Isimiso Esisha Somhlangano Wesifunda
Isihloko sesimiso somhlangano wesifunda wezinsuku ezimbili esiyoqala ngo-September siyothi “Ukugcina Usuku LukaJehova Luseduze Engqondweni.” (2 Pet. 3:12) Siklanyelwe ukuba sisenze sibe nomuzwa wokuphuthuma. Izakhamuzi zomhlaba kungekudala zizobhekana nezahlulelo zikaJehova. Obani abayosinda ‘osukwini olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla Onke’? Yilabo abahlala bephapheme ngokomoya kuphela futhi abandlela yabo yokuphila ‘ingeyezenzo zokuziphatha ezingcwele nezokuhlonipha uNkulunkulu.’—IsAm. 16:14; 2 Pet. 3:11.
Ubhapathizo lubalulekile ukuze umuntu asinde ngosuku lukaJehova. (1 Pet. 3:21) Abamemezeli abafisa ukubhapathizwa emhlanganweni kufanele batshele umbonisi owengamele, oyokwenza amalungiselelo adingekayo.
Uchungechunge olunezingxenye ezine, oluthi “Uhlobo Lwabantu Okufanele Sibe Yilo,” luyobonisa ngokucacile ukuthi yiziphi izenzo ezihilelekile ekugcineni ukuba khona kosuku lukaJehova kuseduze ezingqondweni. Inkulumo yeningi, ethi “Yenza Ngokuhlakanipha Njengoba Usuku LukaJehova Lusondela,” iyochaza ukuthi kusho ukuthini ‘ukufuna uJehova, ukulunga, nokuthobeka,’ ukuze sisinde.—Zef. 2:3.
Umhlangano wesifunda uyophetha ngezinkulumo ezimbili ezishukumisayo eziyonikezwa ababonisi abajikelezayo, enesihloko esithi: “Ingabe Ukuphila Kwakho Kugxile Eqinisweni?” nethi “Ukuhlela Kusengaphambili Ucabanga Ngosuku LukaJehova.” Lezi zinkulumo ziyosishukumisela ukuba sihlole ukuphila kwethu futhi senze noma ikuphi ukulungisa okudingekayo. Isiprofetho seBhayibheli kanye nezenzakalo zezwe kubonisa ngokusobala ukuthi usuku lukaJehova luseduze. Lesi simiso somhlangano siyosikhuthaza ukuba ‘sihlale sisangulukile futhi silindile.’ (1 Pet. 5:8) Yenza amalungiselelo aqondile okuba khona ngazo zombili izinsuku.