IBhayibheli—Isiqondiso SikaNkulunkulu Sabo Bonke Abantu
1 Kuye Kwanyatheliswa Amabhayibheli Alinganiselwa Ezigidini Eziyizinkulungwane Ezine Ngezilimi Ezinkulu Nezincane Ezingaphezu Kuka-2100, Okwenza Izwi Likankulunkulu Litholakale Kubantu Bomhlaba Abangamaphesenti Angaphezu Kuka-90. Nokho, Emhlabeni Kunendlala ‘Yokuzwa Amazwi Kajehova.’ (Amose 8:11) Abantu Abaningi Abanebhayibheli Kungenzeka Abalifundi Noma Abakuqondi Okukulo. Singabakhuthaza Kanjani Ukuba Basebenzise Ibhayibheli Njengesiqondiso Esiwusizo Ekuphileni Kwabo?
2 Ngo-december Sizohambisa Incwadi Ethi Ibhayibheli—izwi Likankulunkulu Noma Elomuntu? Kanye Ne-nguqulo Yezwe Elisha Yemibhalo Yamakristu Yesigreki Ngomnikelo Ka-r8,00. Sinikwe Imvume Ekhethekile Yokuhambisa Inguqulo Yezwe Elisha Yemibhalo Yamakristu Yesigreki Ngezilimi Zendawo Ezinhlanu Ngenani Elincishisiwe Lika-r4,00. Sonke Sikhuthazwa Ukuba Siyihambise Ngawo Wonke Amathuba Afanele. Lokhu Kungenziwa Ngokubonisa Ulimi Lwayo Olucacile Lwanamuhla. (Bheka incwadi ethi “Yonke ImiBhalo,” ikhasi 328, isigaba 6.) Sizobonisa Isithakazelo Sethu Esijulile Ngalesi Sipho Esivela Kujehova Ngokubasiza Ngentshiseko Abanye Ukuba Bamukele Ibhayibheli Njengesiqondiso Sikankulunkulu Sabo Bonke Abantu.
3 Ungethula intshumayelo yakho ngokusebenzisa ipheshana elithi “Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli.” Ungase uthi:
◼ “Nakuba abantu bomhlaba abangamaphesenti angaphezu kuka-90 belithola iBhayibheli, bambalwa abantu abalifunda njalo. Ucabanga ukuthi kubangelwa yini?” Funda izigaba ezimbili zokuqala zepheshana kanye neyesi-2 Thimothewu 3:16. Hambisa ImiBhalo YamaKristu YesiGreki kanye nencwadi ethi Izwi LikaNkulunkulu ngomnikelo ka-R8,00. Uma incwadi yenqatshwa, cela ukuba umninikhaya azifundele ingxenye esele yepheshana. Qokomisa isihlokwana sokugcina esithi, “Ukubikezela Ikusasa.”
4 Lapho uphindela kumuntu owamshiyela ipheshana elithi “Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli,” ungase uzame lokhu:
◼ Ngemva kokuba uphinde wazazisa, funda izigaba ezimbili zokugcina zepheshana. Buza umninikhaya ukuthi wake wakucabangela yini ukuthi angaphila phakade emhlabeni. Ngemva kokuphendula, yithi: “OFakazi BakaJehova bayaqiniseka ukuthi zonke iziprofetho eziseBhayibhelini zizogcwaliseka, kuhlanganise nalezo ezibikezela ngekusasa elimangalisayo labo bonke abantu abenza ngokuvumelana nalokho uNkulunkulu akufunayo.” Mbonise umfanekiso osekhasini 13 lencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, buyela emuva esifundweni 5, bese usikisela ukuxoxa ngezimpendulo zemibuzo esohlwini olungenhla, ngaleyo ndlela uqala isifundo.
5 Ensimini enabantu abathanda inkolo, ungase uzame lesi singeniso:
◼ “Sikhuthaza ukuhlonishwa kakhudlwana kweBhayibheli. Imikhaya eminingi ineBhayibheli, kodwa ayivamile ukulihlola lapho inezinkinga ezinkulu. Ingabe uye wakuqaphela lokhu? [Lindela impendulo.] Mhlawumbe ikholelwa ukuthi iBhayibheli liphelelwe isikhathi. Lencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, inikeza ubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi iBhayibheli linembile ngokwesayensi futhi linikeza amakhambi awusizo ezinkingeni ezicindezelayo zanamuhla.” Qokomisa amaphuzu ambalwa asesahlukweni 8 noma esahlukweni 12 salencwadi, bese uyihambisa kanye neBhayibheli.
6 Uma uphindela lapho uye wahambisa khona iBhayibheli nencwadi ethi “Izwi LikaNkulunkulu,” ungase uthi:
◼ “Lapho ngikuvakashele ngesikhathi esidlule, saxoxa ngendlela iBhayibheli elisiza ngayo ekuxazululeni izinkinga ezinzima zanamuhla. Labo abaye balamukela njengeliyiZwi likaNkulunkulu baye basizwa futhi ukuba baphile ukuphila okujabulisayo nokwanelisa kakhudlwana. Ngingathanda ukukubonisa esisodwa sezimiso zeBhayibheli eziwusizo ezichazwe kuleya ncwadi engakushiyela yona.” Xoxani ngesinye sezimiso ezingokomBhalo ezitholakala esahlukweni 12, izigaba 3-6, bese uphetha ngokufunda isigaba 7. Uma lowo muntu ebonisa isithakazelo, sikisela isifundo ngencwadi Ulwazi noma ngencwajana engangomagazini ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?
7 Lentshumayelo elandelayo ingase ivuse isithakazelo kubantu asebebadala:
◼ “Kunesikhathi lapho iBhayibheli lalifundwa emakhaya amaningi futhi imikhaya iphila ngezimiso zalo. Kwakunjalo yini emkhayeni wakini? [Lindela impendulo.] Namuhla kubonakala sengathi abaningi bamatasa kakhulu ngokunye kangangokuba abakwazi ukuba nesikhathi sokufunda iBhayibheli noma banomuzwa wokuthi izimiso zalo zokuziphatha ziyisidala. Isahluko 13 salencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, sinikeza izenzakalo ezintathu ezingokoqobo zabantu abakuphila kwabo kwashintsha kwaba ngcono ngemva kokufunda iBhayibheli. Uma ungathanda ukufunda indlela amandla eZwi likaNkulunkulu abasiza ngayo, ngingakujabulela ukukushiyela yona lencwadi kanye nenguqulo yeBhayibheli efundeka kalula.”
8 Lapho uphindela, ungase uthi:
◼ “Engxoxweni yethu yangesikhathi esidlule, savumelana ngokuthi izimiso zokuziphatha zeBhayibheli zishaywa indiva emphakathini wanamuhla. Ingabe kufanele kusikhathaze lokho kunganaki? [Lindela impendulo.] UJesu Kristu wabheka ukungenisa ulwazi lweBhayibheli njengokubalulekile.” Funda uJohane 17:3. Yibe usuhlanganyela naye isigaba 5 sesahluko 1 sencwadi Ulwazi. Chaza isimiso sethu sesifundo seBhayibheli samahhala, bese usikisela ukumbonisa indlela esiqhutshwa ngayo.
9 Thandazela ukuba uJehova abusise yonke imizamo yakho yokudonsela isithakazelo eBhayibhelini—isiqondiso sikaNkulunkulu sabo bonke abantu.