu okhuthele, kufanele sibe nesithakazelo sokwenza umsebenzi omuhle enkonzweni. Yiqiniso, uJehova wazisa noma ikuphi ukuzidela esimenzela khona, futhi umsebenzi wethu awubi yize neze. (1 Kor. 15:58) Ngakho, ngezinhliziyo ezibongayo, masizikhandle enkonzweni yentshiseko ngo-April, siqiniseka ngokuvunyelwa uJehova nangesibusiso sakhe nempumelelo ecebile!