“Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?”
1 Umyalezo omuhle, oshukumisayo nothinta inhliziyo uzomenyezelwa emhlabeni kabanzi ngezilimi ezingu-169. Uthini lomyalezo? Futhi uzomenyezelwa kanjani?
2 Lomyalezo umayelana nothando ngomakhelwane. Uzotholakala kuyi-Kingdom News No. 35, enesihloko esithi “Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?” Le-Kingdom News ibukeza kafushane izimo ezikhona emhlabeni wonke namuhla, ibonise ukuthi imbangela eyinhloko yobuhlungu obungaka ukuntuleka kothando kubantu. Ichaza ukuthi kungani, ikakhulu osukwini lwethu, uthando ngomakhelwane luye lwaphola nokuthi lokhu kusho ukuthini ngesikhathi esizayo.
3 Ngesikhathi esifanayo, le-Kingdom News No. 35 iveza ukuthi uthando lweqiniso ngomakhelwane lukhona phakathi kwezigidi eziphila kulelizwe lanamuhla. Igagula labo abanengxenye ekuvuseleleni ubuKristu bakudala—ukukhulekela kwekhulu lokuqala, okwakuphawulwa uthando ngomakhelwane njengoba uJesu Kristu afundisa.—Luka 10:25-37.
4 I-Kingdom News No. 35 iphetha ngokuchaza indlela lonke izwe lesintu ngokushesha elizobonisa ngayo uthando ngomakhelwane ngaphansi kokuphatha koMbuso kaNkulunkulu ngoKristu. Labo abafunda lomyalezo bakhuthazwa ukuba bazitholele incwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? futhi bafunde ukuthi bangaba kanjani ingxenye yaleli lungiselelo lothando lomhlaba wonke elichazwe ngokuningiliziwe eZwini likaNkulunkulu.
5 Obani Abayosakaza Lomyalezo? OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bazobe behlanganyela lomyalezo wothando ngomakhelwane nabantu ababajwayele, omakhelwane nezihlobo phakathi nenyanga ka-October no-November. Bonke abafanelekayo bakhuthazwa ukuba bahlanganyele ekusakazeni obala le-Kingdom News No. 35.
6 Umgomo oyinhloko walomkhankaso ukuvusa isithakazelo sabantu ukuba babe nesifundo seBhayibheli ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma ethi Ulwazi. Ngaphezu kwalokho, umzamo wenhliziyo yonke wenceku kaJehova ngayinye uyonikeza ubufakazi obuhle ngoNkulunkulu wothando uJehova, neNdodana yakhe, uJesu Kristu.