Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/98 k. 8
  • Ukufakaza Kuzo “Zonke Izinhlobo Zabantu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufakaza Kuzo “Zonke Izinhlobo Zabantu”
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwethula Ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Ulwazi Oluvela KuNkulunkulu Luphendula Imibuzo Eminingi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • “Lokhu Kusho Ukuphila Okumi Phakade”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
km 6/98 k. 8

Ukufakaza Kuzo “Zonke Izinhlobo Zabantu”

1 Lapho sihlangana nabantu abanamasiko noma izizinda ezingokwenkolo ezingafani, sikhumbula ukuthi intando kaJehova “iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Ngaphandle kwamapheshana alungiselelwe ngokukhethekile kanye nezincwajana ezingangomagazini, sinezincwadi ezimbili ezinhle kakhulu ezingase zisetshenziswe nganoma isiphi isikhathi ukuze kusizwe abantu abankolo yabo ingazange ibafundise iqiniso ngoNkulunkulu noKristu.

2 Incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu isisiza ukuba siqonde imvelaphi yezinkolo zezwe ezinkulu futhi ngaleyo ndlela ingasiza abantu kuyo yonke indawo ukuba baqhathanise izinkolelo zabo nalokho okufundiswa yiBhayibheli ngowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Ngakolunye uhlangothi, ngokuqokomisa ukuphila kukaJesu Kristu, incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila ingamsiza umuntu ukuba ayazi kangcono neNdodana kaNkulunkulu futhi abe nobuhlobo obuseduze nayo, njengoba kwaba njalo ngabantu abaningi ekhulwini lokuqala leminyaka. (Joh. 12:32) Noma nini lapho kufaneleka khona, ungase uthande ukuzama ukusikisela okulandelayo kokwethula lezi zincwadi.

3 Uma ucabanga ukuthi kungafaneleka ukuhambisa incwadi ethi “Umuntu Omkhulu” kothile, ungase ubuze:

◼ “Yini efika engqondweni yakho uma ucabanga ngoJesu Kristu? [Lindela impendulo.] Izazi-mlando eziningi ziyavuma ukuthi uJesu ungumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. [Caphuna isibonelo esethulweni sencwadi ethi Umuntu Omkhulu.] IBhayibheli libonisa ukuthi ukuphila kukaJesu kwakuyisibonelo okufanele sisilandele.” Funda eyoku-1 Petru 2:21 kanye nesigaba sokuqala ekhasini lokugcina lesethulo sencwadi ethi Umuntu Omkhulu. Uma umninikhaya enesithakazelo sokufunda ngoJesu, hambisa le ncwadi ngomnikelo ka-R15,00. Ngaphambi kokuba uhambe, funda uJohane 17:3 bese ubuza, “Singalungenisa kanjani lolu lwazi oluholela ekuphileni okumi phakade?” Yenza amalungiselelo aqondile okubuya nempendulo.

4 Lapho ubuya usuzochaza ukuthi ulwazi olunikeza ukuphila lungeniswa kanjani, ungase uthi:

◼ “Ngathembisa ukuthi ngizobuya ngizokubonisa indlela esingangenisa ngayo ulwazi oluholela ekuphileni okumi phakade.” Hambisa incwadi ethi Ulwazi, futhi usebenzisa isahluko sokuqala, mbonise ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo.

5 Uma ufuna ukuhambisa incwadi ethi “Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu,” ungase ubuze:

◼ “Njengoba kunezinkolo eziningi kangaka ezihlukahlukene namuhla, wake wazibuza yini ukuthi singabona kanjani ukuthi iyiphi evunyelwa uNkulunkulu?” Ngemva kokuba esephendulile, vula incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ekhasini 377. Qokomisa iphuzu elingunombolo 7, bese ubuza umninikhaya ukuthi uyavuma yini ukuthi inkolo yeqiniso kufanele ihlanganise zonke izinhlanga zesintu. Funda omunye wemibhalo ekhonjiwe, futhi uma isikhathi sivuma, xoxani ngamanye amaphuzu asohlwini. Hambisa incwadi ngomnikelo ka-R7,50. Uma usuhamba, ungase ubuze ukuthi, “Inkolo yeqiniso kufanele ikuthonye kanjani ukuziphatha komuntu?” Hlela ukuba ubuye uzophendula lo mbuzo.

6 Lapho ubuya usuzochaza ukuthi inkolo yeqiniso kufanele ikuthonye kanjani ukuphila komuntu, ungase ubuze:

◼ “Ucabanga ukuthi inkolo kufanele ikuthonye kanjani ukuziphatha kwabantu? [Lindela impendulo.] UKristu wasinikeza indinganiso okufanele sihlole ngayo inkolo.” Funda uMathewu 7:17-20 ngokuqondile ekhasini 12 lencwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Yibe usucela umninikhaya ukuba afunde isigaba 20 emakhasini 13-14. Uma isikhathi sivuma, xoxani ngezigaba 25-9 ezisemakhasini 16-18. Lokhu kungaholela esifundweni esiqhutshwa ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma ngencwadi Ulwazi.

7 Izindlela Zokuqala Ingxoxo: Kunezinsiza-kufundisa eziningi encwadini ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ezingase zisetshenziswe njengezindlela zokuqala ingxoxo ekuhambeleni kokuqala noma empindelweni. Ungaqala ingxoxo ngokumane nje ubuze umbuzo ofanelekayo. Ngokwesibonelo, phawula le mibuzo nezihloko kanye namakhasi okuxoxwa ngazo kuwo:

“Imibuzo Edinga Impendulo”—amakhasi 17-18.

“Ingabe UJesu Wayeyinganekwane?”—ikhasi 237.

“Obani Abaloba IBhayibheli?”—ikhasi 241.

“IQur’ān NeBhayibheli”—ikhasi 285.

“Ubufakazi Bobuqiniso BeBhayibheli”—amakhasi 340-1.

Lokho OFakazi BakaJehova Abakukholelwayo”—amakhasi 356-7.

“Indlela Yokubona Inkolo Yeqiniso”—ikhasi 377.

8 Ungavula emakhasini athile encwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu bese uchaza iphuzu okuxoxwa ngalo. Yibe usuhlela ukwenza impindelo ngokubuza omunye umbuzo ongase uphendulwe ngencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? noma ngencwadi Ulwazi. Qikelela ukuba umemele umninikhaya eMhlanganweni Weningi bese umshiyela isimemo.

9 Zonke izinhlobo zabantu abanhliziyo ziqotho zifuna iqiniso ngoNkulunkulu nangoKristu. Singabasiza emsebenzini wethu wokufakaza. Ngakho-ke, masiqhubeke ‘sisebenza kanzima futhi sizikhandla, ngoba ithemba lethu silibeke kuNkulunkulu ophilayo, onguMsindisi wazo zonke izinhlobo zabantu.’—1 Thim. 4:10.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela