Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/97 k. 2
  • Kungani Silokhu Siphindela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Silokhu Siphindela?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qhubekani Nishumayela UMbuso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Isizathu Esenza Sibuyele Njalo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Kungani Siqhubeka Sishumayela?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Qhubeka Ushumayela!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
km 5/97 k. 2

Kungani Silokhu Siphindela?

1 Wake wazibuza yini lowo mbuzo, mhlawumbe lapho ulungiselela ukusebenza usuku enkonzweni? Kwezinye izindawo lapho insimu isetshenzwa khona ngokuphindaphindiwe, abaninikhaya bangase basiqaphele ukuthi singobani futhi basixoshe ngokushesha. Bambalwa abangase basabele kahle. Nokho, kunezizathu eziningi ezinamandla ezisenza ukuba silokhu siphindela.

2 Okokuqala nje, siyalwa ukuba siqhubeke sishumayela isigijimi soMbuso kuze kufike isiphelo. (Math. 24:14; 28:19, 20) Umprofethi u-Isaya wazibuza ukuthi engabe kuzodingeka aqhubeke isikhathi esingakanani nomsebenzi wakhe wokushumayela. Impendulo ayithola iku-Isaya 6:11. Akungabazeki—watshelwa ukuba alokhu ephindela kubantu ngesigijimi sikaNkulunkulu. Kungokufanayo nanamuhla, ngisho noma bengasixosha, uJehova ulindele ukuba siqhubeke siya kubantu abahlala ensimini yethu. (Hez. 3:10, 11) Lona umthwalo wemfanelo ongcwele esiye sawuphathiswa.—1 Kor. 9:17.

3 Esinye isizathu sokuba silokhu siphindela wukuthi lokhu kusinikeza ithuba lokubonisa ukujula kokuzinikela kwethu kuJehova. (1 Joh. 5:3) Ngaphandle kwalokho, uma sicabanga ngalokho ikusasa eliseduze elikuphathele isintu, singazibamba kanjani ukuba ngothando sizame ukuxwayisa omakhelwane bethu? (2 Thim. 4:2; Jak. 2:8) Ukuthembeka kwethu ekufezeni isabelo sethu kubanikeza amathuba amaningi okusabela esigijimini sikaNkulunkulu sensindiso, ukuze bangasho ukuthi abaxwayiswanga.—Hez. 5:13.

4 Ngaphezu kwalokho, ngeke sazi ukuthi izinhliziyo zabanye abantu ziyoshintsha nini. Ukushintsha kwazo kungase kubangelwe ukushintsha kwezimo zabo, inhlekelele eyehlele umkhaya wabo, noma izimo zezwe ezibabangela ukuba bacabange ngokujulile ngekusasa labo. Kanti futhi esikushoyo ezindlini zabo kungase kubangele ukuba basabele kahle. (umSh. 9:11; 1 Kor. 7:31) Kanti okunye abantu bayathutha. Singase sithole izakhamuzi ezintsha ensimini yethu eziyosabela ezindabeni ezinhle—mhlawumbe abantu abasha asebezimele asebehlala bodwa futhi asebecabanga ngokungathi sína ngenjongo yabo ekuphileni.

5 Ingabe sizoqhubeka siphindela? Yebo! ImiBhalo isinikeza isizathu esanele sokuphindela kubantu ngokuphindaphindiwe. Ekugcineni, lapho umsebenzi wokushumayela usuphelile, uJehova uyosibusisa ngomzamo wethu oqhubekayo enkonzweni, futhi uyobabusisa abaye basabela ngokwazisa ezindabeni ezinhle zoMbuso.—1 Thim. 4:16.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela