Ukufakaza Ngokuziphatha Okuhle
1 Emphakathini wanamuhla oyekelelayo, intsha eningi yonakalisa ukuphila kwayo ngezidakamizwa, ukuziphatha okubi, ukuvukela kanye nobudlova. Ngokuphambene nalokho, ukuziphatha okuyisibonelo kwentsha enesimilo ebandleni lobuKristu kuyaqabula ukukubona futhi ngokuqinisekile kuyathandeka kuJehova. Kuwubufakazi obunamandla obungadonsela abanye eqinisweni.—1 Pet. 2:12.
2 Okuhlangenwe nakho okuningi kubonisa ukuthi ukuziphatha okuhle kwentsha engamaKristu kuye kwaba nethonya elihle kwabayibonayo. Ekhuluma ngoFakazi osemusha ayemfundisa, uthisha watshela lonke ikilasi ukuthi uNkulunkulu wale ntombazane, uJehova, unguNkulunkulu weqiniso. Wakhuluma kanjalo ngoba njalo le ntombazane yayihlonipha. Omunye uthisha wabhalela iNhlangano, ethi: “Ngithanda ukunincoma ngentsha ekahle eninayo enkolweni yenu. . . . Intsha yenu iyisibonelo ngempela. Iyabahlonipha abantu abadala, inomusa futhi igqoka izingubo ezinesizotha. Futhi iyalazi ngempela iBhayibheli! Inkolo ngempela leyo!”
3 Omunye uthisha kwamhlaba umxhwele ukuziphatha okuhle kukaFakazi oneminyaka engu-7 ubudala ayemfundisa. Wakhangwa yilo mfana onomusa nobungane, okwakumenza ahluke kakhulu kwabanye abafana. Samhlaba umxhwele isimo sakhe sokuzithatha ngokungathi sína izinkolelo zakhe ezingokwenkolo—wayengenawo amahloni ngokuba ohlukile ngenxa yalokho akukholelwayo. Uthisha wayebona ukuthi unembeza wakhe wawuqeqeshiwe nokuthi wayekwazi “ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Heb. 5:14) Ngokuhamba kwesikhathi, umama walo mfana wavakashela uthisha, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Kamuva, uthisha wabhapathizwa futhi waba iphayona elivamile!
4 Enye insizwa yathonywa ukuziphatha okuhle komunye uFakazi eyayifunda naye esikoleni. Wayehlukile ngempela—enomusa, ekhuthele ezifundweni, futhi njalo egqoka izingubo ezinesizotha; futhi ngokungafani namanye amantombazane, wayengalokothi adlale ngothando nabafana. Le nsizwa yayibona ukuthi wayephila ngezimiso zeBhayibheli. Yambuza imibuzo ngokuphathelene nezinkolelo zakhe ezingokwenkolo futhi kwayihlaba umxhwele eyayikuzwa. Yaqala ukufundelwa, ngokushesha yabhapathizwa, futhi ekugcineni yahlanganyela enkonzweni yobuphayona nasenkonzweni yaseBethel.
5 Uma ungumKristu osemusha ofisa ukunikeza ubufakazi obuhle kwabanye, qaphela ukuziphatha kwakho ngazo zonke izindlela. Ungalokothi unciphise ukuqapha ngokukhangwa isimo sokuyekelela kwaleli lizwe, imibono yalo noma izindlela zalo zokuphila. Beka isibonelo esiphakeme endleleni okhuluma ngayo, ogqoka ngayo nozilungisa ngayo, hhayi nje lapho uhlanganyela enkonzweni yasensimini nasemihlanganweni yebandla kuphela kodwa nalapho usesikoleni futhi uhlanganyela ekuzilibaziseni. (1 Thim. 4:12) Uyojabula ngempela lapho othile eba nesithakazelo eqinisweni ngenxa yokuthi uye wenza ‘ukukhanya kwakho kwakhanya’ ngokuziphatha kwakho okuhle.—Math. 5:16.