Wake Wakuzama Yini Ukufakaza Kusihlwa?
1 Sonke siyakujabulela ukuthela izithelo emsebenzini wethu. Ngakolunye uhlangothi, lapho singayiboni imiphumela emihle, umsebenzi ungaba isicefe futhi ungalethi ukwaneliseka. Umsebenzi onenjongo uwumvuzo kowenzayo, nesibusiso. (Qhathanisa nomShumayeli 3:10-13.) Lesi simiso singasisebenzisa emsebenzini wethu wokushumayela. Sazi kokuhlangenwe nakho kwethu ukuthi lapho siya endlini ngendlu futhi sikwazi ukuxoxa nabantu ngeBhayibheli, siphindela ekhaya siqabulekile ngokomoya. Siba nomuzwa wokuthi sifeze okuthile ngempela.
2 Kwezinye izindawo kuye kwaba nzima kakhulu ukuthola abantu emakhaya phakathi namahora athile osuku. Imibiko ibonisa ukuthi ezindaweni eziningi amaphesenti angaphezu kuka-50 abantu awatholakali emakhaya lapho sibahambela ekuseni. Amabandla amaningi aye abhekana nalenkinga ngokwenza amalungiselelo okufakaza kusihlwa, futhi aye aba nempumelelo enhle. Abamemezeli babika ukuthi lapho beya ntambama, abantu abaningi basuke sebesemakhaya, futhi ngokuvamile abantu bayakhululeka futhi bathambekele kangcono ekulaleleni isigijimi soMbuso. Wake wakuzama ukufakaza kusihlwa ensimini yenu?—Qhathanisa noMarku 1:32-34.
3 Abadala Bahlela Ukufakaza Kwakusihlwa: Kwezinye izindawo imihlangano yenkonzo yasensimini yantambama noma kusihlwa iye yasekelwa kahle. Kungacatshangelwa abamemezeli abancane abaphuma ntambama esikoleni kanye nabantu abadala abangasheshi ukushayisa emsebenzini. Abanye abamemezeli abangakwazi ukuya enkonzweni yasensimini ngezimpelasonto bathola ukuthi ukufakaza kusihlwa phakathi nesonto kuyindlela eyinzuzo kubona yokuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela.
4 Kunemisebenzi eminingi ongayenza ekufakazeni kusihlwa. Ungafakaza endlini ngendlu ngomagazini noma usebenzise incwadi eyisipho senyanga. Isikhathi sakusihlwa siyisikhathi esihle sokuhambela abantu abebengekho emakhaya lapho abamemezeli bebahambele emini noma ngezimpelasonto. Kungase futhi kube nensimu enhle yokufakaza emgwaqweni, eyenza ukwazi ukukhuluma nabantu ababuya emsebenzini. Abaningi bathola ukuthi isikhathi sakusihlwa singcono kakhulu ekwenzeni izimpindelo kulabo abaye babonisa isithakazelo.
5 Qapha Futhi Uhlakaniphe: Ukuhamba sekuhwalele kungase kube yingozi kwezinye izindawo. Kungaba ukuhlakanipha ukuhamba ngababili noma ngamaqembu emigwaqweni enezibani futhi nihambele amakhaya noma amabhilidi anesiqinisekiso sokuthi nizolondeka. Lapho ungqongqoza emnyango, yima endaweni ongase ubonakale kuyo, bese uzichaza kahle. Funda isimo. Lapho uqaphela ukuthi ufike ngesikhathi esingesihle, njengalapho umkhaya udla, sikisela ukuphinde ubuye ngesinye isikhathi. Ngokuvamile kungcono kakhulu ukufakaza ntambama, kunasebusuku, lapho abaninikhaya sebelungela ukuyolala.
6 Sinikhuthaza kakhulu nonke ukuthi noma nini uma kunokwenzeka nisekele imisebenzi yokufakaza kusihlwa. Njengoba sinikela kuNkulunkulu “inkonzo engcwele imini nobusuku,” ngokuqinisekile uJehova uyoyibusisa imizamo yethu.—IsAm. 7:15.