Ukusakaza Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
1 UJehova “ofundisa abantu ukwazi.” (IHu. 94:10) Usisebenzisela ukusakaza ulwazi ngaye olusindisa ukuphila kulabo abangayazi indlela yokumkhonza ngokwamukelekayo. Incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade iyithuluzi elihle lokufundisa abantu abaqotho abangazuza ngalo ukuqonda okunembile kukaNkulunkulu okuseZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. (1 Thim. 2:3, 4) Indlela ecacile nenengqondo lencwadi ethi Ulwazi elichaza ngayo iqiniso izosiza abantu ukuba baqonde lokho uJehova afuna ukubafundisa khona. Kulenyanga sifuna ukuhilela abantu ezingxoxweni ezizobenza bafune ukuyifunda lencwadi. Nakhu okunye ukusikisela. Kunokuba uzame ukukubamba ngekhanda, zama ukusho amaphuzu ayisihluthulelo ngamazwi akho nangendlela yokuxoxa engokwemvelo.
2 Njengoba abantu abaningi beye balahlekelwa othandekayo wabo ngokufa, ungaxhuma indaba yovuko engxoxweni ngokuqale usho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Abaningi bethu baye balahlekelwa othandekayo ngokufa. Ingabe wake wazibuza ukuthi usayoke uphinde ubabone yini? [Lindela impendulo.] Ukufa kwakungeyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu yokuqala ngomuntu. UJesu wabonisa ukuthi abathandekayo bethu bangakhululwa ekufeni. [Funda uJohane 11:11, 25, 44.] Ngisho noma lokhu kwenzeka emakhulwini eminyaka adlule, kubonisa lokho uNkulunkulu athembise ukusenzela khona. [Vula incwadi ethi Ulwazi emfanekisweni osekhasini 85 bese ufunda amazwi awuchazayo. Yibe usumbonisa umfanekiso osekhasini 86 bese uwukhulumela.] Uma ungathanda ukufunda okwengeziwe ngaleli themba eliduduzayo lovuko, ngingathanda ukukushiyela lencwadi ngomnikelo ka-R3,50.”
3 Ngemva kwengxoxo yokuqala emayelana nethemba lovuko, ungaqala ingxoxo elandelayo nalowo muntu ngalendlela:
◼ “Cishe uyakhumbula ukuthi ngithe ukufa kwakungeyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu yokuqala ngomuntu. Uma lokho kuyiqiniso, kungani siguga futhi sifa? Ezinye izimfudu ziphila iminyaka engaphezu kweyikhulu, futhi kunemithi esinezinkulungwane zeminyaka ikhona. Kungani abantu bephila iminyaka engu-70 noma engu-80 kuphela? [Lindela impendulo.] Sifa ngenxa yokuthi umbhangqwana wokuqala ongabantu awuzange umlalele uNkulunkulu.” Funda eyabaseRoma 5:12. Vula ikhasi 53 encwadini ethi Ulwazi bese ufunda isihloko sesahluko. Fundani izigaba ezintathu zokuqala, umbonise izimpendulo zemibuzo esencwadini. Yenza ilungiselelo lokuba ubuye nizoxoxa ngengxenye esele yesahluko. Mkhuthaze lowo muntu ukuba asale eyiqedela.
4 Uma uxoxa nomuntu obonakala eshisekela inkolo, ungase uthi:
◼ “Kunamakhulu ngamakhulu ezinkolo ezihlukahlukene namuhla. Zifundisa zonke izinhlobo zezinkolelo ezingqubuzanayo. Abanye abantu bathi zonke izinkolo zilungile futhi akwenzi mehluko ukuthi yini esiyikholelwayo. Uyini umbono wakho? [Lindela impendulo.] UJesu wafundisa ngenkolo yeqiniso futhi wabonisa ukuthi ezinye izinhlobo zokukhulekela azamukeleki kuNkulunkulu. [Funda uMathewu 7:21-23.] Uma sifuna ukujabulisa uNkulunkulu, kufanele simkhulekele ngokuvumelana nentando yakhe.” Vula incwadi ethi Ulwazi esahlukweni 5, funda isihloko, bese umbonisa ezinye zezihlokwana. Mchazele ukuthi lokhu kwaziswa kuzomsiza ukuba afunde ukuthi angamjabulisa kanjani uNkulunkulu. Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R3,50.
5 Abantu abadidekile ngenxa yezinkolo eziningi kangaka bangase bayazise impendulo yalombuzo lapho uphinda ubahambela:
◼ “Njengoba kunezinkolo eziningi kangaka namuhla, singabona kanjani ukuthi iyiphi elungile? Yini obuyoyibheka? [Lindela impendulo.] UJesu wasitshela ukuthi siyobabona kanjani abalandeli bakhe beqiniso.” Funda uJohane 13:35. Cabangela izigaba 18 no-19 esahlukweni 5 sencwadi ethi Ulwazi. Phawula ukuthi ngokusebenzisa lezi ziqondiso ezingokomBhalo kanye nenqubo yokuhlunga, umuntu angakwazi ukubona inkolo yeqiniso. Landisa indlela oFakazi BakaJehova abaziwa ngayo emhlabeni wonke ngothando lwabo oluqotho nezindinganiso eziphakeme zokuziphatha. Chaza indlela ukufunda iBhayibheli, usebenzisa incwadi ethi Ulwazi, okuyoyichaza ngayo ngokucacile indlela yokukhulekela evunyelwa uNkulunkulu.
6 Uma uthola umzali, lendlela ingase isebenze:
◼ “Usuku ngalunye sizwa imibiko ephathelene nokuba imidlwembe kwentsha ebonakala ingenazo nhlobo izimiso zokuziphatha. Abanye abantu abadala bafuna ukusola isikole ngokungafundisi kwaso izingane umehluko phakathi kokuhle nokubi. Ucabanga ukuthi ubani okufanele anikeze lokhu kuqeqesha? [Lindela impendulo.] Lalela lokho iBhayibheli elikushoyo kulombuzo. [Funda eyabase-Efesu 6:4.] Lokhu kusitshela ukuthi ukugxilisa izimiso zokuziphatha ezinganeni kuwumthwalo wemfanelo wabazali.” Vula incwadi ethi Ulwazi ikhasi 145, funda isigaba 16, bese ukhulumela imifanekiso esekhasini 147. Chaza ukuthi lencwadi iklanyelwe ukuba ifundwe umkhaya wonke. Usebenzisa izigaba 17 no-18 ekhasini 146, sikisela ukumbonisa indlela esisiqhuba ngayo lesi sifundo nemikhaya.
7 Uma ekuhambeleni kokuqala waqala isifundo nomzali okhathazekile, ungaqhubeka naso lapho wenza impindelo ngokuba uthi:
◼ “Izwe lanamuhla linezinto eziningi elifuna ukuheha ngazo intsha yethu. Lokhu kwenza kube nzima kakhulu ngayo ukuba ikhule yesaba uNkulunkulu. Mhlawumbe uyakhumbula ukuthi engxoxweni yethu yesikhathi esidlule, sakhuluma ngezimiso ezimbili. Njengabazali abesaba uNkulunkulu, kudingeka sibekele izingane zethu izibonelo ezinhle, futhi kudingeka sizibonise njalo uthando lwethu ngazo. Kukhona okunye iBhayibheli elithi izingane ziyakudinga kubazali bazo.” Funda izAga 1:8. Vula ikhasi 148 encwadini ethi Ulwazi bese uqhubeka nesifundo, uhlanganise izigaba 19-23. Sikisela ukuphinde ubuye nizofunda nomkhaya wonke, niqale esahlukweni 1.