“Ukuhlwanyela Imbewu Yombuso” Emizileni Kamagazini
1 INgoma 133 kwethi Hubani Izindumiso ZikaJehova inesihloko esithi “Ukuhlwanyela Imbewu YoMbuso.” Isekelwe emfanekisweni kaJesu ofanisa umsebenzi wokwenza abafundi nokuhlwanyela imbewu. (Math. 13:4-8, 19-23) Amazwi ale ngoma athi: “Uk’wela kwembewu yakho komuhle/Kuxhomeke kuwe njalo.” Singakuthuthukisa kanjani ukuphumelela kwenkonzo yethu? Enye indlela ingokuqala umzila kamagazini nokuwulandelela.
2 Miningi imigomo engase ifinyelelwe ngomzila kamagazini. (1) Ukuphindela njalo ngemva kwamasonto amabili kukwenza ukwazi ukwakha ubungane nomuntu othakazelayo. (2) Njalo unikeza lowo muntu ukwaziswa okusindisa ukuphila okutholakala kuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! (3) Ngezingxoxo zenu ungasiza lowo muntu ukuba akhe ukulangazelela iqiniso elingokomBhalo, okungaholela esifundweni seBhayibheli.—1 Pet. 2:2.
3 Indlela Yokuqala Umzila Kamagazini: Noma nini lapho umuntu ebonisa isithakazelo kumagazini, mchazele ukuthi kumagazini ngamunye kuba nezihloko ezinhle kakhulu futhi uyokujabulela ukumlethela bona njalo ngemva kwamasonto amabili. Lapho usuhambile, bhala igama nekheli lalowo muntu, usuku okade uye kuye ngalo, izinyanga zomagazini obahambisile, isihloko owasiqokomisa kanye nezindaba lowo muntu aba nesithakazelo kakhulu kuzo.
4 Ungaqala umzila ngabantu abambalwa nje kuphela. Yibe ususebenzela ukuwandisa ngokunezela abanye obahambisela omagazini. Njengoba umzila wakho ukhula, ungawuhlela ngokwamasimu, ukuze kube lula ukubafinyelela bonke abasemzileni. Gcina umbhalo omuhle wokuthi yibaphi omagazini obahambise ekuhambeleni ngakunye nokuthi wabahambisa nini. Bhala okuthile ngokuphathelene nezingxoxo zenu nangokuthi ungasikhulisa kanjani isithakazelo salowo muntu eqinisweni lapho umhambela ngokulandelayo.
5 Hlanganisa Abantu Bezamabhizinisi Nabafundile: Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi abaninizitolo nabanye abantu abafundile bangabathatha njalo omagazini bethu. Omunye umdala wayenomphathi-dolobha emzileni wakhe kamagazini. Ummemezeli othile waqala isifundo nomnikazi wenkampani yezinto zokwakha oneminyaka engu-80 ubudala ngemva kokumlethela omagazini njalo iminyaka eyishumi!
6 Udade oyiphayona wangena esitolo futhi wathola umbhangqwana ongazange umamukele ngemfudumalo. Nokho, njengoba babebamukele omagazini, wanquma ukuwufaka lo mbhangqwana emzileni wakhe kamagazini. Ngokuhamba kwesikhathi, lo dade wacabanga ukuwuyeka lo mbhangqwana ngenxa yokuthi wawungenabungane neze futhi wawungasho lutho nje, ngisho nalapho ewubuza umbuzo ofuna umbono. Kodwa udade wathandaza ngale ndaba futhi kamuva wawuhambisela incwadi ethi Ungaphila Phakade. Ngemva kokuyifunda, inkosikazi yababaza: “Ekugcineni, ngilitholile iqiniso!” Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, futhi kamuva lo mbhangqwana wabhapathizwa. Ukuphikelela kwaleli phayona kwaba nezithelo ezinhle ngempela.
7 Ukwenza Izimpindelo: Uma uthola umagazini omusha, funda zonke izihloko. Bheka amaphuzu azokhanga umuntu ngamunye osemzileni wakho. Khona-ke, lapho uphindela, ungase uthi: “Lapho ngifunda lesi sihloko, ngicabange ngawe ukuthi kungenzeka sikuthakazelise.” Abamemezeli babo bonke ubudala bangakujabulela ukuba nomzila kamagazini. Ngisho nengane encane ingase ithi: “Ngiyajabula ukuphinda ngikubone. Omagazini bakho bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! sebefikile. Ngicabanga ukuthi uzosithanda lesi sihloko esithi . . .”
8 Vusa isithakazelo ezihlokweni ezilandelayo ngokubhekisela ebhokisini elithi “Kumagazini Olandelayo.” Uma kunezihloko eziwuchungechunge, mtshele bese umkhuthaza umfundi ukuba angaphuthelwa nangesisodwa sazo. Ungakhohlwa ukuthi njalo uma udiliva omagazini kumuntu osemzileni wakho kamagazini, ubika impindelo. Futhi ngaphezu kwakho konke, khumbula ukuthi umgomo wethu ukuthuthukisa lezi zimpindelo ukuze zibe izifundo zeBhayibheli.
9 Phindela Kubantu Abasemzileni Wakho Njalo Ngezikhathi Ezimisiwe: Ungaya kubantu abasemzileni wakho kamagazini nganoma isiphi isikhathi esifanele—ekuseni phakathi nesonto, ntambama, kusihlwa, noma ngempelasonto ngemva komsebenzi wendlu ngendlu. Uma ungase ungakwazi ukuya kubantu abasemzileni wakho kamagazini ngenxa yokugula noma ngenxa yokuya eholidini, cela omunye ummemezeli osemkhayeni wakho noma ebandleni ukuba akudilivele lab’omagazini. Ngaleyo ndlela, labo abasemzileni wakho kamagazini bayothola omagazini babo ngesikhathi.
10 Enye indlela yokuhlwanyela imbewu yoMbuso iwukubalethela INqabayokulinda ne-Phaphama! njalo labo abasemzileni wakho kamagazini. Njengoba ubafundisa iqiniso elingokomBhalo, bangase bawuthole umqondo wezwi loMbuso futhi ekugcineni bathele izithelo zoMbuso kanye nawe.—Math. 13:8, 23.